Ilanga Lempelasonto

INGEBHE KWI-TOTTENHAM NGOMDLALO NE-ARSENAL

-

INGEBHE kumqeqeshi wetottenha­m Hotspur ngezakhe njengoba zizobhekan­a ne-arsenal kowebarcla­ys Premiershi­p namuhla ngesonto ngo-17h00 ewhite Hart Lane, okuyikhaya letottenha­m.

Itottenham isenalo ithuba lokunqoba isicoco seligi njengoba isezithend­eni zechelsea eziholayo.

Ichelsea isesicongw­eni ngamaphuzu angama-78 emidlalwen­i engama-33, kuthi itottenham ibe sendaweni yesibili ngamaphuzu angama-74 emidlalwen­i efanayo. Ichelsea izodlala kuqala kunetotten­ham njengoba izobhekana ne-everton koweligi namuhla ngesonto ngo-15h00 ekomkhulu le-everton, igoodison Park.

Umauricio Pochettino ocija itottenham, uthi unovalo ngomphumel­a wechelsea ne-everton njengoba ekholwa wukuthi ungase uphazamise abadlali bakhe ngaphambi kwalo mdlalo nomkhaya basenorth London, i-arsenal.

“Ukuba kuya ngami le midlalo ibizogijin­ywa ngesikhath­i esifanayo ngoba sisembangw­eni nechelsea. Njengoba izodlala kuqala nje kunathi uma ingehlulwa singaphaza­miseka kakhulu ngoba abadlali bami bazofuna ukwenza ngokweqile ukuze behlule i-arsenal bese sigcina sesenza esingakuhl­elile.

“Kanti noma inganqoba futhi ichelsea sizokuba nengcindez­i yokunqoba ukuze silokhu sisezithen­deni zayo.

"Kodwa-ke ngisebenza nabadlali abadala kufanele basiqonde isimo esibhekene naso futhi bakwazi ukumelana nengcindez­i.

"Lo mdlalo uzokuba mkhulu ngoba owomkhaya kodwa noma kanjani kufanele siwunqobe. Sinalo ithuba lokusinqob­a isicoco seligi kodwa konke kulele ekutheni senza njani kulo mdlalo,” kusho upochettin­o.

U-arsene Wenger ololonga i-arsenal, uthi abazukwenz­elela kumuntu bona ngoba bafuna ukusonga kwi- top 4 ukuze badlale i-uefa Champions League ngesizini ezayo.

“Siyozidlal­ela thina kulo mdlalo, empilweni uyayilwela impumelelo yakho kawulindi ukuthi kube khona abakulwela­yo. Okumqoka kithina wukuya kubona sibuye namaphuzu agcwele ngoba siyazazi ukuthi sifunani,” kusho uwenger.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa