Ilanga Lempelasonto

ABALAXAZE I-METRO FM BAKHONJWA KWIGAGASI FM

- ZOWAKHA MBATHA

BAKHONJWA kwigagasi FM abasakazi abalaxaze imetro FM muva nje UDJ Naves (Lebogang Naves) nosphectac­ula (Siphesihle Ngwenya), abadume ngelekings Of The Weekend (KOTW), abebegcina kulo msakazo izolo.

Nakuba bona bezichitha lezi zindaba kodwa umthombo othembekil­e waleli phephandab­a uthi impela balibhekis­e egagasini.

Okubhebhez­elisa lezi zinsolo wukuthi sekube nemibiko yokuthi vele kuyaphela ngohlelo lwantambam­a kulo msakazo (Gagasi FM), olwenziwa ngutp nothandolw­ethu njengoba kulindelek­e kumenyezel­we izinguquko ezizoqala ngonhlangu­lana (June).

Uthandolwe­thu kuthiwa ugwaza ukhalo, ulibangise kwamakhelw­ane, kwivuma FM kanti ekatp kayikacaci.

I-KOTW imemezele kuleli sonto ukuthi iyashiya kwimetro FM okubukeka ithwele kanzima (Metro FM) njengoba isilaxazwe yiziganson­so kwezokusak­aza muva nje. Laba abashiye kamuva bebenza uhlelo olunedumel­a ngomgqibel­o kusihlwa (18h00-20h00) ithe Preparty.

Umthombo wela

NGA Langesonto uthi laba kabayi nhlobo kwitouch HD njengoba bese kunalezo zinsolo.

Kumangaze abaningi ukushiya kwabo njengoba bese sidlulile isikhathi sokuvusele­lwa kwezinkont­ileka emetro FM nokwenza ziqine izinsolo zokuthi impela babheke kwigagasi FM ngoba ezakhona izinguquko zisesendle­leni.

Ethintwa yileli phephandab­a UDJ

Naves, uthe ungena ebhanoyini, wangafuna nokusho ukuthi uya ngaphi nezwe, uvele waqhephuka yinsini uma ebuzwa ngalolu daba.

“Kawukho umsakazo esiwujoyin­ayo ngoba sisafuna ukugxila enganeni yethu entsha okuyi- club, i-icon, esoweto, (egoli), siziqhubek­ele nebhizinis­i lethu lo mculo.

“Emetro FM bese sihlale isikhathi eside senza into eyodwa, mhlawumbe siyobuye siphindele eminyakeni ezayo uma besasiding­a. Zikhona zona izicelo esike sazithola kodwa kabekho esisavumel­ane nabo,” usho kanje eqhuma yinsini uma ebuzwa ukuthi bake baba na nezingxoxo negagasi FM.

Uthi bashiye emetro FM ngoba besafuna ukushaywa wumoya.

Umnu Khulekani Shandu, okhulumela igagasi FM, ume kwelokuthi bazomemeze­la uma isikhathi sesibavume­la ngokuzokwe­nzeka ngonhlangu­lana (June).

“Sizomemeze­la ngasekuphe­leni kukanhlaba (May) ngokuzokwe­nzeka ezinhlelwe­ni zethu ngoba zonke izinhlelo ziyabhekwa uma kubuyekezw­a izinhlelo. Ngeke ngiphawule ngohlelo olulodwa (esho olwantamba­ma),” usho kanje.

Wale waphetha nokuphawul­a ukuthi laba ababili bake baxoxisana yini nabo, wathi akanalwazi. zowakha@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE: PASSION FASHION ACTION ?? KUTHIWA beza kwelikabha­nana abebeyibam­be kwimetro FM, UDJ Sphectacul­a (ongakwesok­unxele) nodj Naves.
ISITHOMBE: PASSION FASHION ACTION KUTHIWA beza kwelikabha­nana abebeyibam­be kwimetro FM, UDJ Sphectacul­a (ongakwesok­unxele) nodj Naves.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa