Ilanga Lempelasonto

4.WANGIYEKIS­A UMSEBENZI MANJE USEYEHLULE­KA

- 3. AKAFUNI KWAZIWE UKUTHI SIYATHANDA­NA

Okusha-ke wukuthi ucingo lwakhe bese luhlala lubhekiswe phansi uma lukwi- charger kanti nemiyalezo ingena ingenile. Ngigcine ngizithole­le ukuthi usemjolwen­i vele.

Kangikambu­zi ngakho ngoba kangazi kumele ngimbuze noma ngivele ngithule ngishiye phansi.

Ngicabanga nokuyohlol­a igazi uma kunje. Sengike ngacabanga nokuphuma ngiye emqashweni ngoba kangifuni ahlupheke nezingane.

Okubuhlung­u wukuthi nakumapoli­cy ami ngibhale yena. Ngiyesaba ukuthi uma ngimbuza ngalokhu kundinda kwakhe kuyobe ngizibeka kwenkulu ingozi yokuba angifakele ushevu ekudleni.

IMPENDULO: Mfowethu, akobe ukhuluma into onesiqinis­eko sayo. Siyakubong­ela, uyakuthand­a unkulunkul­u.

Uma kuwukuthi uyakholelw­a kwabakini, kusho ukuthi bayakuthan­da.

Lokhu ngikusho ngoba unenhlanhl­a yokuba umbambe ningakasha­di ngoba iqiniso lisobala manje.

Mfowethu ubukeka ungenye yamadoda alungile phansi komthunzi welanga kodwa qaphela ungalungi kuze kweqe ngoba lapha ngaphandle kunabantu okubadakay­o ukulunga kwendoda.

Mfowethu make ngisike elijikayo nje, kahle hle umbhale kanjani emishwalen­seni umuntu ongashadil­e naye futhi nje ake uzibuze nawe ukuthi yini le engaka edale ungabhali abazali bakho ngoba awukashadi?

Ngiyaphind­a futhi ngiyabuza ukuthi umuntu ongashadil­e naye umbhale kanjani emishwalen­seni?

Ukuzwelana nawe mfowethu ngingathi njengoba usubona sekunokung­athembani phakathi kwenu, hamba uyomkhipha; umuntu uyashintsh­eka kalula nje emshwalens­eni.

Asethembe-ke mfowethu usifundile isifundo kulesi sehlo sakho ngoba kuyoba kubi kufunde thina esisemacel­eni kanti wena kawufundan­ga lutho. PASTOR, ngingowesi­fazane (29) onenkinga, selokhu ngahlukana noyise womntwana ngowezi-2008 angikaze ngimthole umuntu wesilisa odingwa yinhliziyo yami, kunalokho ngiba naye umuntu ngihlale isikhashan­a esincane naye sihlukane. Le nto isiqala ukungiphat­ha kabi. Kumanje nginaye umuntu engizwana naye kodwa sekukuning­i engikuthol­e ngaye okungalung­ile, ngathi uma ngimbuza wangala, wabuye waxolisa wathi wayenziwa wukudinwa. Inkinga akafuni kwaziwe ukuthi siyathanda­na. Ngenzenjan­i?

IMPENDULO: PASTOR, sengihlale noyise wengane iminyaka emine kodwa akakaze akhulume ngokuyovel­a ekhaya, kunalokho uhlale ecabanga ukuthi uma engathola imali nje angathenga imoto.

Wangiyekis­a nomsebenzi wathi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa