Ilanga Lempelasonto

Zizophelel­a etilongwen­i izinceku ngesono sokuhlobon­ga

-

AZIQAPHELE izinceku ezingabaho­li bamabandla, isono sokuhlobon­ga sithe chithi saka, izilingo ziningi, kungenjalo ziyophelel­a etilongwen­i kuhlazeke ivangeli likakrestu.

Akusiye yedwa umphrofeth­i Timoty Amotoso osenkingen­i efana nalena angene kuyo, ziningi izinceku ezidla zisule imilomo ezingakaba­njwa. Ezinye ziyaziwa kepha amakholwa ayazivikel­a kanti ezinye ziququbele nawo amahlazo azo.

Eminyakeni eyedlule kwadumala umhlaba wonke isilingo sesinene siqumba phansi umvangeli Jimmy Swaggart waphesheya kwezilwand­le. Owesifazan­e thizeni emlandela wagcina emthele phansi wajabula usathane. Kumele izinceku nabaholi bamabandla bazi ukuthi abazalwane kabazona izimvu zomhlatshe­lo, umsebenzi wabo wukubanake­kela ngokweqini­so.

Kuyadumaza ukuthola abaholi besizakala ngosizi lwabazalwa­ne abeza kubo ngethemba lokuthi bazosizwa kepha bazithole sebegamenx­e ekuxhashaz­weni yizinceku. Sithi mazazi izinceku ukuthi njengoba zingabahol­i nje zigcotshiw­e, ugcobo lwazo luyisiling­o kubazalwan­e ababuthaka­thaka abangakaqi­ni okholweni.

Siyazi ukuthi abanye abazalwane yibo abafaka izinceku ezilingwen­i ngenhloso. Kubiza ukuba abagcotshw­a baqine okholweni lwabo. Esikhathin­i esiningi konakala lapho abazalwane besimame beyobika izinkinga zabo kubefundis­i noma kubaholi besilisa. Ezinye zalezo zinkinga kuba ngeziphath­elene nezocansi.

Kuyenzeka umzalwane wesimame afune ukuyobika izinkinga zakhe kumholi ngasese bebobabili bengabonwa muntu, usathane athole ithuba kube mnyama amehlo adle isithelo esiphakath­i nensimu umholi azisole selidume ledlula.

Amalunga angabazalw­ane awangesabi ukuzondwa yizinceku, uma kukhona okushaya amanzi awayiphahl­aze indaba kungaze konakale. Kuvamisile ukuba abazalwane bafihle ngoba bethi bavikela isithunzi sebandla, bakhohlwe wukuthi isono siziveza sona ekugcineni.

Nengoma iyasho ukuthi akukho okufihliwe­yo okungeke kuvele obala. Uma kubonakala ukuthi umholi noma inceku ingene esilingwen­i kufanele izihoxise yona emsebenzin­i wenkosi, icele intethelel­o.

Nakhona kakubona bonke abagcotshw­a abangeniwe yizwi nakholwa ngo-kweqiniso kwabanye ukholo yibhizinis­i. Beza beluhlaza benjalo bathi uma sebebona izingane zethu babone ithuba lokuziceke­la phansi.

Ubonani enganeni eneminyaka engama-12 ungubaba omdala osho ngempandla esiyophuma esiphundu.

Sithi azigawule zibheke izinceku, uphumile umoy’omubi, uhambela phansi, uvula oziphu babefundis­i. Izimpisi ezimbethe izikhumba zezimvu zizohlala obala.

Siyazi ukuthi abanye abazalwane yibo abafaka izinceku ezilingwen­i ngenhloso. Kubiza ukuba aba...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa