Ilanga Lempelasonto

UBUNZIMA BEMPILO BUFUNDISAN­A NOBUGEBENG­U IMBALA

- EZAMAFILIM­U ZOWAKHA MBATHA

CAN YOU EVER FORGIVE ME? UMQONDISI: Marielle Heller ABADLALI ABAPHAMBIL­I: Melissa Mccarthy (Lee Israel), Richard E. Grant (Jack Hock) UHLOBO: Biopic/ Comedy/ Drama IMINYAKA: 16 D/L UMHLAZIYI: Zowakha Mbatha

KUNZIMA ukuphelelw­a wushatini emsebenzin­i aziwayo amagalelo akho kuwona nozethemba­yo ngawo.

Yikho kanye lokhu okwenzeka kulee Israel ongumbhali wezincwadi ezikhuluma ngempilo yosaziwayo futhi ozithandel­a amakati.

Le filimu isuselwa kokwenzeka ngempela empilweni yalo mbhali obegqame ngeminyaka yama-70’s nama-80’s, nalapho ebhale izincwadi ngosaziway­o abafana nokatherin­e Hepburn, Estee Lauder nentatheli ebigqamile udorothy Kilgallen.

Ubhekana nenkinga lapho engasekho ofuna ukushicile­la izincwadi zakhe ngoba bethi kazishayi emhlolweni, agcine ephenduka “isela” elekelelwa ngumngani wakhe ujack osebenza ngezidakam­izwa, besebenzis­a imibhalo yabanye abantu abangasekh­o emhlabeni.

Le nkinga imehlela ngemuva kokubhala incwadi ngo-estee Lauder, agcine esengena ezikweleti­ni, ahlulwe nawutshwal­a. Untshontsh­a izincwadi ngalaba abangasekh­o bese eyazinonga ngezindaba zocansi ukuze zidayiseke ngemali ethe xaxa.

Emuva kokubanjwa, ummeli wakhe umluleka ukuba athole umsebenzi oqondile, alekelelwe ngabakwa-alcoholics Anonymous enkingeni yakhe yotshwala

 ??  ?? NGULEE Israel enobhululu wakhe ujack Hock abalingisa efilimini ethi Can You Ever Forgive Me.
NGULEE Israel enobhululu wakhe ujack Hock abalingisa efilimini ethi Can You Ever Forgive Me.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa