NGESO LOMHLELI: THOBILE NXUMALO
UYAZI emakhaya kuke kubangwe ubala nje, into obonayo ukuthi isidalwa wukuthi yilowo nalowo uzizwa amandla akhe ukuthi mangakanani.
Uke wabhala omunye umfundi wethu ekhuza omama ethi mabayeke ukuzibeka babe wosokhaya uma obaba sebedlulile emhlabeni. Wenze isibonelo ngokuthi kuyenzeka kuqede kushone umnumzane womuzi - okunguye oyinhloko yekhaya - bese umama wakhona aguqukele enkolweni thizeni engahambisani nezimiso nenqubo obekwenziwa ngayo ekhaya.
Umuzwe umama esethi kakusavumelekile ukuhlaba, ukushisa impepho, ukwemulisa noma ukusonta ebandleni thizeni ngoba esefuna kulandelwe yena kuyiwe kuleli bandla eselikhethwe nguye. Ukwenza lokhu njalo akanakile ukuthi phela izingane zakhe sezikhulile nazo, sezikwazi ukuzinqumela okuhambisana nazo. Nangale kwalokho, uma ukhule ngendlela ethile kini kakulula ukuthi uthi sewumdala nje bese kuthiwa hhayi asishiyeni phansi ngapha, siye ngale.
Kusuke kumele lowo osembulelwe indlela entsha asefuna ukuhamba ngayo abize umndeni awuchazele ukuthi yena akasayingeni le ndaba obekukade kwenziwa ngayo ekhaya, bese kuba kubo ukuthi bayamlandela na. Makangaphoqi. Uyazi indlela inkolo ebuye isetshenziswe ngayo emakithi igcina isiwuqhekeza phakathi umndeni uma kungacoshelelwa indlela yokuchazelana nokuxhumana elangeni alowo mndeni.
Ngake ngahlala emqashweni nosisi owayethi uma kunomcimbi kubo, noma ngabe wumshado, akakudli ukudla kwakhona ngoba ibandla lakhe lithi kakudliwa ukudla okwenganyelwe yizithunzi eziningi zabantu. Ngambuza ukuthi ingani nasezitolo nje la athenga khona ukudla kuphithizela abantu kanti nasemuva la kuqhamuka khona lokho kudla kuyaphithizela. Wazama ukuyichaza into yakhe kwasho ukuthi sengiqale ngokumehlulela, ngazitshela nje ukuthi wumbhedo le nto yakhe, ngakho-ke vele kwase kuzoba nzima ukuthi ngimzwisise.
Ngebhadi lalo sisi nasemzini babengabantu abagcina imicimbi yesintu, okusho ukuthi wayesefana nesiqhingi esizixebulayo kwabanye abantu. Wayethi uma efike kunomcimbi kubo upheka elakhe ibhodwe eceleni futhi akayaluzi kakhulu, uyaziqoqa ahlale ekamelweni.
Cabanga-ke umuntu esenza into ezishaya sakugoya ekubeni sonke ekhaya simatasa sinomcimbi. Ngeke ungaxabani umndeni lapho kepha-ke kumele nathi abanye mhlawumbe simyeke, siphume kuye lowo osuke esekhethe inkambo esingayejwayele uma naye engezukufuna ukusifaka ngamakhanda entweni esingayizwa kahle. Emindenini eminingi kunezinto esiqhubeka nazo hhayi ngoba siziqondisisa kodwa ngenxa yokuthi ubaba ongasekho wayeyenza leyo nto bese sifisa ukuyiqhubeza, lokhu okuthiwa yi- legacy.
Uthole ukuthi ubaba wakhona ubethanda ukugingqa inkomo nje athi makubuswe esigodini sonke, kungonakele lutho. Kokunye kuba wumama wakhona obekhonze ukuthi phathaphatha avele afudumezele kufike omakhelwane baziphuzele umqombothi nje, kube kungenamcimbi. Izinto ezinjalo-ke kuvame ukuthi nakuba engasekho lowo mzali kodwa ibe khona ingane yakhe ezofisa ukuqhubeka kule yonto, ngaleyo ndlela izizwa ixhumene nomzali ngokomoya uma yazi ukuthi into abeyikhonzile iyaqhubeka.
Uma ezothi angashona lowo mzali bese sonke sishaya imithetho ukuthi kakusenziwa ukuthini laph’ ekhaya ngoba sekukhona osesale wembulelwa impilo entsha esingayazi, izoba nkulu inkinga. Mabayekwe abantu balandele izindlela zabo ngokwehlukahlukana. Kunabangani engibaziyo abavela emindenini ekhonza emahlelweni ehlukahlukene, kuyabekezelelwana, akekho oba wus’cuphathashi eceleni. Omunye nje umngani wami unina usindisiwe, akakudli ukudla okushiselwe impepho kepha akazicwecwi, ungena shi aphithizele uma izingane zenze umcimbi, aqinisekise ukuthi umphakathi unakiwe ngokudla nangeziphuzo.
Phela amabandla kumele abafundise abantu bawo ukuthi ukusonta makungasho ukufa nokuwa kwemizi bakwethu. Uma ingasekho imindeni ngeke abekhona amalunga ebandla ngoba uma sekuphume isonto laba bantu babuyela emakubo, emindenini, ngakho-ke amabandla mawalwele ukuthi kuqiniswe izisekelo zemindeni kunokwelekelela ekudilikeni kwayo imindeni. Ngake ngabhala ngalawa mabandla okuthi uma kufika inkosikazi ibika ukuthi umyeni wayo akayizwisisi indaba yesonto, hho!
Bamuhlohle umama wabantu baze bamtshele ukuthi umyeni ufana nesilingo, idimoni uqobo lwalo elizomphazamisa okholweni lwakhe, besho bengakaze baye nakumnumzane lowo bayozwa ukuthi inkinga ikuphi nokummema nje ukuthi akoke aye kube kanye ayobona kwenziwani esontweni, cha.
Uyogoduka umame eseyimpi, ingani utshelwe ukuthi kumele alwe nomoya omubi owumyeni wakhe ukuze angawi okholweni. Kakuyona imfundiso enhle le. Mabangakhohlwa abamabandla ukuthi imindeni eqinile ikhiqiza imiphakathi ebambene, ngakho mabalekelele kwakhiwe.