Ilanga Lempelasonto

UTHIAGO WELULE INKONTILEK­A KWI-BAYERN MUNICH

-

UQEDE ukuqagela ngekusasa lakhe umdlali webayern Munich yasegerman­y obematanis­wa nekilabhu enkulu yase-england.

Uthiago Alcantara ogijima esiswini kwibayern, odabuka espain, umemezele ukuthi uselule inkontilek­a yakhe ngeminyaka emine nale kilabhu okusho ukuthi uzohlala kuze kube ngowezi-2021.

Lo mdlali usayina nje, ubeyamanis­wa nemanchest­er City yase-england elolongwa ngupep Guardiola abasuka kude naye.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ngesikhath­i uguardiola eshiya kwibarcelo­na kumasizini ambalwa edlule uye kwibayern wabe eselanda lo mdlali ukuze azogijima kule kilabhu yasegerman­y.

Njengoba esekwicity nje, bekubikwa ukuthi uguardiola uzokuphind­a lokho athathe lo mdlali amlethe kwicity.

Nokho uthiago uqede ukuqagela enquma ukwelula inkontilek­a yakhe nale kilabhu.

Lo mdlali uthe: “Umndeni wami nami sikuthokoz­ele ukuba semunich yingakho nginqume ukwelula inkontilek­a yami nale kilabhu. Ngifuna ukunqoba inqwaba yezicoco nale kilabhu engibona sizokwenza kalula lokho ngoba kunabadlal­i abasakhula abanekusas­a eliqhakazi­le.”

Imidlalo ye-english Premiershi­p enamuhla ngesonto iqhathwe kanje:

Manchester United vs Swansea City 13h00 (SS3).

Everton vs Chelsea 15h05 (SS3). Middlesbro­ugh vs Manchester City 15h05 (SS5).

Tottenham Hotspur vs Arsenal 17h30 (SS3).

Eyespanish La Liga ihlelwe kanje:

NAMUHLA NGESONTO Osasuna vs Deportivo La Coruna 12h00 (SS12).

Real Betis vs Deportivo Alaves 16h15 (SS12).

Eibar vs Leganes 18h30 (SS12). Celta de Vigo vs Athletic Club 20h45 (SS4 nakwiss12).

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa