BAZOZISHOLO BONA NGABAKUFUNAYO NGESICATHAMIYA
BONKE abazibandakanye nababambe iqhaza emculweni wesicathamiya kulindeleke ukuba baphelele eplayhouse, enkabeni yetheku, ngomgqibelo ozayo ziyisi-6 kunhlaba (May), lapho kuzobe kudingidwa khona umhlahlandlela ngomcimbi wanonyaka lapho zizobe zidlana khona imilala.
Kulo nyaka lesi sikhungo sizobe sigubha iminyaka engama-20 saqala ukuzibandakanya nezinhlelo zesicathamiya.
Umhlangano uqala ekuseni ngele-11. Abeplayhouse bahlele lo mhlangano ukuze bezwe kulabo abayibambe esicathamiyeni ukuthi bafisa uhleleke kanjani umcimbi wanonyaka.
Bathi bafuna kube yibo abazoqhamuka nemibono ngokumele kwenzeke ngalo mcimbi oba minyaka yonke ngosuku lwamagugu, umhla zingama-24 kumandulo (September).
Phakathi kokulindeleke ukuba babe yingxenye yalo mhlangano kubalwa oswenka, wonobuhle, nabashaya ingoma.
“Sibameme ukuba bazokhuluma ndawonye ngazwi linye ngoba kakulula ukuba sibalalele bonke ngamunye. Inhloso wukuba kuhlelwe umdlalo wanonyaka sebevumelene bonke ngokuzokwenzeka njengoba sigubha iminyaka engama-20,” kusho ukipi Skweyiya walesi sikhungo sezobuciko.
Kunxuswa abadinga imininingwane ukuba baxhumane nehhovisi laso isikhungo ku-(031) 369 9460.
Lesi sikhungo, esenganyelwe ngulinda Bukhosini owaziwa kakhulu kwi- orchestra, sihamba phambili ekwesekeni ezobuciko ezinganakiwe kangako njengayo i- orchestra, nemidlalo yeshashalazi.