USOLA UKUTHI UBEDUNWA IMOTO UNONTANDAKUBUKWA
SISOLA ukuthi bekuzanywa ukudunwa imoto yaso isitabane sodumo esingenwe ngemuva yiveni ngesikhathi siphuma ukuyophatha uhlelo emcimbini wobumnandi emagabheni, eningizimu yetheku, ezintatha zangesonto.
Utha Simelane odume ngelikaNontandakubukwa wetheku uhlangabezane nengozi yemoto ngesikhathi ephuma kulo mcimbi obizwa ngecoastal Music Experience. Echaza ngalesi sigameko esimshiye ethukile uthi ubeseqedile umsebenzi wokuphatha uhlelo, esegoduka.
“Ngiphume kulo mcimbi ngishayela imoto yami kahle kwazise imigwaqo yasemagabheni ayinawo ugesi futhi kunezinciphisa mgwaqo. Ngesikhathi ngiqhubeka nohambo ngiqaphelile ukuthi kunemoto ebilokhu ingilandela ngabe senginyusa isivinini,” echaza kucaca ukuthi usashaqekile.
Uthi ngesikhathi enyusa isivinini uqaphelile ukuthi nalo leli veni lenyusile (isivinini).
“Ngenxa yokuthi bekunezinciphisa mgwaqo ngibe senginci- phisa isivinini labe selingingena ngemuva, imoto yami yaphaphalazela eceleni komgwaqo yalimala ngemuva,” elanda. Uqhuba uthi kuthe kusenjalo, esethukile leli veni libe selijika ngesikhulu isivinini lashaya lachitha.
“Engikuqaphelile wukuthi bekuyila maveni amakhulu futhi bekunabesilisa ababili. Singethuse kakhulu lesi sigameko kwazise angazi noma bebefuna ukuduna imoto yami noma bangidlwengule phela ngeke ngisathemba lutho emhlabeni njengoba nomgwaqo ebengihamba kuwona ubumnyama,” enaba.
Utha uthi ushayele omunye wabangani bakhe ucingo obekhona emcimbini ukuze athole usizo ngokushesha. Uveze ukuthi akajwayele ukuhamba yedwa uma eyophatha uhlelo ezindaweni eziqhelile nedolobha.
“Ngivamise ukuhamba nabangani bami ukuze noma kukhona okwenzekayo sivikelane,” esho.
Uthi ukulimala kwemoto yakhe kuzomphazamisa kakhulu njengoba engumuntu omatasa ephatha imicimbi ezindaweni ezahlukene eyidinga kakhulu.
“Okwamanje ngizolokhu ngiqasha imoto kuze kube iyalunga eyami,” kusho utha oveze ukuthi imoto yakhe ibingenawo umshwalense okusho ukuthi ukuyilungisa kuzodla iphakethe lakhe.
Uthi akalivulanga icala njengoba nezinombolo zaleli veni engakwazanga ukuzithatha.
lucky.cain@ilanganews.co.za