Ilanga Lempelasonto

KUSHONE OWESILISA ENGOZINI

-

KUSHONE owesilisa engozini enyantisay­o ebandakany­a isitimela esithwala izimpahla nemoto encane ethekwini izolo ekuseni.

Umnu Paul Herbst weIPSS Medical Rescue uthi le ngozi yenzeke ngezithuba zehora lesikhombi­sa ekuseni etete, lapho kunqamula khona izimoto emzileni wesi- timela.

Kubikwa ukuthi le moto ibihamba owesilisa osekhulile, kanti isitimela sihudule imoto abehamba ngayo ibanga elingamami­tha angama-60 ngaphambi kokuba sime.

Abezimo eziphuthum­ayo bafike eseshonile.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa