IMVUSELA UMUNYU EYESARAFINA
KUVUKA iminjunju kwinkakha yomlingisi ngokubuya komdlalo owashisa izikhotha ngezikhathi zobandlululo isarafina. Udumisani Dlamini (osesithombeni ) owayekade elingisa indawo ka-crocodile ukhuluma kuvevezele izwi uma exoxa ngalo mdlalo osukhuza ibuya.
“Ngashonelwa ngumama ngesikhathi ngiphesheya kwezilwandle ngangakwazi ngisho ukuzophonsa inhlabathi ngivalelise. Leso yisilonda engiyohlale nginaso impilo yami yonke.
“Sasifana nabantu abasekudingisweni ngoba besingakwazi ukubuya size ekhaya. Kwakuvumeleke ukuba sibuye ngabanye noma ngababili ngoba sibalekela imithetho yobandlululo,” kuqhuba yena.
Lo mlingisi uthi kuningi akudela ngenxa yalo mdlalo ngenhloso yokulwa nombuso wohulumeni wobandlululo.
Lo mdlalo osubuya isibili wawugxile ezintweni ezazenziwa wuhulumeni wombuso wobandlululo. Wawuchaza kabanzi ngokuphoqwa kwabafundi ukuba bafunde ngolimi lwesibhunu. Uveza izinkinga ezabhekana nabafundi bejahwa ngamaphoyisa, behlukana nemindeni yabo.
Udumisani uphinde abalule ukuthi bekuyisifiso sakhe ukuba abe yingxenye yalo mdlalo njengoba usubuya ihlandla lesibili. Uthi ubefisa ukucija olingisa indawo yakhe ukuze angene emuzweni ababenawo ngaleziya zikhathi.
Ukhala nangokuthi nakuba wazinikela ekulweni nobandlululo kodwa izithelo zalokho akaziboni ngoba akakhunjulwa noma abongwe ngalokho.
“Ngizifanisa nesosha elalwela inkululeko kodwa okuthe uma isifika ngangabe ngisakhunjulwa noma ngibongwe ngemisebenzi yami,” kusho yena,”.
Selokhu uphumile lo mdlalo uthi ubengakaze azinike isikhathi sokuba awubuke ngoba akazange abe yingxenye yawo njengoba ukhuza ibuya okwesibili.
Udumsani obuye aziwe kakhulu ngokulingisa indawo kambodla emdlalweni owuchungechunge isibaya uthi emuva kokuzwa ukuthi kukhona inhlolokhono ubelindele ukuthi uzobizwa kodwa kwangenzeka. “Uvele wangivusela isilonda sisi ngokukhuluma ngalolu daba kodwa kakukho engingakusho, impilo iyaqhubeka. Ukuba ngibiziwe ngayingxenye yalo mdlalo bengizosenza isikhathi sokuba ngiyowubuka kodwa ngoba ngizitshiwe kayikho nami into engingayenza,” kusho yena.
Ukhala ngomnyango wezamaciko ngokuthi usonge izandla kakukho okwenzayo ukutshengisa ukubonga kubalingisi besarafina njengoba baba yingxenye yokulwa nobandlululo.
“Akukho ngisho indondo engingayitshengisa izingane zami noma abazukulu ukuthi ngike ngahlonishwa ngengikwenzele leli lizwe,” kuphetha udumisani osematasa nokuqopha ifilimu inumber Number.
Ukhanyo Maphumulo owayelingisa kulo mdlalo elingisa indawo kamagundane uthi ujabule ngakubone ngesikhathi ebuka lo mdlalo omusha. Uthi indlela abadansa ngayo abalingisi ikhombise ukukhula, banomdlandla kakhulu uma ebaqhathanisa nabo ngaleziya zikhathi.