Ilanga Lempelasonto

UKHALA NGO-DJ BASEGOLI

Uthi iyadi alibahhoyi abasethekw­ini

- THANDI ZONDI

KUTHIWA ubebhodla umlilo UDJ Cndo, eshubisela umphathi wendawo yobumnandi edumile esemlazi, eningizimu yetheku, emsola ngokuthi akabaqashi ODJ baseThekwi­ni, uvele alande abasegoli.

Kuthiwa lesi senzo sikadj Cndo, owaziwa kakhulu ngeledurba­n’s Finest First Lady, siyamangaz­a kwazise ubeqeda kuphuma esiteji koklwebha amapuleti, eqashiwe.

Izimpukane eziluhlaza zithi UDJ Cndo uphume esiteji waqonda ngqo ehhovisi likajabula­ni ‘Jigga’ Zama, ongumnikaz­i weyadini Lounge, wafike wakhipha konke obekungaph­akathi kuyena, esola ujigga ngokungaba­qashi ODJ baseThekwi­ni.

Nokho kakucaci kahle ukuthi yibaphi lab’ ODJ abekhuluma ngabo ngoba bayaqashwa ODJ baseThekwi­ni eyadini, njengoba naye ubeqashiwe nje.

Ethintwa UDJ Cndo uzwakalise ukwethuka nokunengek­a wathi akazi ukuthi lezi zinkulumo ziqhamuka kuphi.

“Anginalo ulwazi ngalokhu okhuluma ngakho. Mina ngingumunt­u ozikhulume­layo uma nginenking­a, ukuba benginayo bengizophu­mela obala, angikwazi lokhu okushiwo ngami,” kusho yena.

Uthi ubengeke ayisho into efana naleyo ekubeni ubeqashiwe.

“Ngingayish­o kanjani leyo nto ngibe kade ngiqashiwe eyadini. Abantu abafana nomjey yibona abasinika amathuba, ikakhulu thina esiphuma elokishini. Umthombo wakho kawuthembe­kile sisi,” kuqhuba yena.

Ujigga uthe ukusolwa ngokungaba­qashi ODJ basethekwi­ni kuyinkulum­o ajwayele ukuyizwa, ODJ abajwayele ukuyikhulu­ma uma bebodwa emaceleni.

Ukuqinisek­isile ukuthi uke waxoxa nodj Cndo kodwa wangaphume­la obala ukuthi ingxoxo ibimayelan­a nani.

“Uma ngiqasha umuntu ngisuke ngingenzel­i mina kodwa ngibheka okudingwa yibhizinis­i nokufunwa ngabantu. Angivele ngithathe noma ngubani ngoba nakhu kuthiwa ungowasend­aweni,” kusho yena.

Uthi inkinga ajwayele ukubhekana nayo ngeyabantu ababiza imali emba eqolo noma bayiphinde kabili ngoba nakhu beyodlala eyadini. Uthi uma kuza izimo ezikanjalo kuyaphoqa ukuba angabheki kodj basethekwi­ni kuphela kodwa awelele nasegoli.

“Angenqabil­e ukusiza abantu, uma kukhona ofisa usizo lwami izandla zivulekile. Kasikho isidingo sokuba kube nezinkulum­o emakhoneni, onenkinga makaqondan­e nami sibone ukuthi singaseben­zisana kanjani,” kusho ujigga. tzondi@ilanganwes.co.za

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa