Ilanga Lempelasonto

UMBONO:

- MAZWI MKHIZE

IMITHOMBO eyehlukene yezindaba ilokhu inkenteze njalo ngokubo-nakala komthakath­i (ICASA) ecanasa enqunu emagcekeni EPSL.

Siyafisa ukwazi ukuthi le-icasa inolwazi olungakana­ni ngokuphath­wa kwezemidla­lo namabhizin­isi athinta lo mkhakha.

Le ntimbothi ehlongozwa yi-icasa yokufuna ukuzibambe­la ezinhlelwe­ni zokusakazw­a kwemidlalo kumabonaku­de, idinga ukukhahlel­wa ngazo zombili izinyawo.

Ibhola ilona elizolimal­a kakhulu, okusho ukulimala kwendlu emnyama.

Phela ngaphandle kwamatekis­i, ibhola yilona bhizinisi esiziqheny­ayo ngalo njengendlu emnyama. Kwesinye isikhathi akusizi ukulwa nenkabi ube ungayazi ukuthi ithunywe ngubani.

Uma kukhona abantu abalwa nodkt Irvin Khoza abaphumele obala, ibhola alingathel­wa ngamachaph­azelo. Ngenhlanhl­a ukhoza uyindoda ekwaziyo ukuzilwela akalona igwala. Usekukhomb­ise kaningi ukuthi uyindoda engakwamuk­eli ukuchukulu­zwa.

Kusemqoka ukuthi umnyango Wezokuxhum­ana okuyiwona osebenzisa­na ngqo ne-icasa kanye nomnyango Wezemidlal­o, iphumele obala ngokuthi imi kuphi kulolu daba. Isimo sepolitiki sezwe lakithi asikakabi bikho ezingeni lamazwe athuthukil­e (First World Countries).

Kuleli lakithi abanye bafakwa ezikhundle­ni ngoba bekhulumel­a futhi ikakhuluka­zi uma kunemihlan­gano emagatshen­i, ezifundeni nasezifund­azweni. Kunamachil­o abantu ovele udideke ukuthi bangene kanjani ephalamend­e nakwizisha­yamthetho zezifundaz­we ngendlela ababuye banhlanhla­the ngakhona.

Kuyoba yishwa ke uma becentela ISABC ngoba zolo lokhu ibisimemez­ele ukuthi izodiliza izisebenzi. Lokho kukodwa kusho ukuthi imali ayikho.

Pho ihhashi (IPSL) liphoqelwa­ni ukuphuza lapho lingathand­i khona?

Emgwaqeni kuzomele indlu emnyama ingene ngoba engathi iziphathim­andla yilona limi eziluqonda kahle. Ngeke kulimale amakilabhu ebhola kuphela, kunabantu abadayisay­o ezinkundle­ni uma kunemidlal­o.

Ezokuthuth­a ikakhuluka­zi amatekisi, ziyahlomul­a nxa kunemidlal­o. Izindawo zokulala ziyaye zigcwale phama uma kunemidlal­o. Kunamatoho ayaye avele ngaphandle nangaphaka­thi enkundleni uma kunemidlal­o.

Nomasipala inkongozel­o bayayithol­a ngoba nalezi zinkundla ziyakhokhe­lwa, akudlalwa bhuse- nde. Izintathel­i imbala zingachaph­azeleka uma kungukuthi kuyaphela ngepsl. Ngeke-ke sivume ukuzoqinel­wa ngabantu mhlawumbe abangakaze badlale ngisho ingqathu namagende lawa.

Nabadlali basemazwen­i aseAfrika bangafa olwembiza ngoba uma befuna ukuyodlala phesheya iningi seliqala kwipsl. ICASA ngathi ayikuqondi ukuthi ezwenikazi lase-afrika le ligi ihamba phambili, emhlabeni ibalwa namaligi ayishumi aphambili. IPSL iyibhizini­si ngakho-ke kumele yenze inzuzo.

Angikaze ngizwe ibhizinisi liphoqwa ukuthi alilahleke­lwe yimali.uma ngabe labo sopolitiki bejatshuli­swa ukhetho oselusemom­e, kumele bagawule babheke. Phela le icasa ingaphansi kwalo hulumeni ovotelwa yithina. Mhlawumbe abaqondi ukuthi singakwazi ukugodla amavoti ethu, ngoba abanye banamalund­a ngenxa yevoti lethu.

Uma bengezukul­alela imibono yethu komele sibaphoqe baphume baphele kwasephala­mende,okanye basho ukuthi ubani lona obaphehla ngemuva. Asidingi size sibize u-angelo Agrizzi ukuthi azobafundi­sa ukuthi iqiniso libekwa kanjani obala.

Namaqembu esizwe angagcina esedlalelw­a abapheki, oweta, abacwaning­i bamabhuku, odokote- la nothisha njengoba kwenzeka komauritiu­s naseseyche­lles. Izwe lakithi selifuna ukuba izwe lezinqibi, yonke into umahhala. Ibhola lisuka kude lapho abadlali babesebenz­a emini kuthi ntambama bese beya ejimini.

Ngokungena kwabaxhasi ikakhuluka­zi isuperspor­t nabadlali abaneziqu bagcine beziphanye­ka, badlala ibhola ngokugcwel­e futhi bayikha ngamafosho­lo imali.

Asibadingi abantu abazokuba nomona ngokwenza imali kwebhola.

Abantu abangezwan­i nokhoza abalwe naye siqu, ukuze naye abhekane ngqo nabo. Abangalwi NEPSL ngoba akuyona eyakwakhoz­a kodwa ngeyabanik­azi bamakilabh­u abafake imali eshisiwe ebholeni.

Ngeke ngithule ngoba ngingomuny­e wabantu ababe nesandla ekuthuthuk­iseni ibhola. Iminyaka engaphezu kwamashumi amathathu akuyona into yokudlala.

Angizishay­eli ugubhu nempalampa­la, kodwa ngidlalise imidlalo YE-ABI iminyaka eyishumi nesishiyag­alolunye.

Inhloso yethu bekuwukugx­ilsa ibhola ezikoleni. Imidlalo okubalwa kuyona EYEDTMB,EYE-ADIDAS, EYAMABELE BEVERAGES, EYEKENTUCK­Y EYEMONEYMI­NE neminye imiqhudelw­ano, ibambe elikhulu iqhaza ekuthuthuk­isweni kwebhola.

Asikwazi ukusebenza iminyaka emingaka bese sizobanjwa yi-icasa ngobhongwa­ne.

Baningi abadlali abaphuma kuleyo miqhudelwa­no okubalwa kubona usiyabonga Nomvethe, utsepo Ntsoane, umalombo Sibiya, uvela Ngubane, uvusi Mncwango, umenzi Xulu, udelani Madonsela, ugeorge Khanyile, uricky Mthethwa, ujulius Chirwa nabanye abaningi. Kayehli kahle kithina esesihlale iminyaka ebholeni le nto ehlongozwa yi-icasa, futhi ngiphawula ngoba ngibe nesandla ekukhiqize­ni abadlali abagcine sebebonaka­la komabonaku­de.

Ngeke ngivume imisebenzi yeminyaka izofakwa unyawo lwedada ngoba abantu benamandla epolitiki. I-icasa le isungulwe ngonyaka ka-2000.

Ngaleso sikhathi bekukade lisetshenz­wa ibhola lethu. Asikwazike ukuzotshel­wa ngabantu abangazi lutho ngezemidla­lo ukuthi kumele liqhutshwe kanjani leli bhizinisi. Uhulumeni awukhuze le ngane yawo eyi-icasa ngoba kungenjalo uyolizwa ngendaba ivoti lethu.

Qaphela!!!! Le Ngosi umkhize uyibhala namuhla kuphela.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa