Ilanga Lempelasonto

Bakhumelan­e umlotha Noise

Lokhu kwethuse abalandeli

- SANDILE MAKHOBA

KUSHUKUME inkundla yokuxhuman­a i-twitter, urikhado Makhado odume ngelikarik­y Rick ememezela ukuxolelan­a kwakhe nabemabala Noise.

Phambilini lo mculi wamangaza abaningi edalula ukuthi akasahlang­ani nenkampani abeqopha ngaphansi kwayo imabala Noise, abantu basala bezibuza ukuthi ngabe yini emxoshile.

Abemabala nabo bephendula besabisa nangokumbo­pha ngokwephul­a inkontilek­a abebeyisay­inile. Yize noma imibuzo yayimining­i kodwa akekho phakathi kwabo oke waphumela obala ukucacisa ukuthi ligqabulwe yini igoda.

Maphakathi naleli sonto uriky ubhale kwi-twitter ukuthi impi isiphelile phakathi kwakhe nemabala Noise. Lokhu kwethuse aba- la-ndeli bakhe abaningi. Abanye be-bembuza ukuthi imnikeze malini imabala Noise ukuze ehlise umo-ya kwazise ubeshisa.

Abanye befake ama- meme, anobuso obukhombis­a ukwethuka, betshengis­a ukungayikh­olwa lento ayibhalile.

Uriky udalule ukuthi bakhethe ukuhlukana ngokuthula njengoba yena esezogxila enkampanin­i yakhe imakhado Makhado Agency.

“Ayisekho impi phakathi kwami nemabala Noise. Ngikhethe ukukudluli­sa konke ngiqhubeke­le phambili. Umuntu nomuntu usezoziseb­enzela,” kuchaza uriky kutwitter wakhe.

Ubefake isithombe lapho ehlezi khona noreggie Nkabinde ongumphath­i omkhulu wemabala Noise. Ethintwa YILANGA Langesonto ureggie ukuqinisek­isile ukuthi sebethelel­ene amanzi, wathi bakhethe ukujabhisa izitha.

“Imabala Noise inezitha kanti noriky unezitha. Bonke laba bantu bese besizakele ngengxaban­o yethu. Sibone kungcono siyiqede ngoba ayisiseben­zeli thina kodwa isebenzela izitha,” kusho ureggie. Uqhube wathi bazobe bejabula naye nje uriky emicimbini eminingi abanayo ngevodacom Durban July.

“Sizobe sigijima naye yonke imicimbi yethu ngojuly. Uriky umfana wami engimthand­a kabi,” kuchaza yena.

Uveze ukuthi emicimbini abanayo ngojuly eyandulela umcimbi omkhulu, lapho bezoletha khona abaculi baphesheya abathathu kanye nabalapha emzansi abanohlonz­e.

Yize noma engabadalu­langa ngamagama kodwa uthe bazokhipha isitatimen­de maduze nje esizobe siqukethe uhla lwabaculi abazobe bekhona.

 ?? ISITHOMBE: TWITTER ?? URIKHADO Makhado nesikhulu semabala Noise ureggie Nkabinde bedla ndawonye ngemuva kokuthelel­ana amanzi.
ISITHOMBE: TWITTER URIKHADO Makhado nesikhulu semabala Noise ureggie Nkabinde bedla ndawonye ngemuva kokuthelel­ana amanzi.
 ?? ISITHOMBE: ZALEBS ?? NGEKE iphinde iphele ekacassper Nyovest NO-AKA
ISITHOMBE: ZALEBS NGEKE iphinde iphele ekacassper Nyovest NO-AKA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa