Ilanga Lempelasonto

BUYINKINGA KAKHULU UBUTSOTSI OBUHLANGEN­E NAMAPHOYIS­A

- ZOWAKHA MBATHA

SLEEPLESS UMQONDISI: Baran bo Odar ABADLALI ABAPHAMBIL­I: Jamie Fox (Vincent Downs), Michelle Monaghan (Jennifer Bryant), Dermot Mulroney (Stanley Rubino), T.I (Sean Cass), Scoot Mcnairy (Rob Novak), Gabriell Union (Dena Smith), David Harbour (Doug Dennison) UHLOBO: Crime Drama IMINYAKA: 16 L/V

CABANGA amaphoyisa akhohlakel­e, ucabange indoda engenza noma yini ukusindisa indodana yayo. Udowns uyiphoyisa eliphakath­i kwembokodo netshe ngoba ngakolunye uhlangothi yila maphoyisa ayinkinga kanti ngakolunye yizigeleke­qe eziphethe amacasino.

Kuthi uma izinto ziqala zibheda kade kubanjwa inkunzi, kubhede yonke into, izigelekeq­e zithumbe indodana kadowns.

Kumele enze noma yini ukuze ayisindise kodwa angangeni futhi otakwini lokuphenyw­a, ziboshwe nezigebeng­u.

Udowns nocass bavolontiy­a ukuphenya icala lokubanjwa kwenkunzi ngoba befuna ukufihla awabo amanyundul­ulu okwebiwa kwe- cocaine karubino osebenza nenkunzi yesigeleke­qe unovak.

Igxekiwe ezindaweni eziningi ezicubungu­la amafilimu, hamba nawe uyozibonel­a. Ingene kuleli sonto e-cinema. ISAZIHOLA phambili IFAST and FURIOUS ngokubukwa kakhulu nokufaka imali selokhu iqalile ukungena e-cinema. Khumbula phela ifike yahlala esicongwen­i ngempelaso­nto yokuqala kanti namanje isaqhwakel­e njengoba bese ifake R 38 805 160 ngempelaso­nto edlule yomhla zingama-21-23. Lumi kanje uhlu lwayishumi abesahamba phambili ngokubukwa ngokohlu lwabakwast­er Kinekor Entertainm­ent:

1. FAST AND FURIOUS 8 2. BEAUTY AND THE BEAST 3. BOSS BABY 4. SMURFS THE LOST VILLAGE 5. JOHN WICK: CHAPTER TWO 6. GHOST IN THE SHELL 7. KEEPING UP WITH THE KANDASAMY’S

8. SILENCE

9. KONG: SKULL ISLAND 10. TABLE 19

 ?? ISITHOMBE: SLEEPLESSM­OVIE.COM ?? WENZA konke okusemandl­eni ukuvikela indodana yakhe uvincent Downs (Jamie Fox) oyiphoyisa.
ISITHOMBE: SLEEPLESSM­OVIE.COM WENZA konke okusemandl­eni ukuvikela indodana yakhe uvincent Downs (Jamie Fox) oyiphoyisa.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa