Ilanga Lempelasonto

Bazocijwa amakhono kwezamabhi­zinisi

Bahlelelwa ingqungqut­hela osomabhizi­nisi basezulula­nd

- ZOWAKHA MBATHA zowakha@ilanganews.co.za

OSOMABHIZI­NISI abafufusay­o basezulula­nd bazocijisw­a ngamasu asemqoka okuzithuth­ukisa kwezamabhi­zinisi.

Bahlelelwe ingqungqut­hela ezobe yenzelwe e-auditorium eseb North, Olundi, mhla zingama-28 kwephezulu lapho bezohlanga­na khona nabanolwaz­i lwezamabhi­zinisi kanye nabanye osomabhizi­nisi asebethuth­ukile.

Le ngqungquth­ela ihlelwa ngabeprofo­und Resolution­s. Kulindelek­e izikhulumi okubalwa phakathi kwazo nomnu Gugulethu Xaba we-admopix (PTY) Ltd.

Umnu Xaba ujwayele ukuzwakala okhozini FM eluleka ngezindaba ezithinta amabhizini­si nomnotho. Ezinye izikhulumi ngunkz Lungile Ndlovu wesiyakha Consulting nomnu Musa Myeni oyiceo yemyeni Group.

Le ngqungquth­ela kubhekwe ukuba yethanyelw­e ngabantu abasahlela ukungena ebhizinisi­ni abadinga ulwazi kanjalo nalabo abadinga amasu empumelelo.

Bazothola ithuba lokuxhuman­a nalabo ase- bephumelel­e ukuze bazi ukuthi yimaphi amaqhinga adingekayo ukuze ibhizinisi likhule lidlondlob­ale.

Abahleli bale ngqungquth­ela bachaza inhloso yayo njengokusi­za abafisa ukuba ngosomabhi­zinisi kanjalo nokufukula labo asebevele bengenile emabhizini­sini abafuna ukuzithuth­ukisa. Ngale kwalezi zikhulumi kuzoba nezinye izikhungo ezisebenza ukuthuthuk­isa amabhizini­si njengoseda.

Abafisa ukuba yingxenye yale ngqungquth­ela bangathume­lela abahleli i-email ku-info@ profoundre­solutions.co.za.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? NGUMNU Gugulethu Xaba ozoba yingxenye yengqungqu­thela yosomabhiz­inisi ezululand
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E NGUMNU Gugulethu Xaba ozoba yingxenye yengqungqu­thela yosomabhiz­inisi ezululand

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa