UVINJWE ESECULA UMSOLWA NGECALA
UKHUZWE esephahluka ethi “uyalazi icala lakhe” enkantolo yasemzimkhulu, eningizimu yeKwazulu-natal, umsolwa wesibili ecaleni lokubulala usomlomo wasemzimkhulu ngesikhathi evela okokuqala ngqa phambi kwemantshi ngalo leli cala.
Umnu Khayalethu Njiyela ongumsolwa wesibili yena akabhekene necala lokubulala kodwa ubhekene nelokutholwa nemoto entshontshiwe okusolakala ukuthi babeyisebenzisa nomsolwa umnu Sifiso Senzo Jojo obhekene nelokubulala usomlomo womkhandlu wasemzimkhulu, umnu Khayalethu Thobela (47), obephinda abe yisekela likanobhala we-african National Congress (ANC) esifundeni iharry Gwala.
Umsolwa umnu Jojo owaziwa endaweni ngelikasifiso Radebe uvele ngokwehlukana nomnu Njiyela ngenxa yokuhlukana kwamacala ababhekene nawo.
Umufi wahlangabezana nemvula yezinhlamvu ngesikhathi engena emzini wakhe emfundweni khona emzimkhulu, evela emsebenzini emasontweni edlule.
Ngesikhathi ebuzwa yimantshi umnu R Essack umsolwa wesibili ukuthi uyamfuna yini ummeli kahulumeni wamahhala uvele wathi uzozikhulumela ngoba uyalazi icala lakhe.
Imantshi iqhubekile nokumbonisa ukuthi nakuba ethi uyalazi icala lakhe kodwa kuyilungelo lakhe ukuba abe nommeli ngenxa yobucayi becala, nakuba ubufakazi bemoto eyantshontshwa KwaMakhutha benabo.
Enkantolo bekugcwele phama amalungu kakhongolose agcine engakwazanga ukungena wonke ngaphakathi - abanye bebebhikisha ngaphandle kwenkantolo bezwakalisa ulaka lwabo ngokubulawa kukamufi nokuthi umsolwa angayinikezwa ibheyili.
Leli cala lihlehliselwe ulwesihlanu, benqatshelwa ibheyili abasolwa ngoba kuthiwa kusaphenywa.
Amalungu kakhongolose athi nokho nakuba kusebuhlungu ngokulahleka komholi wawo kodwa asenethemba uma sekukhona asebebhekene necala lokubulala umnu Thobeka njengoba abanye babo kubikwa ukuthi sebephenduke ofakazi benkantolo.
Iphini likanobhala WE-ANC Kwazulu-natal, umnu Mluleki Ndobe uthe bayajabula ukuthi kukhona okuqhubekayo ngecala nokuthi-ke bazokwenza okusemandleni abo ukuba abasolwa baveze obala nokuthi babekuhlena nobani lokhu.
Unxuse amalunga E-ANC ukuba angaculi amaculo azovusa uhlevane nobuhlungu.