Kuningi okuthwelwe yinhliziyo
INHLIZIYO yomuntu ithwele lukhulu. Ngake ngafunda incwadi eyayibhalwe ngur.t Kendell, isihloko sayo sithi Jealousy: The Sin No One Talks About.
Kule ncwadi, lo mbhali uveza ububi balo muzwa womona, nesisindo sakhona, njengento okungelula nokuthi kukhulunywe ngayo.
Ngisho abashumayeli bevangeli, ubaveza njengabantu okungelula ukudlalela kusona lesi sono. Uveza ukuthi ubudlelwano obuningi buphelile, ngenxa yawo njalo lo muzwa womona.
Ngathola okuningi lo mbhali akuvezayo ngalo muzwa, owenza abantu bangazithakaseli izinto ezinhle abazibona zenzeka kwabanye abantu, nokuba yingxenye yokubasekela ukuba bakhule kunoma yini abasuke beyizabalazela ukuba ibe yimpumelelo.
Uveza nokuthi akekho ongazishaya isifuba ngokuthi akafikelwa yilo muzwa, kodwa uyakubalula ukuthi okufike kube yinkinga kakhulu, uma umuntu esehluleka ukulawula lo muzwa womona, uze umonele izinto eziningi, umxabanise nabantu noma ukuholele ekwenzeni izinto ezishaqisayo kwabanye abantu.
Kweminye yemibhalo engake ngayifunda, eminyakeni edlule, ngabona lo mbhali efake isithombe senhliziyo, wabe esefaka kuyona amapiki, amafosholo, amasaha, izimbazo, ofezela, amabhubesi, izinyoka eziyingozi nokunye okuningi ongakucabanga okubi nokubhubhisayo.
Wabe esebhala ukuthi inhliziyo yomuntu ithwele lezi zinto esengizibalile. Uyaveza ukuthi umuntu ungambona emuhle ngapha- ndle, futhi kwesinye isikhathi kube nguyena okuhlekisa kakhulu okwedlula abanye, kanti inhliziyo yakhe igcwele imbubhiso engenakukhawuka.
Okubuhlungu kakhulu wukuthi akekho owazi inhliziyo yomuntu, ngaphandle komniniyo nothixo okwazi ukubona ingaphakathi lomuntu. Kukhona konke ongacabanga ukuthi uyakwazi ngomuntu, kodwa okuthwelwe yinhliziyo yakhe kawusoze wakwazi.
Umuntu akanqeni ukukujikela kade uthi uyamazi, futhi uthi uma usubonile ukuthi akasayena lo muntu omaziyo, kube wukuthi akukho kwamuntu ongamenza abe ngokungcobo kunalokho, avele abe yisona sitha esikhulu kunazo zonke obucabanga ukuthi unazo.
Yizona zinto usimakade azenza zafihlakala kumuntu, okwenza ukuba ungami ngonyawo olulodwa uthi uyamazi umuntu nenhliziyo yakhe. Isifundo esingasifunda la, ngesokuthi yamukela lokhu umuntu ombona eyikhona, nakunika khona ngaleso sikhathi, futhi kukwanelise.
Makuthi uma kwenzeka kuvela okunye obungakwazi ngaye, bese uqonda ukuthi inhliziyo iyakwazi ukuthwala zonke leziya zinto ezimbi neziyingozi, ebe ebukeka emuhle, ecwebezela uma nihlangana naye.
Kuyothi mhla ubona eveza okwehlukile, bese ukhumbula ukuthi wazifundisa ukuthi umuntu uyalondoloza okubi enhliziyweni yakhe, nemicabango engabulala umuntu, kodwa ebe engabonakali.
Iseluleko engingakunika sona, esokuba uziqaphele nawe, ngoba kuyavela ukuthi akekho ongafikelwa yilo muzwa omubi kangaka, okusho ukuthi kuzomele uziqa- phele ukuthi ungabi yisigqila sesilwane esibi kangaka, umona nemicabango yenzondo, amagqubu nokufa.
Iqiniso lingukuthi lezi zinto zikwenza umbulali obulala buthule, okwakho wukuzisiza ngokuba usinqobe lesi silwane, uhlenge inhliziyo yakho ukuthi ingasindwa wububi obungaka.
Abafisa ukuphawula noma ukuzwakalisa imibono yabo ngale ngosi, bayacelwa bathumele kwiemail ethi:abombuso@gmail.com noma kwi-facebook: I am Sbu Buthelezi, kwi-twitter:@ Iamsbubuthelezi nakwiInstagram:iamsbu Buthelezi
Yamukela lokhu umuntu ombona eyikhona nakunika khona kukwanelise. Uma kuvela obungakwazi ukuqonde ukuthi inhliziyo ithwele.