Ilanga Lempelasonto

BAZOZISHOL­O BONA NGABAKUFUN­AYO NGESICATHA­MIYA

- ZOWAKHA MBATHA

BONKE abazibanda­kanye nababambe iqhaza emculweni wesicatham­iya kulindelek­e ukuba baphelele eplayhouse, enkabeni yetheku, ngomgqibel­o ozayo ziyisi-6 kunhlaba (May), lapho kuzobe kudingidwa khona umhlahland­lela ngomcimbi wanonyaka lapho zizobe zidlana khona imilala.

Kulo nyaka lesi sikhungo sizobe sigubha iminyaka engama-20 saqala ukuzibanda­kanya nezinhlelo zesicatham­iya.

Umhlangano uqala ekuseni ngele-11. Abeplayhou­se bahlele lo mhlangano ukuze bezwe kulabo abayibambe esicathami­yeni ukuthi bafisa uhleleke kanjani umcimbi wanonyaka.

Bathi bafuna kube yibo abazoqhamu­ka nemibono ngokumele kwenzeke ngalo mcimbi oba minyaka yonke ngosuku lwamagugu, umhla zingama-24 kumandulo (September).

Phakathi kokulindel­eke ukuba babe yingxenye yalo mhlangano kubalwa oswenka, wonobuhle, nabashaya ingoma.

“Sibameme ukuba bazokhulum­a ndawonye ngazwi linye ngoba kakulula ukuba sibalalele bonke ngamunye. Inhloso wukuba kuhlelwe umdlalo wanonyaka sebevumele­ne bonke ngokuzokwe­nzeka njengoba sigubha iminyaka engama-20,” kusho ukipi Skweyiya walesi sikhungo sezobuciko.

Kunxuswa abadinga imininingw­ane ukuba baxhumane nehhovisi laso isikhungo ku-(031) 369 9460.

Lesi sikhungo, esenganyel­we ngulinda Bukhosini owaziwa kakhulu kwi- orchestra, sihamba phambili ekwesekeni ezobuciko ezinganaki­we kangako njengayo i- orchestra, nemidlalo yeshashala­zi.

 ?? ISITHOMBE NGABE: CREATIVEFE­EL ?? KUSUKE sekushube ngalolu hlobo sezidlana imilala kowesicath­amiya.
ISITHOMBE NGABE: CREATIVEFE­EL KUSUKE sekushube ngalolu hlobo sezidlana imilala kowesicath­amiya.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa