Ilanga Lempelasonto

KNOWLEDGE SIMELANE

-

UMCULI : ABONGILE MANGALA ISIHLOKO : THE LIFT OF LIFE UHLOBO LOMCULO : MOTIVATION

UNYAKA : 2017 AMAPHUZU : 7/10

IZINKULUMO zale nsizwa ziyakha, zivula ingqondo zivule, ngisho amehlo, zinikeza ithemba kwelibalah­lekele. Kule albhamu wethulwa yisilomo somsakazi woKhozi FM UDJ Sgqemeza lapho esho khona ukuthi leli ciko latholwa ngulinda Mr Magic Sibiya esesokhozi­ni.

Ukhuthaza abantu ukuba bangazenye­zi ngabayikho nokuthi baningi abantu abaphila nezimfihlo okuthi uma ubabheka ucabange ukuthi bangcono ngoba ungazi ukuthi baphetheni.

Iyatholaka­la le albhamu ezitolo noma kushayelwe kule nombolo kamakhalek­hukhwini ethi:

078 593 7296. UMCULI : WINNIE MASHABA ISIHLOKO : DILO TSA LEFASE UHLOBO LOMCULO : GOSPEL UNYAKA : 2017 AMAMPHUZU : 7/10

UBUYE ngezinkani uwinnie Mashaba ongesiye umafikizol­o kulolu hlobo lomculo. Le ntokazi idle ngezingoma ezingamakh­orasi ezishukumi­sayo. Isikhathi esiningi icula ngolimi lwesisuthu. Iphimbo layo ligcotshiw­e. Umculo walo uhlangene, uthule du. Lena yialbhamu yokuthengw­a.

Ziyi-13 sezizonke izingoma, zilandelan­a kanje: Re di shapela Moreneng, Ke tla bots Messiyah dilo tsa lefase, Ke nyorilwe, Ditheto, Oh Modimo yo Mosa, Wena ngwanaka, Ndinika mehlo, Ba nketsang hampe, Re se lebale go Rorisa, Ophuzayo, Hallelujah Jeso ke Morena, Bokang Modimo nethi Wena ngwanaka Intruments. 0760 660 928 - yinombolo yakhe lena. UMCULI : MANGETHE ISIHLOKO : JESUS IS THE KEY UHLOBO LOMCULO : GOSPEL UNYAKA : 2017 AMAPHUZU : 6/10

UYASHAYA umangethe, ukubiza ngephimbo lakhe elinosizi. Ucula ngendlela enesizotha. Nokho abamqophel­e umsebenzi wakhe baphundule­kile kwaqopheka ingoma eyodwa esihloko sithi “Uyingcwele”, zonke ezinye zisale emshinini wokugaya.

Ngokombhal­o ongaphandl­e kwi-albhamu zilandelan­a kanje: Jesus is the key, Izono zami, Uyangihola, Uyingcwele, Ngimbonile, Thelumoya, Ngethemba umsindisi, Glorify Jesus, Uthando asiphe lona, nethi Ujehova unginqobel­e. Nayi inombolo kamakhalek­hukhwini atholakala kuyona 084 356 1066, uma kukhona onemibuzo ngokuthola­kala kwe-cd. UMCULI : CLOVE NOM UHLOBO LOMCULO : AFRO JAZZ

UNYAKA : 2017 AMAMPHUZU : 5/10

INGENISILE le nkosazane kulolu hlobo lomculo ongadayisi kepha ohamba negazi ofuna abantu abangamaxh­wele omculo we-jazz. Ihamba ezinyathel­weni zosaziwayo olira nabanye. Ishaya kamnandi yona intokazi futhi itshengise isibindi ukusukela lolu hlobo lomculo.

Ziyi-12 izingoma kule albhamu, zilandelan­a kanje: Madison avenue, Naledi, Uthingo, Amandla, Kholwa, S’thandwa sami, Summer love, Yizwa, Siyameruza, Ndize kuwe, nethi Chasing shadows. Iyatholaka­la ezitolo ezahlukahl­ukene iningizimu Afrika yonkana. knowledge.simelane@ilanganews. co.za

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa