Unamaphupho uzandi Khumalo
UKUZALWA nomuntu odumile kwabanye kuba yinkinga ngenxa yokuthi ayibe isanakeka eyakho imisebenzi.
Uzandi Khumalo uthi kuyisibusiso ukuba ngudadewabo kakelly Khumalo yize kade afika kule ndima yezomculo.
“Kuyisibusiso engingesifanise nalutho ukuba sendimeni eyodwa nodadewethu, uyisibonelo esihle kimina. Anginayo nencane inkinga yokuthi ngiyohlale ngiyamaniswa naye. Nami ngisazokhula ngigcine sengaziwa njengozandi kuphela,” echaza.
Le ntokazi, esanda kukhipha isingili ethi, “Themba”, izodedela i-album ekupheleni kwale nyanga (April) kanti ithi ibone sekuyisikhathi esifanele sokuba izimele emuva kokusebenza isikhathi eside njenge- backup singer nomdansi kadadewabo.
“Ngibone sekuyisikhathi esifanele sokuba nami ngizimele ngoba senginokuzethemba, bengifuna ukuthi uma sengenze into ethinta mina kube yinto engiyizwa ngaphakathi. Ngaphezu kwalokho bengifuna ukuba nabantu engaziyo ukuthi ngingasebenzisana kahle nabo,” kuchaza uzandi.
Uthi yize abantu bengamazi emculweni kodwa akasiye umafikizolo. Uthi kusukela esemncane ubejwayele ukucula kubo nasenkonzweni.
“Ekhaya besinekhwaya ngaphinde ngadlulela nasenkonzweni nokuyilapho engingathi ngithole khona ukuqeqesheka kahle,” usho kanje
Uzandi uthi akamile emculweni kodwa kungenzeka agcine esesabalalela nakwezokulingisa noma emsakazweni.
“Ngiyintokazi yamathalente amaningi, okusele nje wukuba ngiwasebenzise kuphela,” kuchaza uzandi.
Uthi abantu mabalindele ubisi lwe-album njengoba phakathi kwabantu asebenzisane nabo kukhona norobbie Malinga noscelo kanti iqoshwe ngaphansi kwemabala Noise.