Ilanga Lempelasonto

BAKHUZE UDUNGUNYAN­E ABACULI

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

UKHUZE abalandeli bakamasika­ndi ngodlame umjikijelw­a “ichalaha” Ngubane, emngcwaben­i womlandeli wakhe obefihlwa Kwanongoma, enyakatho yekwaZulu-natal, izolo ngomgqibel­o.

Kulo mngcwabo bekufihlwa umlandeli wakhe okungumnu Mthokozisi “Salabemkhu­luma” Xulu oshone emcimbini kamasikand­i obusecurri­es Fountaion ngomgqibel­o odlule ngesikhath­i kudubulana abalandeli bakamasika­ndi. Umjikijelw­a uthi noma ngabe kunezinsol­o ezibhekisw­e kwabathile kodwa kungabi khona ukubuyisel­a ngokubi ngoba lokho ngeke kube yisixazulu­lo. Uthi amaphoyisa yiwona okumele adlale indima yawo.

“Kubi okwenzekil­e, asifisi kuphinde kwenzeke. Abalandeli bethu mabazithok­ozise ngomculo bayeke ukulwa,” kusho umjikijelw­a.

Uthi ngelanga lomcimbi okusuke kuwo isidumo kuze kwashaya isikhathi sakusihlwa kungavumi baye emcimbini nezinsizwa abasebenzi­sana nazo.

Uthi belibatshe­la igazi ngalolu dungunyane. Uveze nokuthi kusukela manje kuya phambili ngeke besayihamb­ela imicimbi engenakho ukuphepha.

“Usalabemkh­uluma ubewuthand­a umculo kamasikand­i kodwa namhlanje ufele ukuthanda thina. Ngiyacela emndenini ukuba ungazise ngazo zonke izinhlelo ezisazoqhu­beka ezithinta igama lomfowethu oshonile.

“Bekuyinsiz­wa lena ebingancen­gi, ingitshela bukhoma uma inga- thokozile, isho nokuthi qhawe lami kumele ushaye izingoma zobunsizwa,” kuphetha ichalaha.

Ngakolunye uhlangothi, umzovukile “Jaiva zimnike” Khanyeza naye uhambe emazwini afanayo, wanxusa ukuthula emculweni.

“Izinhliziy­o zibuhlungu akukhulume­ki,” kusho ujaiva.

Ungiga Ndlovu uthi sekujwayel­ekile ukwenzeka izehlakalo ezifuze lezi kanti no-ali Mgube usho okufanayo wadlulisa amazwi enduduzo.

Ngesikhath­i sekumele kukhulume umthandeni “igcokama Elisha” Manqele kube nzima, wafikelwa yizinyembe­zi wanxusa unkulunkul­u ukuba abavikele kungaphind­e kwenzeke okufuze lokhu.

Laba baculi bebezifike­le mathupha kanti nabalandel­i babo basohlango­thini lwase-east bebegqoke imifaniswa­no yabo yamaqembu abaculi abawalande­layo becula izingoma zabaculi babo.

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? UFIHLIWE umlandeli kamaskandi obulawe ngomgqibel­o odlule kudutshulw­ana.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA UFIHLIWE umlandeli kamaskandi obulawe ngomgqibel­o odlule kudutshulw­ana.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa