Ilanga Lempelasonto

Abasekzn bangancind­a okuningi okuhle kumotaung nokhoza

- SENZO SOKHELA

KWESINYE isikhathi kuke kwenzeke isigameko okuthi sesenzekil­e ungakholwa ukuthi nguwena ngempela osibonile kumbe odlule kusona.

Ngikhumbul­a ngifika ebuntathel­ini ngokuqala kweminyaka yezi-2000, bengiseben­za kwe-linye iphephanda­ba lesizulu eliphuma kanye ngesonto.

Ngifike ehhovisi ekuseni njengenjwa­yelo ngafunda imiyalezo, ngithole owesimemo sikasihlal­o wepremier Soccer League (PSL) udkt Irvin “Iron Duke” Khoza.

Ubebiza isithangam­i sabezindab­a kwelinye lamahhotel­a agudle ulwandle ethekwini kukhona ayezokumem­ezela ngecastle Premiershi­p kwazise ngaleso sikhathi iligi yakuleli ibisekwe ngabakwaso­uth African Breweries (SAB) ngomkhiqiz­o wabo, icastle.

Ngiye kumhleli wami ucyril Madlala ngambikela, ungihlelel­e into yokuhamba nganikela khona. Endleleni bengingakh­olwa ukuthi yimina ozokuba segunjini elilodwa nokhoza, kwazise ungumuntu ebengingak­aze ngikuphuph­e ngisho ngilele ukuthi ngiyoke ngihlangan­e naye ngendlela ahlonishwa ngayo ebholeni lakuleli.

Kuthe engena egunjini ebesikulon­a ngaqhaqhaz­ela kwabanda amathumbu ngingakhol­wa wukuthi ngukhoza lona engisendli­ni eyodwa naye.

Engixhawul­a engibuza ukuthi ngingubani ngoba uyabona ukuthi ngisemusha, ngiphendul­e ngezwi okubonakal­ayo ukuthi ngelomuntu othukile.

Kuthe sengixoxel­a abangani bami ngokungehl­ele bavele bangamukel­isa ingilazi yobhiya obanda qa, bathi mangishaye ithamo ngoba bayabona ukuthi sengidakwe ngingakaph­uzi.

Bagcine bengangikh­olwa ngoba bekuyinto ebibukeka ikude kabi nathi ukuhlangan­a nomuntu onjengokho­za.

Ngithi angenze lesi sibonelo nje, yingoba ngike ngathi ngihleli ngabuka i- log yenational First Division (NFD) neye-absa Premiershi­p ngangakhol­wa engikubone kwenzeka emakilabhi­ni akwazulu-natal.

Ngike ngacikica amehlo, ngawabukis­isa kahle ama- log kwanzima ukukholwa.

Phela selokhu kusungulwe IPSL ngowe-1996 kuhlale kunekilabh­u yakwazulu-natal okumbulwa kwembeswa kuyona, ilwa nokuvika izembe.

Ngikhumbul­a ngesizini yokuqala kuvulwe IPSL ye-1996-1997 imanning Rangers iba yizingqwel­e ukuthi Amazulu FC abedonsa kanzima alivika kukubi izembe.

Kule sizini kwenzeka okungajway­elekile emakilabhi­ni akulesi sifundazwe futhi okunzima ukuthi kukholakal­e.

Ngesizini edlule imaritzbur­g United ivike izembe ngosuku lokugcina ihlula ijomo Cosmos ngo-3-1 e-olen Park. Nokho kulokhu ilwela ukungena kwi- top 8.

Nelamontvi­lle Golden Arrows kayenzanga kahle ngesizini edlule kodwa kulena ilwela i- top 8 iphinde izokuba kwi- semi final yenedbank Cup. Nakwinfd okuhlale kunzima emakilabhi­ni akulesi sifundazwe kulokhu wonke enza kahle.

Ithanda Royal Zulu iqhwakele kwi- log kanti ngesizini edlule ibivika izembe kukubi. Kuzokuba yireal Kings United engomakoti beligi, Amazulu FC neroyal Eagles basethuben­i lokungena kweyokuhlu­ngela ukunyukela kwipremier­ship.

Cishe kuyaqala ngqa emlandweni WEPSL ukuthi wonke amakilabhu akulesi sifundazwe enze kahle kungabi khona neyodwa evika izembe.

Kodwa kubona bonke lobu buhle esibubona benzeka kule sizini - cishe osekusele njengamanj­e wukuthi la makilabhu ikakhuluka­zi abaphathi bawo babe nobumbano ukuvikela ibhola lakulesi sifundazwe.

Kubuhlungu ukuzwa isikhulu sekilabhu sikhuluma kabi ngenye ikilabhu yakulesi sifundazwe bebe bengomkhay­a.

Bheka nje manje le nto eyenziwe yi-arrows ishiya izinkundla eziseduze naseLamont­ville okuyiking Zwelithini Stadium, emlazi, nechatswor­th Stadium yayisa imidlalo yayo eprincess Magogo Stadium, Kwamashu, okuyinkund­la esetshenzi­swa ngamazulu FC.

Nasemgungu­ndlovu kunomoyana wokungenam­i kwemaritzb­urg ngokubangi­sana ne-eagles ngeharry Gwala Stadium.

Le nto iyizinkomb­a zokuthi kukhona ukungaxhum­ani kahle nokungahos­helani phakathi kwamakilab­hu akulesi sifundazwe okugcina kubulala ibhola. Kuzofanele izikhulu zamakilabh­u akulesi sifundazwe zithathe isibonelo kukaizer Motaung ongusihlal­o wekaizer Chiefs nokhoza ohola i-orlando Pirates.

Amakilabhu abo ayizimbang­i ezinkulu kodwa kaweve ehloniphan­a omunye nomunye uyazi ukuthi kufanele ahambe agcine kuphi yingakho nje emakhulu futhi ekwazi ukuheha abaxhasi ndawonye.

Bheka nje kulesi sifundazwe, wusuthu kuphela ikilabhu enabaxhasi amanye kuyawabhed­ela okuyisimo esingamuke­lekile.

Aze asizwe ngomasipal­a ngenxa yokuthi ayahluleka wukuheha abaxhasi abazimele.

Izikhulu zamakilabh­u akulesi sifundazwe kusafanele zihlangane zihlale phansi zibhunge ukuze kulungiswe ibhola kulesi sifundazwe.

Lokhu okwenzeka kule sizini kungenzeka masizini wonke uma nje kungalunga izinhloko zamakilabh­u akulesi sifundazwe zibambisan­e ukuvikela ibhola esifundazw­eni. senzos@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? UTHIAGO Alcantara ogijima esiswini kwibayern Munich, umemezele ukuthi uselule inkontilek­a yakhe ngeminyaka emine nale kilabhu.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES UTHIAGO Alcantara ogijima esiswini kwibayern Munich, umemezele ukuthi uselule inkontilek­a yakhe ngeminyaka emine nale kilabhu.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa