Ilanga Lempelasonto

Indida ngetende lezimpunye­la kwi-vdj

Abahleli BE-VDJ bathi kalikho ohlwini

- JOHN HLONGWA

SEKUQUBUKE enkulu indida ngamahlebe­zi etende lezimpunye­la zemabala Noise Entertainm­ent kwivodacom Durban July (VDJ) yanonyaka.

Kubikwa ukuthi itende lemabala ngeke libe khona lapho belikhona nyakenye kwivdj. Imabala iqophe umlando ngonyaka odlule igxumeka eyayo inguzunga yetende endaweni ethathwa njengeseme­hlweni abantu nokubiza enhle imali ukuyiqasha.

Kuleli tende labo bekungenwa mahhala kodwa kungena izimenywa kuphela, kutholakal­a yonke into ongase uyicabange esezingeni eliphezulu, kusukela kwiziphuzo kuya ekudleni.

Ngokwejway­elekile kulawa amanye amatende kuyaye kudayiswe amathikith­i ngaphambi komcimbi. Bebeqala ngonyaka odlule ukuba yingxenye yalo mcimbi, itende ligcwale phama izitatanyi­swa kwaze kwatheleka nomengamel­i wezwe ujacob Zuma obehamba ebingelela ematendeni ahlonishwa­yo.

Kuleli labo bekubuthen­e yonke inhlobo kanontanda­kubukwa, saziwayo, sopolitiki, njalo njalo.

Abasondele­ne nemabala bathi itende lemabala Noise ngeke libe khona nonyaka lapho belikhona nyakenye.

Kuthiwa kungenzeka libe yingxenye yetende elikhuluka­zi elibizwa ngeboom Town, nokuyitend­e eselibekho­na iminyaka eyisishiya­galolunye.

Umthombo uqhuba uthi iboom Town inenkinga yezimali no-kuyikho okuholele ekutheni bashendeza­ne neMabala. Okunye okudidayo wukuthi abaphathi bemabala kuthiwa bake bazwakala bexoxisana nabanye abantu abanamaten­de kwivdj bece- la ukusebenzi­sana nabo.

U-edwina Brown oyi-vdj Marquee Village Co-ordinator utshele ILANGA Langesonto ukuthi akazi lutho ngemabala.

“Angikaze ngiyibone ohlwini lwethu imabala Noise, angazi-ke noma ibhalise ngelinye igama yini,” usho kanje kafushane kodwa waqiniseki­sa ukuthi sekuvaliwe ukwamukelw­a kwezicelo. Uyalele intatheli ukuba ibheke naseboom Town, ukuthi ayikho yini khona.

Umhlo Gumede okhulumela imabala uthi bazobe bekhona nakulo nyaka.

“Abantu bahlushwa yini ngetende lemabala? Sikhona thina futhi kade sayibekisa indawo. Sizoba netende elinezitez­i ezintathu nonyaka. Uyazi thina asijahile ngoba kasenzeli imali, kasidayisi amathikith­i kodwa kunephupho okumele silifeze.

“Mabalinde nje abantu, izinhlelo zethu sizozimeme­zela ngesonto elizayo futhi bakhona nabaculi baphesheya esigabe ngabo nabakithi,” usho kanje ugumede.

Umikazi wemabala Noise yena ethintwa yileli phephandab­a ukuqinisek­isile ukuthi itende labo lithuthile lapho belikhona nyakenye, wathi liya kwenye indawo

Sizoba netende elinezitez­i ezintathu nonyaka. Uyazi thina asijahile ngoba ka...

 ?? ISITHOMBE: JOHN HLONGWA ?? YIWO amatende okusuke kuphithize­la kuwo osaziwayo nezitatany­iswa emcimbini waminyaka yonke odonsa amehlo, ivodacom Durban July.
ISITHOMBE: JOHN HLONGWA YIWO amatende okusuke kuphithize­la kuwo osaziwayo nezitatany­iswa emcimbini waminyaka yonke odonsa amehlo, ivodacom Durban July.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa