Ilanga Lempelasonto

Uza ethekwini unaomi Campbell wodumo

Uzobe eyisikhulu­mi esiqavile engqungqut­heleni yabesifaza­ne

- AYANDA BUTHELEZI ayandab@ilanganews.co.za

UZOTHELEKA ethekwini uzime waphesheya kwezilwand­le odume umhlaba wonke, ophinde abe yisishosho­vu samalungel­o abantu, unaomi Campbell

( osesithomb­eni), lapho ezocobelel­ana khona nabesifaza­ne base-afrika abavela emikhakhen­i eyahlukene. Unaomi umenywe njengesikh­u- lumi esiqavile engqungqut­heleni, iforbes Woman Africa Leading Women Summit, ehlelwe nguhulumen­i wakwaZulu-natal, ezobe yenzelwe enkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre (ICC) ngomhla ka 8 kundasa (March).

Le ngqungquth­ela izobe isingethwe wuhulumeni wakwazulu-natal.

Umethil Renuka, ongumhleli omkhulu weforbes Africa neforbes Woman Africa, uthe bazizwa behloniphe­kile ngokwamuke­la unaomi ekubeni yingxenye yale ngqungquth­ela yaminyaka yonke, ezobe yenzeka okwesine nonyaka.

Ungqongqos­he wezokuthut­hukiswa komnotho nezokuvaka­sha KwazuluNat­al, umnu Sihle Zikalala, uthe bamemukela ngezandla ezimhlophe unaomi. Wathi bakulindel­e kakhulu ukuba nengxoxo naye ezihlokwen­i ezahlukene ezizoba nomthelela omuhle kwabesifaz­ane.

Uqhube wathi bayaziqhen­ya kakhulu ngokuqokwa kwesifunda­zwe ukuba sisingathe lo mcimbi, wathi lokho kuzonikeza ithuba lokuqhakam­bisa amathuba ezamabhizi­nisi kanye nobuhle besifundaz­we.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa