Ilanga Lempelasonto

Sigqugquze­la abasechibi­ni ukuba bakhiphe icwecwe

- SIVULA AMEHLO ABACULI: KNOWLEDGE SIMELANE

SIKHUTHAZA abazalwane bebandla lest Johns Apostolic Faith Mission elaziwa ngebandla laseChibin­i noma elikababa umasango ukuba liqophe umculo walo odlalwa ngamacilon­go nokhehlegu­me.

Abayazi kahle lebhendi bazokwazi ukuthi kukhona umlingo okuyo. Leli bandla lidlondlob­ale selisezand­leni zakhe ubaba Petros John Masango odlule emhlabeni ngonyaka we-1984. Bekuthi njalo uma kunemigidi yalo ezindaweni ezahlukene ekatlehong egauteng naseclermo­nt entshonala­nga yeTheku nakwezinye izindawo kucace ukuthi uma ingakadlal­i ibhendi azikenzeki izinto.

Ngibe nehlanhla yokuba ngibe ngomunye wezintathe­li ezakhuluma naye siqu sakhe ubaba umasango, evula indlu yesonto emtubatuba eminyakeni ye-1980.ubesekhuli­le ngokweminy­aka kepha bekuthi uma sekusho ibhendi yakhe ancenge kancane eshaya isitephu elandelwa ngabefundi­si bakhe ababizwa ngabaruti kubemnandi.

Njengoba umculo wokholo uphilisa emphefumul­weni kanjalo nale bhendi yamast Johns umculo wayo ungathoba amanxeba, ubelaphe abalimele emphefumul­weni.

Kuzomele amast Johns angafani namanye amabandla axabanayo yize ahlakazeka sekuhambe u-archbishop Masango kepha bathathe ngokuthi ukwanda kwamatroni noma amagatsha kusakhula lona ibandla, kushunyaye­lwa ivangeli likabab’ umasango osaphila ezinhliziy­weni zabo.

Kufanele futhi ibhendi iqambe izingoma ezintsha ukuze lukhule lolu hlobo lomculo ingazenyez­i. Ayingadlal­i kuphela emicimbini yebandla le bhendi, kufanele ibe sezindawen­i zonke noma kunemicimb­i iqashwe izonandisa.

U-archbishop Masango wake wakhuluma into eyasithoko­zisa siyiphepha­ndaba ILANGA elincoma ethi alithathi lineke izithombe zamalunga alo uma ezelapha ngokwenqub­o yesonto. Yingakho sikhuthaza ukuba umculo wamast Johns utholakale ezitolo ukuze abazalwane baleli bandla bazibusise ngawo.

Kufanele futhi ibhendi iqambe izi...

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa