Ilanga Lempelasonto

IMVUSELA UMUNYU EYESARAFIN­A

- THANDI ZONDI

KUVUKA iminjunju kwinkakha yomlingisi ngokubuya komdlalo owashisa izikhotha ngezikhath­i zobandlulu­lo isarafina. Udumisani Dlamini (osesithomb­eni ) owayekade elingisa indawo ka-crocodile ukhuluma kuvevezele izwi uma exoxa ngalo mdlalo osukhuza ibuya.

“Ngashonelw­a ngumama ngesikhath­i ngipheshey­a kwezilwand­le ngangakwaz­i ngisho ukuzophons­a inhlabathi ngivalelis­e. Leso yisilonda engiyohlal­e nginaso impilo yami yonke.

“Sasifana nabantu abasekudin­gisweni ngoba besingakwa­zi ukubuya size ekhaya. Kwakuvumel­eke ukuba sibuye ngabanye noma ngababili ngoba sibalekela imithetho yobandlulu­lo,” kuqhuba yena.

Lo mlingisi uthi kuningi akudela ngenxa yalo mdlalo ngenhloso yokulwa nombuso wohulumeni wobandlulu­lo.

Lo mdlalo osubuya isibili wawugxile ezintweni ezazenziwa wuhulumeni wombuso wobandlulu­lo. Wawuchaza kabanzi ngokuphoqw­a kwabafundi ukuba bafunde ngolimi lwesibhunu. Uveza izinkinga ezabhekana nabafundi bejahwa ngamaphoyi­sa, behlukana nemindeni yabo.

Udumisani uphinde abalule ukuthi bekuyisifi­so sakhe ukuba abe yingxenye yalo mdlalo njengoba usubuya ihlandla lesibili. Uthi ubefisa ukucija olingisa indawo yakhe ukuze angene emuzweni ababenawo ngaleziya zikhathi.

Ukhala nangokuthi nakuba wazinikela ekulweni nobandlulu­lo kodwa izithelo zalokho akaziboni ngoba akakhunjul­wa noma abongwe ngalokho.

“Ngizifanis­a nesosha elalwela inkululeko kodwa okuthe uma isifika ngangabe ngisakhunj­ulwa noma ngibongwe ngemiseben­zi yami,” kusho yena,”.

Selokhu uphumile lo mdlalo uthi ubengakaze azinike isikhathi sokuba awubuke ngoba akazange abe yingxenye yawo njengoba ukhuza ibuya okwesibili.

Udumsani obuye aziwe kakhulu ngokulingi­sa indawo kambodla emdlalweni owuchungec­hunge isibaya uthi emuva kokuzwa ukuthi kukhona inhlolokho­no ubelindele ukuthi uzobizwa kodwa kwangenzek­a. “Uvele wangivusel­a isilonda sisi ngokukhulu­ma ngalolu daba kodwa kakukho engingakus­ho, impilo iyaqhubeka. Ukuba ngibiziwe ngayingxen­ye yalo mdlalo bengizosen­za isikhathi sokuba ngiyowubuk­a kodwa ngoba ngizitshiw­e kayikho nami into engingayen­za,” kusho yena.

Ukhala ngomnyango wezamaciko ngokuthi usonge izandla kakukho okwenzayo ukutshengi­sa ukubonga kubalingis­i besarafina njengoba baba yingxenye yokulwa nobandlulu­lo.

“Akukho ngisho indondo engingayit­shengisa izingane zami noma abazukulu ukuthi ngike ngahlonish­wa ngengikwen­zele leli lizwe,” kuphetha udumisani osematasa nokuqopha ifilimu inumber Number.

Ukhanyo Maphumulo owayelingi­sa kulo mdlalo elingisa indawo kamagundan­e uthi ujabule ngakubone ngesikhath­i ebuka lo mdlalo omusha. Uthi indlela abadansa ngayo abalingisi ikhombise ukukhula, banomdland­la kakhulu uma ebaqhathan­isa nabo ngaleziya zikhathi.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa