4.WANGIYEKISA UMSEBENZI MANJE USEYEHLULEKA
Okusha-ke wukuthi ucingo lwakhe bese luhlala lubhekiswe phansi uma lukwi- charger kanti nemiyalezo ingena ingenile. Ngigcine ngizitholele ukuthi usemjolweni vele.
Kangikambuzi ngakho ngoba kangazi kumele ngimbuze noma ngivele ngithule ngishiye phansi.
Ngicabanga nokuyohlola igazi uma kunje. Sengike ngacabanga nokuphuma ngiye emqashweni ngoba kangifuni ahlupheke nezingane.
Okubuhlungu wukuthi nakumapolicy ami ngibhale yena. Ngiyesaba ukuthi uma ngimbuza ngalokhu kundinda kwakhe kuyobe ngizibeka kwenkulu ingozi yokuba angifakele ushevu ekudleni.
IMPENDULO: Mfowethu, akobe ukhuluma into onesiqiniseko sayo. Siyakubongela, uyakuthanda unkulunkulu.
Uma kuwukuthi uyakholelwa kwabakini, kusho ukuthi bayakuthanda.
Lokhu ngikusho ngoba unenhlanhla yokuba umbambe ningakashadi ngoba iqiniso lisobala manje.
Mfowethu ubukeka ungenye yamadoda alungile phansi komthunzi welanga kodwa qaphela ungalungi kuze kweqe ngoba lapha ngaphandle kunabantu okubadakayo ukulunga kwendoda.
Mfowethu make ngisike elijikayo nje, kahle hle umbhale kanjani emishwalenseni umuntu ongashadile naye futhi nje ake uzibuze nawe ukuthi yini le engaka edale ungabhali abazali bakho ngoba awukashadi?
Ngiyaphinda futhi ngiyabuza ukuthi umuntu ongashadile naye umbhale kanjani emishwalenseni?
Ukuzwelana nawe mfowethu ngingathi njengoba usubona sekunokungathembani phakathi kwenu, hamba uyomkhipha; umuntu uyashintsheka kalula nje emshwalenseni.
Asethembe-ke mfowethu usifundile isifundo kulesi sehlo sakho ngoba kuyoba kubi kufunde thina esisemaceleni kanti wena kawufundanga lutho. PASTOR, ngingowesifazane (29) onenkinga, selokhu ngahlukana noyise womntwana ngowezi-2008 angikaze ngimthole umuntu wesilisa odingwa yinhliziyo yami, kunalokho ngiba naye umuntu ngihlale isikhashana esincane naye sihlukane. Le nto isiqala ukungiphatha kabi. Kumanje nginaye umuntu engizwana naye kodwa sekukuningi engikuthole ngaye okungalungile, ngathi uma ngimbuza wangala, wabuye waxolisa wathi wayenziwa wukudinwa. Inkinga akafuni kwaziwe ukuthi siyathandana. Ngenzenjani?
IMPENDULO: PASTOR, sengihlale noyise wengane iminyaka emine kodwa akakaze akhulume ngokuyovela ekhaya, kunalokho uhlale ecabanga ukuthi uma engathola imali nje angathenga imoto.
Wangiyekisa nomsebenzi wathi