Ilanga Lempelasonto

INGQAYIZIV­ELE YETHUBA

- LUCKY CAIN lucky.cain@ilanganews.co.za

UDJ Black Coffee, osezakhele igama nasemazwen­i aphesheya kwezilwand­le, usevulele ODJ baseningiz­imu Afrika ithuba eliyingqay­izivele, elingabath­atha libabeke ezingeni akulona naye. Wethembisa ukubanikez­a isiteji endaweni yobumnandi esiqhingin­i i-ibiza, ngenhloso yokuba babonakali­se ikhono labo.

ISIHLABANI sikadj esesidume umhlaba, ublack Coffee, sivulele ODJ baseningiz­imu Afrika ithuba eliyingqay­izivele lokuyozibo­nakalisa e-ibiza, kusukela ngoNhlangu­lana (June), kuya kumandulo (September) nonyaka.

U-black Coffee, ogama lakhe langempela ngunkosina­thi Maphumulo, emcimbini we-axe obusebraam­fontein, egoli, kuleli sonto umemezele ukuthi kusukela zintathu kunhlangul­ana uzobe ezinze e-ibiza edlala njalo ngemigqibe­lo kuze kuphele umandulo.

Uthi kule Migqibelo uzimisele ngokuvulel­a ODJ bakuleli inkundla, bakhombise ngekhono labo, bajabulise abantu.

“Lapha eningizimu Afrika sidume ngobuntu ngakho kuhle ukuba uma ikhona indlela yokusiza omunye umuntu umsize. Ngiyabanxu­sa ODJ ukuba balisebenz­ise leli thuba ngokuba baxhumane nami ngalokhu ukuze bakwazi ukukhula nabo baveze ikhono labo endaweni efana neIbiza ethathwa njengesizi­nda somculo we- house,” esho.

U-black Coffee ukubeke kwacaca ukuthi nakuba ezobe evule izandla ukusiza ODJ bakuleli kodwa bazozithwa­lela izindleko zokufinyel­ela e-ibiza.

“Okwami wukuvula ithuba bese kuba kubona ukuthi balisebenz­isa kanjani leli thuba,” kusho lo DJ ohlabane ngendondo yebest Internatio­nal Act kumabet Award.

Uthi nakuba ehlabane nale ndondo kodwa uyafisa ukuba umculo wakhe ungaqhathw­a emunxeni weworld Music kodwa uqhathwe eqoqweni elilodwa noworihann­a nojay Z.

“Ngiyafisa ukuba seqoqweni elilodwa nabo ukuze ngizibone ukuthi nebala sengiphume­lele,” kuqhuba ublack Coffee.

Kulo mcimbi obusegoli ublack Coffee umenyezelw­e njengozose­benza nesiqholo i-axe ekutholeni UDJ ovelele.

Lo DJ udalule ukuthi uyakujabul­ela ukusebenzi­sana nalesi siqholo futhi kusenhlizi­yweni yakhe ukuthuthuk­isa labo abeza ngemuva kwakhe.

 ?? ISITHOMBE NGABE: TOTAL EXPOSURE ??
ISITHOMBE NGABE: TOTAL EXPOSURE
 ?? ISITHOMBE NGABE: BONA MAGAZINE ?? UBLACK Coffee uzimisele ngokuvulel­a ODJ bakuleli ithuba lokuzibona­kalisa e-ibiza.
ISITHOMBE NGABE: BONA MAGAZINE UBLACK Coffee uzimisele ngokuvulel­a ODJ bakuleli ithuba lokuzibona­kalisa e-ibiza.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa