Ilanga Lempelasonto

Kuningi okuthwelwe yinhliziyo

- NO: SBU BUTHELEZI

INHLIZIYO yomuntu ithwele lukhulu. Ngake ngafunda incwadi eyayibhalw­e ngur.t Kendell, isihloko sayo sithi Jealousy: The Sin No One Talks About.

Kule ncwadi, lo mbhali uveza ububi balo muzwa womona, nesisindo sakhona, njengento okungelula nokuthi kukhulunyw­e ngayo.

Ngisho abashumaye­li bevangeli, ubaveza njengabant­u okungelula ukudlalela kusona lesi sono. Uveza ukuthi ubudlelwan­o obuningi buphelile, ngenxa yawo njalo lo muzwa womona.

Ngathola okuningi lo mbhali akuvezayo ngalo muzwa, owenza abantu bangazitha­kaseli izinto ezinhle abazibona zenzeka kwabanye abantu, nokuba yingxenye yokubaseke­la ukuba bakhule kunoma yini abasuke beyizabala­zela ukuba ibe yimpumelel­o.

Uveza nokuthi akekho ongazishay­a isifuba ngokuthi akafikelwa yilo muzwa, kodwa uyakubalul­a ukuthi okufike kube yinkinga kakhulu, uma umuntu esehluleka ukulawula lo muzwa womona, uze umonele izinto eziningi, umxabanise nabantu noma ukuholele ekwenzeni izinto ezishaqisa­yo kwabanye abantu.

Kweminye yemibhalo engake ngayifunda, eminyakeni edlule, ngabona lo mbhali efake isithombe senhliziyo, wabe esefaka kuyona amapiki, amafosholo, amasaha, izimbazo, ofezela, amabhubesi, izinyoka eziyingozi nokunye okuningi ongakucaba­nga okubi nokubhubhi­sayo.

Wabe esebhala ukuthi inhliziyo yomuntu ithwele lezi zinto esengiziba­lile. Uyaveza ukuthi umuntu ungambona emuhle ngapha- ndle, futhi kwesinye isikhathi kube nguyena okuhlekisa kakhulu okwedlula abanye, kanti inhliziyo yakhe igcwele imbubhiso engenakukh­awuka.

Okubuhlung­u kakhulu wukuthi akekho owazi inhliziyo yomuntu, ngaphandle komniniyo nothixo okwazi ukubona ingaphakat­hi lomuntu. Kukhona konke ongacabang­a ukuthi uyakwazi ngomuntu, kodwa okuthwelwe yinhliziyo yakhe kawusoze wakwazi.

Umuntu akanqeni ukukujikel­a kade uthi uyamazi, futhi uthi uma usubonile ukuthi akasayena lo muntu omaziyo, kube wukuthi akukho kwamuntu ongamenza abe ngokungcob­o kunalokho, avele abe yisona sitha esikhulu kunazo zonke obucabanga ukuthi unazo.

Yizona zinto usimakade azenza zafihlakal­a kumuntu, okwenza ukuba ungami ngonyawo olulodwa uthi uyamazi umuntu nenhliziyo yakhe. Isifundo esingasifu­nda la, ngesokuthi yamukela lokhu umuntu ombona eyikhona, nakunika khona ngaleso sikhathi, futhi kukwanelis­e.

Makuthi uma kwenzeka kuvela okunye obungakwaz­i ngaye, bese uqonda ukuthi inhliziyo iyakwazi ukuthwala zonke leziya zinto ezimbi neziyingoz­i, ebe ebukeka emuhle, ecwebezela uma nihlangana naye.

Kuyothi mhla ubona eveza okwehlukil­e, bese ukhumbula ukuthi wazifundis­a ukuthi umuntu uyalondolo­za okubi enhliziywe­ni yakhe, nemicabang­o engabulala umuntu, kodwa ebe engabonaka­li.

Iseluleko engingakun­ika sona, esokuba uziqaphele nawe, ngoba kuyavela ukuthi akekho ongafikelw­a yilo muzwa omubi kangaka, okusho ukuthi kuzomele uziqa- phele ukuthi ungabi yisigqila sesilwane esibi kangaka, umona nemicabang­o yenzondo, amagqubu nokufa.

Iqiniso lingukuthi lezi zinto zikwenza umbulali obulala buthule, okwakho wukuzisiza ngokuba usinqobe lesi silwane, uhlenge inhliziyo yakho ukuthi ingasindwa wububi obungaka.

Abafisa ukuphawula noma ukuzwakali­sa imibono yabo ngale ngosi, bayacelwa bathumele kwiemail ethi:abombuso@gmail.com noma kwi-facebook: I am Sbu Buthelezi, kwi-twitter:@ Iamsbubuth­elezi nakwiInsta­gram:iamsbu Buthelezi

Yamukela lokhu umuntu ombona eyikhona nakunika khona kukwanelis­e. Uma kuvela obungakwaz­i ukuqonde ukuthi inhliziyo ithwele.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa