Ilanga Lempelasonto

KUYAVALWA UKUNGENELA OWEZINDOND­O ZAMAFILIMU

- ZOWAKHA MBATHA zowakha@ilanganews.co.za

AKUSENSUKU zatshwala kuvalwe ukungenelw­a komncintis­wano wezamafili­mu obizwa ngokuthi yisimon Mabhunu Sabela Film Awards.

Usuku olungumnqa­mulajuqu lokungenel­a lo mncintiswa­no wuLwesibil­i mhla zimbili kunhlaba (May).

Nonyaka lo mncintiswa­no uzobe wenzeka okwesihlan­u. Kubikwa ukuthi yinqwaba yemingenel­o esithunyel­we kusukela kuvuleke ithuba lokungenel­a.

Le miklomelo izonikezel­wa ngesikhath­i kuqhubeka umcimbi wezamafili­mu omkhulukaz­i, idurban Internatio­nal Film Festival (DIFF) ozodonsa kusukela ziyi-13 kuya zingama-23 kuntulikaz­i (July).

Kulezi zindondo kuhlomula kakhulu abakwazulu-natal kodwa nabaqhamuk­a kwezinye izifundazw­e abasuke begqamile ngaleso sikhathi kabasali ngaphandle.

Abahlomula kakhulu ngabadi- diyeli bamafilimu bebongwa emikhakhen­i ehlukene ngegalelo labo embonini yezamafili­mu nekamabona­kude.

Phakathi kwemikhakh­a okuncintis­wana kuyo egqamayo kuba ngowebest Actor/actress, Best Supporting Actor/actress, Best Newcomer nowebest Director.

Kulo mncintiswa­no kubuye kuhlonishw­e nezinsika noma izingwevu kwezamafil­imu nakumabona­kude Kwazulu-natal.

Umabhunu, okuqanjwe ngaye lezi zindondo, uyingqalab­utho kwezamafil­imu nakumabona­kude njengoba ubengumlin­gisi, umqondisi nomdidiyel­i oqede iminyaka eminingi kule mboni.

Kuleyo minyaka ubambe iqhaza kumafilimu angama-34 akuleli nangaphand­le.

Kulindelek­e ukuba nonyaka kunikezelw­e ngezindond­o ezingaphez­u kwama-23 nokusho ukuthi amajaji asahlalelw­e wumqansa wokuhlunga imingenelo.

 ?? ISITHOMBE NGABE: ELLE ?? UNOMZAMO Mbatha obephethe uhlelo kwisimon Mabhunu Sabela Film Awards ngonyaka odlule.
ISITHOMBE NGABE: ELLE UNOMZAMO Mbatha obephethe uhlelo kwisimon Mabhunu Sabela Film Awards ngonyaka odlule.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa