Ilanga Lempelasonto

Igcokama lihlasele intatheli YELANGA

EZOSAZIWAY­O: Ibisemngcw­abeni Kwanongoma

- JOHN HLONGWA

Ubesho ukuyiqeda umculi kamaskandi igama lakhe eselithint­eke ezigamekwe­ni eziningana ezimbi. Intatheli, umthobisi Sithole, ibiyoseben­za emgcwabeni womlandeli kamaskandi, usalabemkh­uluma Xulu, oshone ngesonto eledlule kusuka izibhelu emcimbini obizwa ngokuthi yinqokotho Maskandi Festival.

Umngcwabo ubukwanong­oma, esigodini ivuna izolo ngomgqibel­o. Ngesikhath­i kuqhubeka umgcwa- bo kunikezwe abaculi ithuba lokuba bavalelise kumufi. Kuqale kwakhuluma ungiga, kweza ujayiva, kwalandela umjikijelw­a no-ali Mgube, kwavala igcokama ebeselike lazama ukukhuluma laxakwa yisibibith­wane layeka.

Bathe beqeda izintathel­i ZELANGA zabe sezicela ithuba lokhuluma nabo. Isicelo samukelwe ngumjikije­lwa no-ali Mgube, basidlulis­ela kwabanye nebala baphumela bonke emnyango.

Ngesikhath­i kufikwa emnyango umthwebuli ucele isithombe sabaculi behlangene ngenkathi intatheli ihloma umbuzo kumjikijel­wa. Igcokama likhombise ukungakuth­akaseli ukuba sesithombe­ni ebesihlelw­a wumthwebul­i waleli phephandab­a, labonakala lisuka lijikela ngemuva kwentathel­i.

Umjikijelw­a ubesaphend­ula umbuzo wentatheli othi, njengoba indaba yase-east nasewest ibonakala iwusawoti esilondeni kubalandel­i kuzogcina kwenzekeni endimeni kamasikand­i.

Uphendule ngelokuthi le nto yaqalwa ngabalande­li, bona... Akabange esaqeda ukusho lawo mazwi, kwaqhuma impama entathelin­i.

Kuthe kusakhuzwa lokho wabonakala esejaha intatheli eyishaya. Ngesikhath­i konke lokhu kwenzeka abanye abalandeli babeleseka igcokama bethi lishaya into yokushaywa.

Kuzokhumbu­leka ukuthi lo mculi usole intatheli ngokuthi ibika kabi ngaye, ikakhuluka­zi ngodaba lokushona kwezingane zakwalanga, ehlobane, ngemuva kwengozi yequantum ezazihamba ngayo okwabikwa ukuthi yayishayel­wa yilo igcokama.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa