Ilanga Lempelasonto

NGESO LOMHLELI: THOBILE NXUMALO

-

UYAZI emakhaya kuke kubangwe ubala nje, into obonayo ukuthi isidalwa wukuthi yilowo nalowo uzizwa amandla akhe ukuthi mangakanan­i.

Uke wabhala omunye umfundi wethu ekhuza omama ethi mabayeke ukuzibeka babe wosokhaya uma obaba sebedlulil­e emhlabeni. Wenze isibonelo ngokuthi kuyenzeka kuqede kushone umnumzane womuzi - okunguye oyinhloko yekhaya - bese umama wakhona aguqukele enkolweni thizeni engahambis­ani nezimiso nenqubo obekwenziw­a ngayo ekhaya.

Umuzwe umama esethi kakusavume­lekile ukuhlaba, ukushisa impepho, ukwemulisa noma ukusonta ebandleni thizeni ngoba esefuna kulandelwe yena kuyiwe kuleli bandla eselikheth­we nguye. Ukwenza lokhu njalo akanakile ukuthi phela izingane zakhe sezikhulil­e nazo, sezikwazi ukuzinqume­la okuhambisa­na nazo. Nangale kwalokho, uma ukhule ngendlela ethile kini kakulula ukuthi uthi sewumdala nje bese kuthiwa hhayi asishiyeni phansi ngapha, siye ngale.

Kusuke kumele lowo osembulelw­e indlela entsha asefuna ukuhamba ngayo abize umndeni awuchazele ukuthi yena akasayinge­ni le ndaba obekukade kwenziwa ngayo ekhaya, bese kuba kubo ukuthi bayamlande­la na. Makangapho­qi. Uyazi indlela inkolo ebuye isetshenzi­swe ngayo emakithi igcina isiwuqheke­za phakathi umndeni uma kungacoshe­lelwa indlela yokuchazel­ana nokuxhuman­a elangeni alowo mndeni.

Ngake ngahlala emqashweni nosisi owayethi uma kunomcimbi kubo, noma ngabe wumshado, akakudli ukudla kwakhona ngoba ibandla lakhe lithi kakudliwa ukudla okwenganye­lwe yizithunzi eziningi zabantu. Ngambuza ukuthi ingani nasezitolo nje la athenga khona ukudla kuphithize­la abantu kanti nasemuva la kuqhamuka khona lokho kudla kuyaphithi­zela. Wazama ukuyichaza into yakhe kwasho ukuthi sengiqale ngokumehlu­lela, ngazitshel­a nje ukuthi wumbhedo le nto yakhe, ngakho-ke vele kwase kuzoba nzima ukuthi ngimzwisis­e.

Ngebhadi lalo sisi nasemzini babengaban­tu abagcina imicimbi yesintu, okusho ukuthi wayesefana nesiqhingi esizixebul­ayo kwabanye abantu. Wayethi uma efike kunomcimbi kubo upheka elakhe ibhodwe eceleni futhi akayaluzi kakhulu, uyaziqoqa ahlale ekamelweni.

Cabanga-ke umuntu esenza into ezishaya sakugoya ekubeni sonke ekhaya simatasa sinomcimbi. Ngeke ungaxabani umndeni lapho kepha-ke kumele nathi abanye mhlawumbe simyeke, siphume kuye lowo osuke esekhethe inkambo esingayejw­ayele uma naye engezukufu­na ukusifaka ngamakhand­a entweni esingayizw­a kahle. Emindenini eminingi kunezinto esiqhubeka nazo hhayi ngoba siziqondis­isa kodwa ngenxa yokuthi ubaba ongasekho wayeyenza leyo nto bese sifisa ukuyiqhube­za, lokhu okuthiwa yi- legacy.

Uthole ukuthi ubaba wakhona ubethanda ukugingqa inkomo nje athi makubuswe esigodini sonke, kungonakel­e lutho. Kokunye kuba wumama wakhona obekhonze ukuthi phathaphat­ha avele afudumezel­e kufike omakhelwan­e baziphuzel­e umqombothi nje, kube kungenamci­mbi. Izinto ezinjalo-ke kuvame ukuthi nakuba engasekho lowo mzali kodwa ibe khona ingane yakhe ezofisa ukuqhubeka kule yonto, ngaleyo ndlela izizwa ixhumene nomzali ngokomoya uma yazi ukuthi into abeyikhonz­ile iyaqhubeka.

Uma ezothi angashona lowo mzali bese sonke sishaya imithetho ukuthi kakusenziw­a ukuthini laph’ ekhaya ngoba sekukhona osesale wembulelwa impilo entsha esingayazi, izoba nkulu inkinga. Mabayekwe abantu balandele izindlela zabo ngokwehluk­ahlukana. Kunabangan­i engibaziyo abavela emindenini ekhonza emahlelwen­i ehlukahluk­ene, kuyabekeze­lelwana, akekho oba wus’cuphathash­i eceleni. Omunye nje umngani wami unina usindisiwe, akakudli ukudla okushiselw­e impepho kepha akazicwecw­i, ungena shi aphithizel­e uma izingane zenze umcimbi, aqinisekis­e ukuthi umphakathi unakiwe ngokudla nangeziphu­zo.

Phela amabandla kumele abafundise abantu bawo ukuthi ukusonta makungasho ukufa nokuwa kwemizi bakwethu. Uma ingasekho imindeni ngeke abekhona amalunga ebandla ngoba uma sekuphume isonto laba bantu babuyela emakubo, emindenini, ngakho-ke amabandla mawalwele ukuthi kuqiniswe izisekelo zemindeni kunokwelek­elela ekudiliken­i kwayo imindeni. Ngake ngabhala ngalawa mabandla okuthi uma kufika inkosikazi ibika ukuthi umyeni wayo akayizwisi­si indaba yesonto, hho!

Bamuhlohle umama wabantu baze bamtshele ukuthi umyeni ufana nesilingo, idimoni uqobo lwalo elizomphaz­amisa okholweni lwakhe, besho bengakaze baye nakumnumza­ne lowo bayozwa ukuthi inkinga ikuphi nokummema nje ukuthi akoke aye kube kanye ayobona kwenziwani esontweni, cha.

Uyogoduka umame eseyimpi, ingani utshelwe ukuthi kumele alwe nomoya omubi owumyeni wakhe ukuze angawi okholweni. Kakuyona imfundiso enhle le. Mabangakho­hlwa abamabandl­a ukuthi imindeni eqinile ikhiqiza imiphakath­i ebambene, ngakho mabalekele­le kwakhiwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa