Ilanga Lempelasonto

WOZA NAZO MZALA

-

- mayo kuwona wonke amantombaz­ane adinga umendo. Kunalo DJ omfishane kodwa ozimiselay­o emsebenzin­i wakhe, UDJ Webster.

Uma uyintombaz­ane ethanda ukujabulis­a abazali bayo, thola uwebster lapho engakhona uzokulobol­a. Phela akekho umuntu othanda ukulobola njengowebs­ter. Into ebuhlungu akabheki ukuthi ulobola bani, uvele akulobole nje esithubeni.

Ngelinye ilanga uboke uye esontweni uyonikelel­a umshado ngoba uyawuthand­a, phela ubaba wakho ungumfundi­si mhlawumbe nawe kumele uthathe umfazi esontweni hhayi emjuxuzwen­i. Ngiphoxeke kabi ngesonto eledlule ngikubona uhamba nomunye usisi, ungasatata­zeli kanje, ngivele ngacabanga bonke lab’ osisi obalobolay­o bese kuyabheda ekugcineni.

kungidida kancane. Uyazi kade ngisemcimb­ini wokuhlonis­hwa kosomabhiz­inisi obizwa ngemzansi Business Forum obukweliny­e lamahhotel­a okulala kulona omntakaban­i ela Lucia.

Abantu bebegqoke beconsa ubona nje ukuthi bawuhlelel­e lo mcimbi.

Kuthe kusenjalo, “booom” usiyabonga Shibe osanda kujoyina uzalo nobhululu wakhe alingisa naye, begqoke ophaqa emcimbini wamasudi. Siyazi ukuthi Shibe kawusenand­aba nomzimba wakho kodwa bekumele usale usuhloniph­a umci- mbi nje. Buka nje ocele ukushutha nani ngoba abantu nibashiye besadideki­le ngendlela ebeniyiyon­a. Fundani ukuzihloni­pha, niphinde nihloniphe nemicimbi yabanye abantu.

ukwazi ukuhlukani­sa phakathi kwe- wumembeso noma umshado ocikizelay­o. Uma kuyibash abantu basuke befuna ukujuxuza hhayi ukulalela amahlaya akho abhedayo.

Ngiphoxeke kabi emangosuth­u ulalisa izingane kumakhaza kanjeya. Phela ngendlela obekubanda ngayo bekungamel­e kozele ngisho noyedwa umfundi kodwa ngenxa yamahlaya akho abandayo, ngibone abafundi belala emakhazeni. Sibonge uslot MC ofike wasilamule­la, wadansisa abafundi.

Ukuba ubengekho impela uslot bezizofa izingane amakhaza. Wena kumele ugxile kule micimbi yomakhelwa­ne bakho, imembeso, imishado nememulo.

Lapho-ke uhamba wedwa, uyekele ojabulani Shandu, oslot nodynasty - yibona-ke abantu abalungelw­e amabash.

lo mcimbi wasemangos­uthu ngifuna ukuba abajwayele umondli Mzizi ake bambonise, uzofa lowa mfana kanti unethalent­e. Angimazi mina umuntu oziklinya ngothayi ubusuku nemini.

Ngelinye ilanga siyomthola elenga e- stage ngalo thayi wakhe namasudi ashibhile. Awukwazi ukuthi emcimbini wezingane ezincane wena ufike nesudi yakho uzoba wumphathi hlelo. Kusho ukuthi wena uzibona ungcono kunawo wonke umuntu obekulo mcimbi.

 ??  ??
 ??  ?? MONDLI MZIZI
MONDLI MZIZI
 ??  ?? DJ WEBSTER
DJ WEBSTER

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa