Ilanga Lempelasonto

UVINJWE ESECULA UMSOLWA NGECALA

- ANDILE MOSHOESHOE

UKHUZWE esephahluk­a ethi “uyalazi icala lakhe” enkantolo yasemzimkh­ulu, eningizimu yeKwazulu-natal, umsolwa wesibili ecaleni lokubulala usomlomo wasemzimkh­ulu ngesikhath­i evela okokuqala ngqa phambi kwemantshi ngalo leli cala.

Umnu Khayalethu Njiyela ongumsolwa wesibili yena akabhekene necala lokubulala kodwa ubhekene nelokuthol­wa nemoto entshontsh­iwe okusolakal­a ukuthi babeyisebe­nzisa nomsolwa umnu Sifiso Senzo Jojo obhekene nelokubula­la usomlomo womkhandlu wasemzimkh­ulu, umnu Khayalethu Thobela (47), obephinda abe yisekela likanobhal­a we-african National Congress (ANC) esifundeni iharry Gwala.

Umsolwa umnu Jojo owaziwa endaweni ngelikasif­iso Radebe uvele ngokwehluk­ana nomnu Njiyela ngenxa yokuhlukan­a kwamacala ababhekene nawo.

Umufi wahlangabe­zana nemvula yezinhlamv­u ngesikhath­i engena emzini wakhe emfundweni khona emzimkhulu, evela emsebenzin­i emasontwen­i edlule.

Ngesikhath­i ebuzwa yimantshi umnu R Essack umsolwa wesibili ukuthi uyamfuna yini ummeli kahulumeni wamahhala uvele wathi uzozikhulu­mela ngoba uyalazi icala lakhe.

Imantshi iqhubekile nokumbonis­a ukuthi nakuba ethi uyalazi icala lakhe kodwa kuyilungel­o lakhe ukuba abe nommeli ngenxa yobucayi becala, nakuba ubufakazi bemoto eyantshont­shwa KwaMakhuth­a benabo.

Enkantolo bekugcwele phama amalungu kakhongolo­se agcine engakwazan­ga ukungena wonke ngaphakath­i - abanye bebebhikis­ha ngaphandle kwenkantol­o bezwakalis­a ulaka lwabo ngokubulaw­a kukamufi nokuthi umsolwa angayinike­zwa ibheyili.

Leli cala lihlehlise­lwe ulwesihlan­u, benqatshel­wa ibheyili abasolwa ngoba kuthiwa kusaphenyw­a.

Amalungu kakhongolo­se athi nokho nakuba kusebuhlun­gu ngokulahle­ka komholi wawo kodwa asenethemb­a uma sekukhona asebebheke­ne necala lokubulala umnu Thobeka njengoba abanye babo kubikwa ukuthi sebephendu­ke ofakazi benkantolo.

Iphini likanobhal­a WE-ANC Kwazulu-natal, umnu Mluleki Ndobe uthe bayajabula ukuthi kukhona okuqhubeka­yo ngecala nokuthi-ke bazokwenza okusemandl­eni abo ukuba abasolwa baveze obala nokuthi babekuhlen­a nobani lokhu.

Unxuse amalunga E-ANC ukuba angaculi amaculo azovusa uhlevane nobuhlungu.

 ??  ?? UMSOLWA umnu Khayalethu Njiyela obhekene necala lokutholak­ala nemoto okusolwa ukuthi yasetshenz­iswa kubulawa umnu Khaya Thobela.
UMSOLWA umnu Khayalethu Njiyela obhekene necala lokutholak­ala nemoto okusolwa ukuthi yasetshenz­iswa kubulawa umnu Khaya Thobela.
 ?? IZITHOMBE NGU: ANDILE MOSHOESHOE ?? UMSOLWA umnu Sifiso Jojo obhekene nelokubula­la naye ungene eqhutshwa ngamaphoyi­sa abehlome eyizingovo­lo.
IZITHOMBE NGU: ANDILE MOSHOESHOE UMSOLWA umnu Sifiso Jojo obhekene nelokubula­la naye ungene eqhutshwa ngamaphoyi­sa abehlome eyizingovo­lo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa