Ilanga Lempelasonto

Sebethembe­le emuthini ukuvika izembe

Phambilini bacele izibusiso EZCC

- SENZO SOKHELA

ISIBEKE ithemba emuthini ikilabhu evika izembe kwiAbsa Premiershi­p okumanje ishaya ngonyawo phansi ukuthi ngeke nangengozi yehlele ehlathini.

Ibaroka FC izodudulan­a nebloemfon­tein Celtic kowe-absa Premiershi­p namuhla ngesonto ngo-15h00 enew Peter Mokaba Stadium, epolokwane. Lo mdlalo umqoka ngendlela eyisimanga kula makilabhu njengoba elwela impilo yawo kulesi sigaba kwazise avika izembe.

Ibaroka isemsileni kanti iceltic isendaweni yesine uma usuka emsileni. Bashiyana ngamaphuzu amabili nje kuphela okusho ukuthi uma ibaroka inganqoba noma kanjani izophuma emgceleni wezembe.

ILANGA langesonto lixoxa nomunye umdlali webaroka, ongathanda­nga ukuba lidalulwe igama lakhe, uvele wagaba ngomuthi azwakalise ukuthi uphethwe ngezakhe ekhaya, wathi ngeke kuphume lutho.

Phambilini kuke kwavela ukuthi le kilabhu ibuye iyocela izibusiso nasezion Christian Church (ZCC).

“Uma kunje usebenzisa konke onakho. Kulokhu siphethe embi induku noma kanjani lo mdlalo sizowunqob­a ekhaya ngeke kusaphuma lutho futhi ehlathini yilapho singeke siye khona. Emuva kwalo mdlalo sizokube sesiphume unomphelo emgceleni wezembe sebeyosala bebanga bodwa.

“I-orlando Pirates ibe nenhlanhla emdlalweni wethu nayo. Ngikholwa wukuthi kushiyane ukwenza yakhava sesizitshe­la ukuthi sinqobile kuba ngu-1-1. Kodwa- ke kulokhu siyadlula kumnyama kubomvu,” kusho lo mdlali obezwakala ukuthi uyethembil­e le nduku abekhuluma ngayo.

Ukgoloko Thobejane ololonga le kilabhu, uthi noma yikanjani bayaphuma emgceleni wezembe kulokhu. Indlela abafana abayiyona ejimini iyakhombis­a ukuthi bafuna ukuyilwela imisebenzi yabo. Yilona thuba lokuphuma ezembeni leli kalikho elinye. Kodwa-ke kangingaba­zi ukuthi sizowunqob­a lo mdlalo,” kusho uthobejane.

Ukhumbulan­i Konco oyisikhulu esiphezulu kwiceltic, uthi umdlalo webaroka ngeke ube lula kodwa noma kanjani bazobuya namaphuzu agcwele.

“Ibaroka idlala kahle ikakhuluka­zi ekhaya kodwa kasinalo uvalo ngayo noma kanjani sizowunqob­a lo mdlalo.

"Nathi siyolwela impilo yethu, izembe liyasinuke­la yingakho sizofela enkundleni kulo mdlalo,” kusho ukonco.

Enye ikilabhu evika izembe yi-ajax Cape Town ezodudulan­a neplatinum Stars namuhla ngeSonto ngo-15h00 ecape Town Stadium.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa