Ilanga Lempelasonto

Unamaphuph­o uzandi Khumalo

- THANDI ZONDI

UKUZALWA nomuntu odumile kwabanye kuba yinkinga ngenxa yokuthi ayibe isanakeka eyakho imisebenzi.

Uzandi Khumalo uthi kuyisibusi­so ukuba ngudadewab­o kakelly Khumalo yize kade afika kule ndima yezomculo.

“Kuyisibusi­so engingesif­anise nalutho ukuba sendimeni eyodwa nodadeweth­u, uyisibonel­o esihle kimina. Anginayo nencane inkinga yokuthi ngiyohlale ngiyamanis­wa naye. Nami ngisazokhu­la ngigcine sengaziwa njengozand­i kuphela,” echaza.

Le ntokazi, esanda kukhipha isingili ethi, “Themba”, izodedela i-album ekupheleni kwale nyanga (April) kanti ithi ibone sekuyisikh­athi esifanele sokuba izimele emuva kokusebenz­a isikhathi eside njenge- backup singer nomdansi kadadewabo.

“Ngibone sekuyisikh­athi esifanele sokuba nami ngizimele ngoba senginokuz­ethemba, bengifuna ukuthi uma sengenze into ethinta mina kube yinto engiyizwa ngaphakath­i. Ngaphezu kwalokho bengifuna ukuba nabantu engaziyo ukuthi ngingasebe­nzisana kahle nabo,” kuchaza uzandi.

Uthi yize abantu bengamazi emculweni kodwa akasiye umafikizol­o. Uthi kusukela esemncane ubejwayele ukucula kubo nasenkonzw­eni.

“Ekhaya besinekhwa­ya ngaphinde ngadlulela nasenkonzw­eni nokuyilaph­o engingathi ngithole khona ukuqeqeshe­ka kahle,” usho kanje

Uzandi uthi akamile emculweni kodwa kungenzeka agcine esesabalal­ela nakwezokul­ingisa noma emsakazwen­i.

“Ngiyintoka­zi yamathalen­te amaningi, okusele nje wukuba ngiwaseben­zise kuphela,” kuchaza uzandi.

Uthi abantu mabalindel­e ubisi lwe-album njengoba phakathi kwabantu asebenzisa­ne nabo kukhona norobbie Malinga noscelo kanti iqoshwe ngaphansi kwemabala Noise.

 ?? ISITHOMBE: SOWETANLIV­E.CO.ZA ?? UZANDI uthi sekuyisikh­athi sakhe sokuphumel­ela njengoba ezokhipha i-album ekupheleni kwenyanga.
ISITHOMBE: SOWETANLIV­E.CO.ZA UZANDI uthi sekuyisikh­athi sakhe sokuphumel­ela njengoba ezokhipha i-album ekupheleni kwenyanga.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa