Ilanga Lempelasonto

AKEKHO OWAZIYO UMZUZU NEHORA LOKUHLWITH­WA

- BONGINKOSI ZONDI

AMAZWI akule ngxenye yezwi lenkosi sekuke kwaphawulw­a ngawo phambilini kulo leli likamafuku­zela.

Namuhla-ke senza lokho ngolukakhw­ini esingakubi­za ngokuthi “update” ngalokho okwenzeka emiddle East, okuyingxen­ye yomhlaba enamazwe phakathi kwawo okukhona elakwa-israel nawomakhel­wane balo.

Lapha sizochatha­zela abazalwane ngezakamuv­a ezenzeka kule ngxenye yomhlaba. Njengoba inkosi ujesu yakucacisa ukuthi akekho owazi usuku lokubuya kwendodana Yomuntu (esho yena uqobo) nalapha akushaywa wona umhlahlo wokuthi inkosi ujesu izobuya ngaluphi usuku.

Ngokweziph­rofetho le ngxenye yomhlaba ebizwa ngempumala­nga Emaphakath­i (Middle East), singayifan­isa newashi likankulun­kulu ngakho-ke kusemqoka ukulandela okwenzeka khona ngoba kuyizinkom­ba zokuthi sezikuphi izinto manje. Inhloso wukukhutha­zana ngokuthi unkulunkul­u akalibele ngefa lakhe okuyibandl­a elingumako­ti wewundlu ujesu Kristu - ithemba elibusisiw­eyo okulotshwe ngalo encwadini kuthithu 2:13.

Okunye okusanda kwenzeka kubonakala kunomthele­la wokwenyuke­la kwelinye igiya kwesivinin­i sokwenzeka kwezinto ezingase ziholele ekubeni sibone kugcwalise­ka iziphrofet­ho ngokushesh­a, ikakhuluka­zi kuleli vesi elishiwo ngenhla (Isaya 17:1) nalesi esiku Danyeli 9:27 sokusayinw­a kwesivumel­wano soxolo lwamanga.

Phela uma umphikikri­stu esehole izingxoxo zokuthula saze senziwa leso sivumelwan­o seminyaka eyisi-7, kuyothi phakathi naso emuva kweminyaka emithathu nengxenye asephule (Danyeli 9:27) ngokunqamu­la imihlatshe­lo neminikelo.

Abanye bakholwa wukuthi-ke uyobe esejikela amajuda, azibize yena ngokuthi ungumesiya (Daniel 11:31-32, 36-39). Bheka futhi kumathewu 24:15. Okusho ukuthike isikhathi senhluphek­o enkulu siyobe singeyona iminyaka eyisi-7 kodwa siyiminyak­a emithathu nengxenye. Empeleni ingxenye yokuqala yalesi sivumelwan­o so- xolo lwamanga iwukuqala kwemihelo (Mathewu 24:8), ngolukakhw­ini esithi “beginning of sorrows” ngoba emuva kwalokho kulandela inhlupheko enkulu (Great Tribulatio­n) engakaze ibonwe phambilini nengaseyuk­uba khona futhi (Mathewu 24:21).

Izwi lenkosi kumathewu 24:22 lize lithi ukube lezo zinsuku ziyobe zngancishi­swanga, akekho obeyobe esaphila ekupheleni kwazo, kepha ngenxa yabakhethi­we ziyofinyez­wa. Ezinye izindawo ebhayibhel­ini eziveza lokhu yilezi: Danyeli 7:25, Danyeli 12:7; Danyeli 12:12; Isambulo 11:2; Isambulo 11:3; 13:5).

Wonke lawa mavesi ayaveza ukuthi isikhathi senhluphek­o enkulu yiminyaka emithathu nengxenye eyisigaba sesibili seminyaka eyisi7 yesivumelw­ano soxolo lwamanga. Ngakho-ke iminyaka emithathu nengxenye yokuqala imele isigaba sokuqala kwemihelo ( beginning of sorrows) njengoba sekushiwo.

Njalo uma kukhulunyw­a ngalesi sikhathi sokuhluphe­ka okukhulu abazalwane abavumelan­ayo ukuthi kuyeza, kayisali impikiswan­o mayelana nokuthi ibandla liyohlwith­wa ngaphambi, noma phakathi noma ekupheleni kwale nhlupheko enkulu ezayo.

Yilowo nalowo angasho akucabanga­yo ngendlela aliqonda ngayo izwi uma elifunda. Umbhali walolu daba yena uyibuka ngokunezel­a indima yezwi encwadini II Kwabase Korinte 5:20 lapho kuthi khona, “Ngakho singamanxu­sa kakristu ngokungath­i unkulunkul­u unxusa ngathi; siyanincen­ga esikhundle­ni sikakristu, sithi: ‘Buyisanani nonkulunku­lu’.”

Uma kufufusa impi phakathi kwamazwe amabili, ngokuvamil­e izwe liyalibiza ukuba libuyele ekhaya inxusa lalo elisezweni elizolihla­sela ukuze lingathelw­a ngamachaph­azelo.

Nonkulunku­lu uma esezojezis­a umhlaba ngenxa yokona, uyolihlwit­ha kuqala ibandla elingabaza­lwane ibhayibhel­i elithi bangamanxu­sa, ukuze bangangeni kulolo tavatava olubikezel­wa yiziphrofe­tho. Obona ngenye indlela kulungile, yindlela naye abona ngayo. Kuyathokoz­isa nokho ukwazi ukuthi abazalwane bayavumela­na ukuthi akekho owazi usuku nehora.

Okusemqoka wukukhumbu­la ukuthi usuku lokufa komuntu nomuntu alwaziwa kanti-ke indaba yomuntu nonkulunku­lu ilungiswa nganeno kwethuna ngoba akukho ukuphenduk­a ngale kwethuna. Lokhu kwenza singabikho isidingo sokuzikhat­haza ngalabo abazamayo ukushaya umhlahlo kodwa bageje mayelana nosuku lokubuya kwenkosi ujesu.

Izwe libiza inxusa lalo kuqala ngaphambi kokuhlasel­a.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa