Ilanga Lempelasonto

Isivunywa nayizimban­gi isundowns ngeligi

-

kalula iligi.

Amagoli okunqobe ngawo isundowns abhajiswe enethini nguHlompho Kekana nomajeka Madisha. Le wini ijabulise abalandeli bedowns kwazise bekungokok­uqala ngqa iqhwakela kule sizini.

Idowns kuzokuthi kusasa ngoMsombul­uko ngo-17h00 idudulane nebidvest Wits koweligi ebidvest Stadium, egoli.

Iwits iya kulo mdlalo nje, nayo iguqise ihighlands Park ngo-2-0 koweligi ngolwesihl­anu ebusuku emakhulong Stadium, etembisa.

Umosimane ephawula ngomdlalo abazowugij­ima newits uthe: “Ngikholwa wukuthi uzocacisa ukuthi ngubani osethubeni loku- nqoba isicoco seligi phakathi kwethu. Ngibona kuzogcina kuwumjaho wamahhashi amabili.

"Sizobona, kodwa lo mdlalo uzokuba nzima.”

Esephawula ngokuhlala kwezakhe okokuqala esicongwen­i umosimane uthe: “Bese sizame kathathu kodwa izinto zingahlang­ani. Ngiyajabul­a ngoba sihlale esicongwen­i ngesikhath­i esifanele lapho ikilabhu isikhuphul­e izinga. Ngibona emancane kakhulu amathuba okuthi kube khona ikilabhu esisusayo esicongwen­i, ikilabhu yami kayisafune kudedela mdlalo.

"Ngikholwa wukuthi abantu bazibonele kulo mdlalo we-arrows ukuthi siyizingqw­ele futhi sidlalisa okwazo.”

Nokho abanye abalandeli bacishe bangawubuk­a lo mdlalo ngenxa yesiminyam­inya ngaphandle kwenkundla.

Kuke kwasuka uthuthuva umdlalo usuqalile abanye abalandeli bengaphand­le befuna ukungena ngenkani enkundleni.

Abanye bebewaphet­he amathikith­i abanye bengawaphe­the. Nokho iningi labo belidle amanzi amponjwana ngokweqile kwazise bekuphele inyanga neviki kuholiwe nempelason­to iyinde.

Ngendlela obekuyiyon­a abanye abashayeli bavele bazipaka noma yikanjani izimoto baphuthuma enkundleni. Abanye belwa bodwa befuna ukungena ngenkani enkundleni.

Ularsen uthi akayiboni into ezovimba isundowns ukuvikela isicoco seligi.

“Ukuvikela isicoco seligi kulele kuyona isundowns kodwa ngokwami kangiyibon­i ikilabhu ezoyivimba ukunqoba lesi sicoco. Ibhalanse kuzona zonke izindawo futhi inabadlali abaseqophe­lweni eliphezulu.

"Kodwa-ke siziyekele thina ithuba lokuyiphaz­amisa. Sithole amathuba amane alula abengaguqu­la umdlalo kodwa sawayeka.

"Kuba njalo-ke uma uyeka amathuba kodwa-ke ngijabule ngendlela esidlale ngayo abafana bami benze konke ebengibaya­lele kona kangikhali ngalutho,” kusho ularsen.

 ?? ISITHOMBE: GALLO IMAGES ?? UKHAMA Billiat othwele amathemba esundowns ngeligi.
ISITHOMBE: GALLO IMAGES UKHAMA Billiat othwele amathemba esundowns ngeligi.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa