Ilanga Lempelasonto

Kwembulwa kwembeswa kowe-avante

Ulinda uxinwe wukugula, kwaphazami­seka izinhlelo zeqembu

- LUCKY CAIN lucky.cain@ilanganews.co.za

KUBAMBEKE insika yeqembu elidumile lomculo wokholo, i-avante.

ILANGA Langesonto lithole ukuthi isimo asisihle neze kulinda Gcwensa oyilungu eliqavile le-avante. Ukuxineka kwakhe, sekunesikh­ashana, kubikwa ukuthi sekuze kwaphazami­sa nezinhlelo zaleli qembu njengoba kwaziwa ukuthi uhamba phambili ngisho nasezingom­eni eziningi zalo. Ukubambeka kukalinda kuqiniseki­swe ngelinye ilungu laleli qembu, ulucky Cele, washo nokuthi impela baphazamis­ekile ngalesi simo. Nakuba isimo kuthiwa asisihle kodwa ulucky uthe uzakwabo uyelulama, uphumile esibhedlel­a ngomgqibel­o wesonto eledlule. Uphinde wakuqinise­kisa ukuthi ulinda uxinwe yisifo sezinso, usanda kuhlinzwa esibhedlel­a. “Ukuhlinzwa kwakhe kube yimpumelel­o. "Okwamanje sizomnika isikhathi alulame ngokugcwel­e ngaphambi kokuba abuyele emsebenzin­i weqembu,” kusho ulucky. Uvumile ukuthi impela ulinda uyinsika yeqembu njengoba edlala indima enkulu eqenjini futhi kunguye ohamba phambili ezingomeni eziningi ze-avante. Ulucky uphinde wagcizelel­a ukuthi ukugula kukalinda kubaphazim­ise kakhulu njengoba bekukuning­i abebekuhle­lile kulo nyaka okubalwa nokukhipha i-albhamu nokuhambel­a izindawo ezahlukene. “Siphazamis­ekile kakhulu kodwa akukho esingakwen­za ngaphandle kokwamukel­a, simbeke emthandazw­eni alulame ngokugcwel­e ngoba siyamdinga kakhulu,” esho.

I-avante inamalungu amahlanu okubalwa kuwo yena ulinda, ulucky, ujames Langa, usibonelo Dlamini nosizwe Mtambo.

Kuzokhumbu­leka ukuthi usibonelo nosizwe basanda kulijoyina leli qembu njengoba bese kusele abathathu (Linda, Lucky nojames) ngemuva kokudlula emhlabeni kukabongan­i Ngcobo ngowezi-2004 nosiphiwe Khanyile odlule ngowezi-2011.

Ingelinye lamaqembu omculo wok- holo asezakhele udumo kulo mkhakha njengoba ike yahlabana ngezindond­o ezahlukene yaphinde yasebenza nenqwaba yabaculi okubalwa kubo udonell Jones, Ringo Madlingozi, Rebecca Malope, Professor nabanye abaningi. Ngonyaka owedlule leli qembu lihlonishw­e emcimbini Uvukile Gospel Festival.

Imizamo yokuthola iwele likalinda, ulindani Gcwensa iphunzile njengoba ucingo lwakhe lukhale lwangabanj­wa.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa