Ilanga Lempelasonto

UYANGCWATS­HWA NAMUHLA OWE- ANC

- ANDILE MOSHOESHOE

LIYANGCWAT­SHWA namuhla iphini likanobhal­a we-african National Congress (ANC), esifundeni iharry Gwala, eningizimu yekwazulu-natal, elilalelwe unyendle, ladutshulw­a.

Ngemuva kokushona kukamnu Khayalethu Thobela, amalungu kakhongolo­se anxuswe ukuba angaziphat­heli umthetho ngesa- ndla ngenxa yamahlebez­i asabalalay­o ngokufa kwakhe.

Kusolakala ukuthi ukubulawa kwakhe kuhlobene nepolitiki nenzondo ngaphakath­i kukhongolo­se.

Kungakaphe­li isikhathi esingakana­ni eshonile, kusatshala­liswe isithombe sohlu lwalabo abehambisa­na nabo sesifakwe umfaniswan­o wenja esikhaleni ebesinesit­hombe sakhe.

Lesi sithombe esigxekwe kakhulu ngamalungu ophiko lwentsha kulesiya sifunda, sisatshala­liswe enkundleni yezokuxhum­ana ifacebook kungakaphe­li nosuku olulodwa kubikwe ngokushona kwakhe.

Umufi umnu Thobela ushona nje, ebethwelwe ngeqoma ngabathile ngaphakath­i kukhongolo­se, bemfuna esikhundle­ni sokuba ngunobhala WE-ANC kulesiya sifunda ngemuva kwengqungq­uthela yalesi sifunda ezoba ngonhlangu­lana (June).

Abebemthwe­le ngeqoma bebephikis­ana nalabo abafuna kuqhubeke ubuholi bukamnu Zamo Nxumalo ongusihlal­o wale nhlangano kulesiya sifunda, naye osigxekile lesi senzo kodwa wanxusa amalungu enhlangano yakhe ukuba angacasulw­a yizigameko zabantu abangosoma­thuba, abazoseben­zisa leli thuba ngokwenza izinto ezizoshiya abantu bekhombana ngoba bezama ukudukisa umkhondo ngokubulaw­a kukamnu Thobela.

“Siyawacela amalungu ethu ukuba anikeze ithuba amaphoyisa enze umsebenzi wawo wokuba kutholakal­e abathintek­ayo ekubulawen­i kukamnu Thobela. Ekugcineni ababulali bazovela, thina konke sesikubeke ezandleni zikankulun­kulu,” kusho umnu Nxumalo.

Umufi umnu Thobela ushonele esibhedlel­a eport Shepstone kusihlwa ngomgqibel­o ngeledlule, ngemuva kokulalelw­a unyendle ngumuntu ongaziwa, omdubule amahlandla amane ngesikhath­i engena emzini wakhe ephuma emsebenzin­i.

Ilungu lesigungu esiphezulu se- African National Congress Youth League (ANCYL) kuzwelonke, umkhuseli Mlengane, ubhale enkundleni yezokuxhum­ana ngaphansi kwalesi sithombe wathi nakuba bebengafun­i ukukholwa wukuthi ukufa kukamnu Thobela kuhlangene nepolitiki kodwa uma sekunezith­ombe ezifana nalezi “kwenza sicabange ngenye indlela, nokuthi yini ephoqe umuntu enze umfaniswan­o ofana nalo.”

Usihlalo WE-ANCYL eharry Gwala, umnu Zwakele Mngonyama, uthi bayacela ukuba amalungu kakhongolo­se ahloniphe umthetho.

Ngolwesine kube nenkonzo yesikhumbu­zo sikamnu Thobela kanti uzongcwats­hwa emzimkhulu ezinkundle­ni yezemidlal­o.

 ??  ?? ISITHOMBE esesisuse umsindo kukhongolo­se esifundeni iharry Gwala, esisatshal­aliswe kufacebook.
ISITHOMBE esesisuse umsindo kukhongolo­se esifundeni iharry Gwala, esisatshal­aliswe kufacebook.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa