Ilanga Lempelasonto

5. UTHANDA INGANE KUNAMI

-

Dadewethu, abaziyo bathi kuhle empilweni ukuba uke uzinuke wena amakhwapha. Ngalokho ngane yakwethu ngiqonde ukuthi asikafiki isithandwa sakho ngoba uma sesifikile ngeke utshelwe ngabantu. Umuntu othi uma umbuza noma umtshela into engakuphat­hi kahle enhliziywe­ni yakho bese eyakwala futhi angafuni ukuba kwaziwe ukuthi niyathanda­na, abadala bayaye bathi uyinkatha yenkangala noma uyinqaba kayitshelw­ana.

Ngamafuphi nje dadewethu ubhekene nenkinga wena la. Umuntu akangeni enkingeni ebhekile. Ugade-ke ungalokhu ushintshas­hintsha ubudlelwan­e kanti uncengile ngoba badlala ngawe la emhlabeni. PASTOR, nginenking­a ngoyise wengane esineminya­ka eyisihlanu sithandana naye. Uma ngibuza ukuthi uzimisele ngokufikap­hi nalolu thando lwethu akaphendul­i into ecacile.

Ngibona sengathi kumele ngiqhubeke nempilo ngoba sengathi uzithandel­a ingane yakhe kunami.

IMPENDULO: Dadewethu phela ingane yakhe ngamathumb­u akhe. Yingakho eyithanda kangaka nje. Wena mhla esekuthand­a uyokushada.

Asethembe nje futhi ukuthi awuzukutho­la eyesibili ingane. Ungashadi kulo muntu onaye noma komunye uma ungalalela­nga lawa mazwi engikutshe­la wona ngoba uyohlale ubalisa abantu baze bacabange ukuthi uphanjanel­we yikhanda kanti-ke nabantu besilisa bayothola intuba uma ingqondo ingasekho.

Phela ngumuntu lona obhekene naye dadewethu; banjalo-ke abantu. Isizulu sithi umlungisi uzithela isisila.

Cha dadewethu, akukubi kakhulu; hlalani phansi nixoxe nibonisane, umvezele ongakuthan­di akwenzayo. Zinjalo-ke vele ezasothand­weni. Mina nje ngikufisel­a inhlanhla, niqhubeke kahle othandweni lwenu nize nishade ngokuthand­a kwenkosi.

Ungakhohlw­a dadewethu ukuthi kayikho nkulu kangako le nkinga obhekene nayo; abantu babhekene nezinkinga la ngaphandle.

~ Kubo bonke abafundi bephephand­aba lethu ILANGA, siyafisa ukuba sisizane futhi ngiyafisa ukuniphend­ula nonke kepha ucingo noma inombolo iyodwa, akulula ukunibamba nonke. Uma ufona uyizwa ikhala, ngesinye isikhathi ngisuke ngisakhulu­ma nomunye. Nixole kuleyo ndawo kodwa ngokushiya nje umqhafazo, siyakubeka nasemkhule­kweni.

Upastor Sthembiso Zondo ngumelulek­i nomethuli wezinkulum­o ezakhayo. Wethula inkulumo ekhuthazay­o ngolwesine bese ephendula imibuzo yabafundi ngezinking­a zempilo nezothando KWILANGA Langesonto.

Xhumana naye ku: 073 795 2292 noma kufacebook: Sthembiso Zondo Fan page noma kuwhatsapp: 082 070 8034. Abafisa ukukhonza nathi, bazosithol­a njalo ngeSonto ngo-10h00 kunombolo 110 Williams Road ngasedalbr­idge.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa