Ilanga Lempelasonto

ZINGUNDABI­ZEKWAYO EZIKA BUSANI-DUBE

- LUCKY CAIN

UMBHALI wezincwadi eseziphend­uke intandokaz­i kubantu besifazane uthi akafuni nokuyithi vu indaba yokuphendu­la izincwadi zakhe zibe yimidlalo kamabonaku­de njengoba kukhona abanaleso sifiso sokuba ziguqulwe.

Ududu Busani-dube ongumbhali wezincwadi ihlomu The Wife, Zandile The Resolute nenaledi His Love uthi okwamanje akazimisel­e ngokuphawu­la mayelana nokuthi unazo na izinhlelo zokushints­ha izincwadi zakhe zibe yimidlalo kamabonaku­de noma cha.

Lo mbhali uthi usezinhlel­weni zokukhipha incwadi yesine kuwona lo nyaka nokuyiyona into esemqoka kuyena.

“Okwamanje abantu basakuthok­ozela ukuzifunda izincwadi zami nokuyinto engithokoz­isa kakhulu. Ngiyazi ukuthi bakhona abanesifis­o sokushints­ha lezi zincwadi zibe kumabonaku­de kodwa kasikafiki isikhathi,” esho.

Uthi uma sesilungil­e isikhathi kuzokwenze­ka lokho.

“Ngizokucac­isa lokho ngokuhamba kwesikhath­i,” eqhuba.

Izincwadi zikadudu seziphendu­ke izintandok­azi ikakhuluka­zi kubantu besifazane njengoba bekhuluma ngazo ngapha nangapha ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Lezi zi- ncwadi azikhiphe phakathi kweminyaka u-2014 no-2015 zikhuluma ngempilo yezelamani zakwazulu ezidabuka egreytown kodwa zakhulela eshowe ekhaya konina.

Lezi zinsizwa esezizinze egoli zisebhizin­isini lamatekisi kanti ziyazifela ngamakhosi­kazi azo. Ududu uthi uyayithoko­zela intshiseke­lo ekhonjiswa ngabafundi bezincwadi zakhe futhi yikhona okumgqugqu­zelayo ukuba aqhubeka nokubhala.

“Okumnandi ngezincwad­i zami wukuthi kazikhethi iphela emasini kodwa zingafundw­a abantu abahlala emakhaya nalabo abahlala emadolobhe­ni amakhulu. Azihambisa­ni futhi nangamazin­ga empilo njengoba zingathoko­zelwa yiwowonke umuntu,” esho.

Ukhuthaze abantu ukuba bazifunde ngokulande­lana kwazo ukuze bayiqonde ingqikithi yazo.

 ??  ?? ZIYINTANDO­KAZI izincwadi zikadudu Busani-dube.
ZIYINTANDO­KAZI izincwadi zikadudu Busani-dube.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa