UWUHLABE INHLALI UMLINGISI NGOMFUNDISI WODUMO
AKATHI vu usaziwayo ngezinsolo ezibekwe umfundisi osematheni kulezi zinsuku, zokunukubeza amantombazane akhonza ebandleni lakhe.
Ukay Sibiya ongumlingisi emidlalweni kamabonakude uthi akafuni ukuphawula ngodaba lwenceku, umfu Tim Omotoso odabuka enigeria, ohola ibandla ijesus Dominion International.
Ngaphambi kokuba kubheduke lezi zinsolo ngalo mfundisi, usibiya ubebhala efaka nezithombe enkundleni yokuxhumana i-instagram, encoma lo mfundisi futhi esho amazwi akhombisa ukuthi umhlonipha futhi usondelene kangakanani naye.
Le mibhalo ibikucacisa ukuthi umfu Omotoso uyindoda ayikhonzile futhi abukela kuyo. Eminye yemibhalo ayifakile ifundeka kanje: "Baba wami, melusi wami, qhawe lami konje ngingaqala kuphi. Intshisekelo yakho nenhliziyo yakho kankulunkulu ingefaniswe nalutho.
"Angikaze ngicabange ukuthi ngingasondelana ngale ndlela nonkulunkulu. Isikweletu sothando ongipha lona singakhokhwa wunkulunkulu kuphela. Ngiyakuthanda mnumzane, uyindoda engithandazela ukufana nayo ngelinye ilanga. Usuku oluhle lokuzalwa, sengathi unkulunkulu angakwandisela eminye iminyaka.”
"Le ndoda yakholelwa kimina ngesikhathi ngizibona ngingelutho. Uyithemba futhi ungumuntu engibukela kuyena ngoba uyangikhuthaza empilweni. Melusi wami nobaba wami ngokomoya....”
"Amazwi ngeke akwazi ukusho engikuzwa ngaphakathi, ukubonga nothando enginalo ngawe. Usuku oluhle lokuzalwa Rev Tim Omotoso."
Ukay Sibiya ebuzwa YILANGA Langesonto ngobudlelwano bakhe norev Omotoso uthe: “Ngeke ngikwazi ukuphawula. Engingakusho nje wukuthi ngifake izithombe ngoba bekukhona izindaba ebezithi ngishiyile esontweni, okunye ngeke ngikwazi ukukhuluma ngakho,” kusho yena.
Umfu Omotoso usagcinwe ezitokisini eport Elizabeth kuze kube ufaka isicelo sebheyili okulindeleke ukuba kwenzeke maphakathi nesonto elizoqalwa enkantolo yemantshi eport Elizabeth.