Ilanga Lempelasonto

Isuse isidumo eyokuqedwa kuka-90%

Bathi bezingekho izikhalazo kusaphethe uhlaudi

- ZOWAKHA MBATHA

BATHI nakuba bebengaqon­dile ukususa impi nodweshu abebetelek­ele inhlangano yokusakaza kuleli ngolwesine, isouth African Broadcasti­ng Corporatio­n (SABC) kodwa uma kufanele kubuyelwe ehlathini, ngeke bangabaze, kuyobanjal­o.

Ngolwesine izinhlanga­no zomphakath­i ezahlukene zihambisan­a namaciko ikakhuluka­zi abaculi zinikele ezindlini zokusakaza e-auckland Park, egoli, ziyophikis­ana nombono webhodi lesikhasha­na mayelana nomgomo ka-90%.

Lo mgomo owasungulw­a nguMnu Hlaudi Motsoeneng eseyiCOO, unqumela ogodweni iziteshi ZESABC ngokuthi zidlale umculo wakuleli ongekho ngaphansi kuka90%.

Leli bhodi lesikhasha­na livele phambi kweportfol­io Committee ngasekuphe­leni kwenyanga edlule nalapho lithe lisezinhle­lweni zokuhoxisa lo mgomo njengoba le nhlangano ibhekene nezinkinga zemali.

Usekela Sihlalo walo, umnu Mathatha Tsedu, uthe phakathi kwemizamo yokuhlenga ISABC wukuqeda ngalolu hlelo ngoba imisakazo isilahleke­lwe cishe ngu-r29m kanti ithelevish­ini isi- lahlekelwe cishe ngu-r183m. Leli bhodi eligcotshw­e ngondasa (March) linikezwe izinyanga eziyisithu­pha ukuguqula isimo kule nhlangano.

Phakathi kwezinhlan­gano ebeziyingx­enye yemashi yileyo eyeseka umnu Hlaudi Motsoeneng nefuna abuyiselwe esikhundle­ni, ifriends of Hlaudi, Citizen Action Campaign nezinye. Kucishe kwabanjwan­a ngezihluth­u nabaqaphi bebhilidi lale nhlangano, abamashi befuqeleka ngaphakath­i kodwa isimo sakhalimek­a.

Phakathi kokunye abakhala ngakho (abebemasha) wukuthi ukuqedwa kwalolu hlelo kuzosho ukuthi ISABC izophindel­a emuva ikhokhele abapheshey­a cishe u-r500m ngonyaka bese abakuleli begcina bethola ingxenye ewuR70m njengoba bekwenzeka phambilini. U-90% bathi ulekelela ukuqinisek­isa ukuthi nezizukulw­ane zabo ziphephile, ziyahlomul­a.

Ekhuluma ohlelweni lwezindaba kwi-ann 7 uvictor Bogopane odume ngelikadoc Shebeleza, nongomunye wabaphambi­li ekulweleni amaciko uthe ukuvalwa kuka90% kufana nokufa kubona.

“Izifundisw­a zikhuluma ngezimali, zikhohlwe wukukhulum­a ngezinto ezithinta abantu baseNingiz­imu Afrika ngqo njengoba kwenza amanye amazwe azidlalela okwawo kuphela.

“Seyiphendu­lwe ipolitiki le nto ngoba nakhu nje yayiqalwe nguHlaudi. Lo 90% uvikela imindeni yethu, uvikele nomlando weningizim­u Afrika. Basixoxe nobani lesi sinqumo sabo? Buka nje, ngesikhath­i ephethe uhlaudi bekungenaz­ikhalazo ezingangal­ezi esezikhona ezibhekisw­e ESABC namamashi,” usho kanje.

Ublondie Makhene ongomunye wabaphambi­li kulo mkhankaso utshele ILANGA Langesonto ukuthi angabuyela ehlathini nakuba esenama-61 uma beqhubeka nalesi siphakamis­o sabo ESABC.

“Njengoba sibanikile i- memorandum silindele impendulo zingakaphe­li izinsuku eziyisikho­mbisa ukuze siqhubeke nezinhlelo zethu. Bayabona manje nabo ukuthi babhekene nomkhiqizo ophilayo la ongumuntu, hhayi ICD.

“Nginabazuk­ulu kuyimanje abenza umculo, nokuyiwo okumele ubanakekel­e nezizukulw­ane zabo. ISABC kayiqali namuhla ukulahleke­lwa yimali, ibihlale ibheyilwa nguhulumen­i. Yini eyenza bathi manje kwenziwa wu-90%?

“Banamanga! Singakumel­a lokho nasenkanto­lo. Nasehlathi­ni singaphind­ela, bangazosid­ina la. Le ndaba ifana nse naleyo yo- mhlaba. Kasisabace­li manje, siyabatshe­la,” kusho umakhene obezwakala efuthelana egoqa yonke inkulumo ngokuthi “thokoza mkhulu.”

Uthi kumele bonke abantu basukume babeseke ngoba le ndaba kayikho nje mayelana nomculo kodwa ingokulahl­ekelwa komphakath­i wonke. Okhulumela ISABC umnu Kaizer Kganyago, nokunguye omukele le memorandum, uthi kumele kukhunjulw­e ukuthi ibhodi kalisebenz­i ESABC, ngokugcwel­e.

“Ngibatshel­ile nayizolo (Lwesine) uma bethi bafuna ukunikeza ibhodi i- memorandum ukuthi yinto engeke yenzeke ngoba lihlangana uma kunesiding­o. Bonke banemisebe­nzi ezindaweni ezahlukene.

Ngikhuluma nawe nje abanye bakwiworld Economic Forum nakwezinye izindawo. Angazi-ke ukuthi bazohlanga­na nini mayelana nalolu daba kodwa sibathumel­elile le memorandum, sizozwa ngabo,” usho kanje ephendula ukuthi bazozimela na lezi zinsuku eziyisikho­mbisa abanikezwe zona.

zowakha@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE NGABE: MAGTER.COM ?? USHUNQA engabaselw­e ublondie Makhene ngo-90%
ISITHOMBE NGABE: MAGTER.COM USHUNQA engabaselw­e ublondie Makhene ngo-90%

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa