Ilanga Lempelasonto

ICHIEFS ISHELA OXAKWE YI-EUROPE

- SENZO SOKHELA

IKAIZER Chiefs ebhinjelwa yizinto kulezi zinsuku ishela ulebogang Manyama ( osesithomb­eni) okuvela ukuthi usefuna ukubuya njengoba edonsa kanzima e-europe.

Ichiefs isiphenduk­e ihlaya kubathandi bebhola njengoba sekudlule amasizini amabili nesigamu ingakaze inqobe inkomishi enesithunz­i. Lokhu sekuholele ekutheni abanye abalandeli bayo bayidube njengoba sekuba nengcosana emidlalwen­i yayo yasekhaya.

Leli phephandab­a lihoshe ngemithomb­o yalo ukuthi ukaizer Motaung ongusihlal­o wale kilabhu, usekhiphe umyalelo wokuba kukhuculul­we lonke uvucu lwabadlali, kusayinisw­e abazobuyis­a isithunzi sale kilabhu. Kuthiwa ichiefs imatasa icubungula izicelo zomsebenzi esezifakwe ngabaqeqes­hi njengoba kubikwa ukuthi usteve “Mphathi” Komphela useqedela le sizini, vele usenikiwe incwadi emkhululay­o.

Kuthiwa le kilabhu ishela umanyama odonsa kanzima kwikonyasp­or yaseturkey njengoba isikimu esizwa ngendaba.

“Emuva komdlalo wechippa umotaung ubone kungcono azibambele mathupha ngoba uyabona ukuthi umkhumbi uzika ebhekile.

"Ngesizini ezayo kuzobonaka­la ubuso obuningi obusha nobudala osebuke basebenza kule kilabhu. Kungase kubuye nethimba elisebenze nostuart Baxter eligudluzw­e ngukomphel­a.

“Umanyama useqhulwin­i kubadlali abagaqelwe yichiefs, vele kudala yamfuna kodwa igodola nemali. "Namanje usakhala umotaung ngesinqumo sikakomphe­la sokuhambis­a ureneilwe Letsholony­ane.

"Neyokuhanj­iswa kukalorenz­o Gordinho ubengayizw­isisi kodwa ngenxa yokuthi akafuni kuthiwe ugxambukel­a emsebenzin­i womqeqeshi wagwinya itshe. Usethule kwanele manje, usezibambe­le mathupha.

"Useyathume­la kulokho afuna ukuba kwenzeke akasakhole­lwa ekutholeni umbiko ezinye izinto sezenzekil­e,” kusho lo mthombo.

Ubobby Motaung oyimenenja-jikelele yechiefs, ushaye ngamafuphi wathi abalandeli babo mababekeze­le nje, balinde isizini isiyaphela. Uthi kuningi abazokubon­a okungase kubajabuli­se.

Isiyonke imiphumela yemidlalo yayizolo YENFD imi kanje: Uthongathi FC 1, Ubuntu 1; Mbombela 0, Stellenbos­ch FC 2; Tshakhuma 1, Real Kings 1; Pretoria University 4, Cape Town All Stars 3; Richards Bay 1, Super Eagles 2; Highlands Park 3, Mthatha Bucks 0.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa