Ilanga Lempelasonto

Bafuna ukuqeda ngombango WENFD

Ithanda ifuna ukuqukula isicoco ngolwesith­athu

- SENZO SOKHELA

ITHANDA Royal Zulu esiqalile ukubona ikhenana ihlela ukuyisonga ngolwesith­athu iligi kanational First Division (NFD) njengoba kuyiyona eziholayo.

Ithanda izodudulan­a nemagesi FC kowenfd namuhla ngesonto ngo-15h00 emhlathuze Sports Complex, erichards Bay. Kuzokuthi ngolwesith­athu ngo15h00 ibhekane nestellenb­osch FC koweligi kuyo le nkundla.

Usifiso “Jomo” Biyela oyisikhu- lu esiphezulu sethanda, utshele leli phephandab­a ukuthi bahlose ukuyisonga ngolwesith­athu iligi ngokuthi bathole amaphuzu ayisi6 kule midlalo emibili bese ifinyelela esiphethwe­ni indlela yabo ebheke kwi-absa Premiershi­p.

“Njengoba sinamaphuz­u angama-50 nje uma sinqoba le midlalo yethu emibili ezayo sizokuba namaphuzu angama-56, la makilabhu angezansi kwethu kangiboni ezokwazi ukufinyele­la kulawo maphuzu okusho ukuthi sisethuben­i lokuyisong­a iligi ngo- Lwesithath­u uma nje siyinqoba yomibili le midlalo ezayo esekhaya.

“Umdlalo wemagesi ngeke ube lula ngoba kule midlalo yabo yakamuva kabehlulwa, basefomini.

"Kodwa-ke abadlali bayazi ukuthi kakufanele bayithathe kancane le midlalo emibili ezayo kwazise imqoka futhi ingaguqula impilo yabo.

"Kakukho ukujikela emuva kufanele noma kanjani siwunqobe lo mdlalo ukuze siye kowangolwe­sithathu sesiyibamb­e ngesandla esisodwa inkomishi YENFD,” kusho ubiyela.

Uthi ezakhe zizokuya kulo mdlalo wemagesi ngaphandle kukaMphaka­miseni Nene odlala esiswini odonsa isigwebo samakhadi aphuzi.

Nokho uthi bonke abanye abadlali basesimwen­i kakukho noyedwa onenkinga. Amathikith­i alo mdlalo abiza u-r15 kanti azotholaka­la khona enkundleni.

Imidlalo YENFD ehlelelwe ukugijinyw­a phakathi nesonto iqhathwe kanje:NGOLWESIBI­LI

E-athlone Stadium: Milano United vs Amazulu 15h00. NGOLWESITH­ATHU E-athlone Stadium: Cosmos 15h00. Santos vs Jomo

Thanda Royal Zulu vs Stellenbos­ch FC 15h00.

Eharry Gwala Stadium: Royal Eagles vs Black Leopards 15h00.

Kanyamazan­e Stadium: Mbombela United vs FC Cape Town 15h00.

E-old Peter Mokaba Stadium:

Cape Town All Stars 15h00.

Emthatha Stadium: Mthatha Bucks vs University of Pretoria 15h00.

Esugar Ray Xulu Stadium: Real Kings FC vs Witbank Spurs 15h00. Magesi FC vs

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa