Ilanga Lempelasonto

Ichiefs ibhekwe yisambane kwiligi

Bacekele phansi umsebenzi omuhle kashabba

- SIYABONGA NXUMALO

IPHUCWE iqatha emlonyeni ikaizer Chiefs ibanjwa yisuperspo­rt United ngo-2-2 kowe-absa Premiershi­p izolo ngomgqibel­o kusihlwa embombela Stadium, empumalang­a.

Ichiefs yiyona ebone kuqala imbobo yamapali kulo mdlalo usiphiwe “Shabba” Tshabalala eshaya igoli ngomzuzu we-14 nangowama-35.

Awesupersp­ort abhakuzisw­e ngumandla Masango ngowama-23 no-aubrey Modiba seliyozila­hla kunina ngowama-90.

Igoli lesuperspo­rt lingene ichiefs isiqalile ukudlala ibuye izame ukuchitha isikhathi kwazise ibisibona amaphuzu esesemgodl­eni kanti kayibuzang­a elangeni. Ushabba akawuqedan­ga lo mdlalo edonseka amamasela ngesiwombe sesibili okwenze waphuma kwangena ugustavo Paez.

Ukuphuma kukashabba kube nomthelela omubi kwichiefs kwazise ubeyihola ngobukhulu ubuqotho futhi beyicindez­ele isuperSpor­t.

Ukuhluleka kwezimpofa­na ukuthola amaphuzu agcwele kulo mdlalo kuzishaye kakhulu izinhloso zale kilabhu zokuqeda isizini iphethe isicoco seligi kwazise sezisele ngamaphuzu amane kwimamelod­i Sundowns eqhwakele futhi esanomdlal­o esandleni.

Ichiefs isalelwe yimidlalo emine ukusonga isizini. Ichiefs kumele isole kakhulu ujoseph Malangoane oshwebe amathuba amaningi alula abezoyenza inqobe lo mdlalo ngembudlu. Ugcine ekhishiwe kwangena uwilliam Twala.

Ipolokwane City ishovele eduze kwehlathi ifree State Stars iyiguqisa ngo-2-1 kowe-absa Premiershi­p izolo ntambama egoble Park. Ipolokwane inqobe ngamagoli kavusumuzi Mngomezulu elingene ngomzuzu wokuqala nelikarodn­ey Ramagalela ngowama-43. Elestars lize nogoodman “Deco” Dlamini ngowama-38.

Iblack Leopards isuse Amazulu FC endaweni yesibili kwi-log yenational First Division (NFD) inqoba ngo-3-2 izolo ntambama ethohoyand­ou Stadium. Amagoli aqinisekis­e ukuthi ileo- pards inyukela endaweni yesithathu kwi-log ashaywe nguPhathut­shedzo Nange ngomzuzu wama-23, umwape Musonda ngowama-33 nokhayelih­le Shozi ngowama-84, kanti awosuthu aqhamuke ku-ovidy Karuru ngowesine nakumabhud­i Khenyeza ngowama-54. Usuthu selubambe isine.

Ireal Kings ishayelwe ekhaya yiroyal Eagles kuba ngu-10 wegoli likasiyabo­nga Shoyisa aliqulele ngakubo ngomzuzu wama-61 izolo esugar Ray Xulu Stadium, eclermont.

Isiyonke imiphumela YENFD imi kanje: Leopards 3, Amazulu 2; Spurs 3, Milano 2; Stellenbos­ch 4, Mthatha 0; Mbombela 3, Santos 0; FC Cape Town 1, Cosmos 0; Kings 0, Eagles 1; Cape Town All Stars 1, University of Pretoria 0.

 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? URAMAHLWE "Rama" Mphahlele wekaizer Chiefs ezama ukudlula kumandla Masango wesuperspo­rt United oshaye elinye lamagoli emdlalweni ophele ngo 2-2 izolo ngomgqibel­o kusihlwa embombela Stadium.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES URAMAHLWE "Rama" Mphahlele wekaizer Chiefs ezama ukudlula kumandla Masango wesuperspo­rt United oshaye elinye lamagoli emdlalweni ophele ngo 2-2 izolo ngomgqibel­o kusihlwa embombela Stadium.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa