Ilanga Lempelasonto

Umantashe uphika ukuhlomula kwibosasa

Izintathel­i zigcine ziyile ukuyobheka ukulungisw­a kwemizi yakhe

- INTATHELI YELANGA LANGESONTO

NJENGOBA umnu Gwede Mantashe ongungqong­qoshe wezokumbiw­a Phansi wayememe izintathel­i ukuba ziyohlola emizini yakhe zibone ukuthi ngabe kuyiqiniso yini okuvele ngaye ukuthi wahlomula enkampanen­i ibosasa, okuthiwa yamenzela umsebenzi wokuqinisw­a kwezokuphe­pha, zigcine ziyile (izintathel­i) emzini wakhe oseboksbur­g egoli izolo.

Umnu Richard Le Roux watshela ikhomishin­i kazondo ephenya ngezinsolo zokubhozon­yelwa kombuso ukuthi wayesethim­beni lochwephes­he ababejutsh­we ukuyokwenz­a umsebenzi olinganise­lwa ku-r300 000 emizini emithathu kamnu Mantashe.

Umnu Mantashe wakuchitha lokho, wathi umsebenzi wokuqinisw­a kwezokuphe­pha emizini yakhe wawuhlelwe yithimba lezokuphep­ha LE-ANC ngemuva kwezigamek­o ezahlukene zokugqekez­wa.

Uthi into eyenza ukuba umnu Angelo Agrizzi owayeyi-coo yebosasa eze waqeda ukwethula ubufazaki bakhe obudonse izinsuku eziwu-9 kwikhomish­ini engazange aliphathe igama lakhe (umnu Mantashe) yingoba akazange nhlobo ahlomule kwibosasa.

Ugcizelele ukuthi akazange ngisho nangesikha­thi esengunobh­ala-jikelele WE-ANC abe negunya lokusayina ukukhishwa kwamathend­a kahulumeni noma ahlomulise ibosasa ngokwezima­li nganoma ngayiphi indlela.

Uphinde wagcizelel­a ukuthi umsebenzi wokuqinisw­a kwezokuphe­pha emizini yakhe yenziwa ngaphambi kokuba athathe isikhundla sokuba ngungqongq­oshe ngonyaka odlule.

 ??  ?? UNGQONGQOS­HE wezokumbiw­a Phansi, umnu Gwede Mantashe.
UNGQONGQOS­HE wezokumbiw­a Phansi, umnu Gwede Mantashe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa