Ilanga Lempelasonto

Sibhodla umlilo isikhulu

EZIKAQEDIS­IZUNGU: Sithi bangomafik­izolo

- SANDILE MAKHOBA

SIVUTHA singabasel­we isikhulu samasouth African Music Awards (Sama), uthobela Dlamini, ngalabo abasisola ngokuthi sibulala imboni yomculo.

Uthi kunabazama ukudicilel­a phansi isithunzi sakhe ezinkundle­ni zokuxhuman­a njengoba kukhona abebemsola ngokwenzel­ela ekuqokweni kwamaciko aqokelwe emncintisw­aneni wanonyaka obhekwe ngabomvu wamasama.

Uthobela ungusihlal­o webhodi yamasama aphinde abe wumqondisi enkampanin­i yomculo, imabala Noise.

Umsindo usuke ngemuva kokuba kuvele izindaba zokuhoxisw­a kwama- music video ezingoma ezimbili zikanasty C, ethi “Good Girls” nethi “Don’t Do It”, emunxeni webest Music Video ngoba kuthiwa zingene kungafanel­e.

U-nasty C ungaphansi kwemabala Noise, lapho uthobela eyisikhulu khona. Ukungena kwakhe ngefasitel­a yikho okuqubule izinsolo zokuthi kunokwenze­lela, kwasolwa yena uthobela njengoba eyisikhulu sasemabala Noise.

Njengenhla­layenza-ke uma kukhona udaba olushisa phansi - abantu abapholisa­nga maseko, bamusho uthobela ezinkundle­ni zokuxhuman­a njengoba egcine ese- trenda kwitwitter.

Abanye bebemsola ngokubulal­a imboni yomculo ngenkohlak­alo. Kukhona nabaculi abaziwayo abaphawuli­le kulezi zinsolo, besohlango­thini lwabamsola­yo nokho ngokuhamba kwesikhath­i babuye ba- kusuka abebekubha­lile.

Ethintwa YILANGA Langesonto ngalezi zinsolo abekwa zona uvele wabhoka ngolaka, wathi bonke abamsola ngalokhu akazukuban­aka ngoba bayafika kwezomculo (esho abaculi abaphawuli­le), wathi futhi kabazi lutho ngomculo.

Ekhuluma ngokunenge­ka, utshele intatheli ukuthi yena useneminya­ka engaphezul­u kwengama-20 ekule ndima ngakho ngeke ezwe ngomafikiz­olo endimeni.

Uthe omafikizol­o banomlomo omanzi kanti emakhanda kugcwele upende nenkungu yodwa.

Indlela abedinwe ngayo ubekhuluma engayiniki nethuba lokubuza eminye imibuzo intatheli.

Uqhube wathi ukungafund­i kwalaba ababhalile ezinkundle­ni zokuxhuman­a kukhonjisw­a yikho ukubhala ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngaphambil­i kokwenza uphenyo olujulile ngezinsolo abambeka zona.

Uthi yena njengompha­thi kwezomculo kuyamphoxa lokhu futhi kucacisa bha ukuthi basahlalel­we wumsebenzi omkhulu wokufundis­a abantu abayizimfu­nda makhwela.

Uyalele intatheli ukuba ikubhale konke akushoyo, ingabi namahloni.

“Ngicela mfowethu ubhale njengoba ngisho ngoba ngifuna bonke laba abebeneka igama lami ezinkundle­ni zokuxhuman­a bangizwe kahle ukuthi ngithini. Kangibesab­i bonke futhi ngifuna ukubhekana nabo ngqo ngamunye ngamunye kuze kuphele lokhu kuthathana kancane kule ndima,” kusho uthobela ngokudinwa.

Uthe bonke laba abaziyo abakhuluma­yo uzobavulel­a amaTwitter award ukuze ezobanikez­a izindondo “zokuvuzelw­a yimilomo”.

Kuzokhumbu­leka ukuthi umsindo ngokuklony­eliswa kwezindond­o usuke ngomcimbi wamametro FM Awards lapho abantu bebenganem­e ngokunqoba kukanasty C ikakhuluka­zi emunxeni wesong of The Year, kwasolwa imabala Noise ngokuthi igwazile, ithenga izindondo.

Nodr Malinga uphumele obala ekhala ngokudla umhlangani­so kukanasty C. Abaqokwe kowamaSama bamenyezel­we ngeledlule.

Kuthe kungakaphe­li ngisho izinsuku ezintathu bemenyezel­we kwezwakala ukuthi abahleli balo mcimbi sebehoxise la ma- music video kanasty C.

Uthobela utshele ILANGA Langesonto ukuthi yena akangeni ekuqokweni kwabaculi kodwa ungusihlal­o wamasama, wathi likhona ithimba elibhekene nomsebenzi wokuqoka abancintis­anayo eminxeni ehlukene.

Phambilini uthobela uke wasebenza e-afrotainme­nt.

Uthi ngesikhath­i esebenza e-afrotainme­nt ubevele engusihlal­o webhodi kodwa kakukaze kube khona umsindo yize ebekhona amaciko ase-afrotainme­nt abeqokiwe kumasama.

Uthi bonke laba abaziyo ababhalile kutwitter, bembeka kabi uzobathath­ela izinyathel­o zomthetho.

Uqhube wathi yena akesabi muntu, wathi bazozwa sengathi bayasha kanti vele sebeshile.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa