UKHALA NGO-DJ BASEGOLI
Uthi iyadi alibahhoyi abasethekwini
KUTHIWA ubebhodla umlilo UDJ Cndo, eshubisela umphathi wendawo yobumnandi edumile esemlazi, eningizimu yetheku, emsola ngokuthi akabaqashi ODJ baseThekwini, uvele alande abasegoli.
Kuthiwa lesi senzo sikadj Cndo, owaziwa kakhulu ngeledurban’s Finest First Lady, siyamangaza kwazise ubeqeda kuphuma esiteji koklwebha amapuleti, eqashiwe.
Izimpukane eziluhlaza zithi UDJ Cndo uphume esiteji waqonda ngqo ehhovisi likajabulani ‘Jigga’ Zama, ongumnikazi weyadini Lounge, wafike wakhipha konke obekungaphakathi kuyena, esola ujigga ngokungabaqashi ODJ baseThekwini.
Nokho kakucaci kahle ukuthi yibaphi lab’ ODJ abekhuluma ngabo ngoba bayaqashwa ODJ baseThekwini eyadini, njengoba naye ubeqashiwe nje.
Ethintwa UDJ Cndo uzwakalise ukwethuka nokunengeka wathi akazi ukuthi lezi zinkulumo ziqhamuka kuphi.
“Anginalo ulwazi ngalokhu okhuluma ngakho. Mina ngingumuntu ozikhulumelayo uma nginenkinga, ukuba benginayo bengizophumela obala, angikwazi lokhu okushiwo ngami,” kusho yena.
Uthi ubengeke ayisho into efana naleyo ekubeni ubeqashiwe.
“Ngingayisho kanjani leyo nto ngibe kade ngiqashiwe eyadini. Abantu abafana nomjey yibona abasinika amathuba, ikakhulu thina esiphuma elokishini. Umthombo wakho kawuthembekile sisi,” kuqhuba yena.
Ujigga uthe ukusolwa ngokungabaqashi ODJ basethekwini kuyinkulumo ajwayele ukuyizwa, ODJ abajwayele ukuyikhuluma uma bebodwa emaceleni.
Ukuqinisekisile ukuthi uke waxoxa nodj Cndo kodwa wangaphumela obala ukuthi ingxoxo ibimayelana nani.
“Uma ngiqasha umuntu ngisuke ngingenzeli mina kodwa ngibheka okudingwa yibhizinisi nokufunwa ngabantu. Angivele ngithathe noma ngubani ngoba nakhu kuthiwa ungowasendaweni,” kusho yena.
Uthi inkinga ajwayele ukubhekana nayo ngeyabantu ababiza imali emba eqolo noma bayiphinde kabili ngoba nakhu beyodlala eyadini. Uthi uma kuza izimo ezikanjalo kuyaphoqa ukuba angabheki kodj basethekwini kuphela kodwa awelele nasegoli.
“Angenqabile ukusiza abantu, uma kukhona ofisa usizo lwami izandla zivulekile. Kasikho isidingo sokuba kube nezinkulumo emakhoneni, onenkinga makaqondane nami sibone ukuthi singasebenzisana kanjani,” kusho ujigga. tzondi@ilanganwes.co.za