SIZIPHOLELE:
ey boo boo, nanka ama’chankura’ azosenza sihlale butepu”. Lawa ngamanye amagama asetshenziswa yisilomo somlingisi, untokozo Msibi, oyintandokazi kulezi zinsuku emdlalweni owuchungechunge Uzalo, okhonjiswa phakathi nezinsuku KWISABC 1.
Umsibi ulingisa indawo kaAmos Ma-ada kulo mdlalo ongenye yehamba phambili ngababukeli emidlalweni kamabonakude ewuchungechunge eningizimu Afrika.
Ama- meme anobuso buka-amos Ma-ada athe chithi saka ezinkundleni zokuxhumana kulezi zinsuku kwazise indawo ayidlalayo ichaza abaningi kulo mdlalo.
Ukuthola ucingo lungazisa ukuthi ngizoba nengxoxo no-amos kwenze ngafikelwa wuhleko oluncane ngicabanga lo mlingisi nangendlela ayilingisa ngayo le ndawo. Ufika emahhovisi ELANGA uhambisana nomculi we- kwaito utzozo amchaza njengomfowabo.
“Hhola boss,” engibingelela ngaphambi kokuba sidlulele egunjini esizophola kulona.
Uma ngimbuza impilo, uphendula ngendlela asedume ngayo. “Nawe uyazibonela nje, ngibutepu,” esho eshuka izandla.
Echaza ngala magama aqhamuka nawo, uthi uzakhela wona kanti akhombisa ukuba
c rea- tive kwakhe.
“Uyabona uma unikwa indawo ozoyilingisa kubalulekile ukuba uyenze eyakho futhi uqhamuke nezinto ezizokwenza ababukeli bangakukhohlwa,” esho.
Uthi uma ababukeli beyithanda futhi bekhuluma ngendawo oyidlalayo kwenza nababhali babe nengcindezi yokukwandisela iziqephu.
“Ngendlela abakhombisa ukumthanda ngayo u-amos kuyangijabulisa ngoba nabakhiqizi bozalo bakwazile ukuba bangikhulule ngiyidlale ngendlela yami le ndawo,” kusho lo mlingisi abaningi abaqale ukumazi elingisa indawo kachester kwiyizo Yizo yokuqala.
Uthi nakuyona iyizo Yizo ngesikhathi edlala indawo kachester uyenze kwaba ngeyakhe esebe- nzisa isitsotsi sakhe, amanye amagama (esitsotsi) abeziqambela wona.
“Uyabona ukuba iyizo Yizo idlale esikhathini samanje ngabe nayo iya- trenda ezinkundleni zokuxhumana. Nakuba yasheshe yadlala kodwa ikususile ukushisa abantu bekhombisa ukuyithanda. Uma umlingisi umnikeza inkululeko endaweni ayidlalayo wenza naye akunikeze amasi... wodwa,” esho elinganisa nangezandla.
Uthi uzalelwe, wakhulela ezola, esoweto, egoli, kanti akawuvali umlomo ngemfundiso ayithole kupopayi (Thulani Didi) nospinash (Kere Nyawo).
“Uyabona lezi zinsizwa zombili zakhe inqwaba yabalingisi abadumile emzansi kanti nami ngiphuma esandleni sazo. Iyizo Yizo ingithathe kubona njengoba bebesenzisa imidlalo yeshashalazi khona elokishini,” kuchaza untokozo oke wabonakala nasemdlalweni owuchungechunge izone 14.
Ngaphandle kokulingisa uke wacula, wakhipha i- album nomunye wozakwabo abelingisa naye, ugunman (Christopher Kubheka) bezibiza ngogunchester.
“I- kwaito yinto esegazini kimina kanti namanje uzulu (Tzozo) uyangichushisa ngekwaito yesimanje ngoba ngisazimisele ngokuqhubeka nokukhipha enye i- album. Okwamanje ngisasebenzisana nozulu ngoba i- kwaito ebengiyicula
ihlukile kunale esidlisa manje njengoba sekukhonya idurban kwaito,” esho ebonga utzozo kwazise ubesenyamalele kulo mkhakha ngemuva kokuphela kwezone 14 kumabonakude.
Uthi ukuze ayithole nendawo ayidlalayo kuzalo yingenxa yakhe.
“Uyena ongilandile izinto zingasahambi kahle njengoba bese ngigxile emdlalweni weshashalazi, ngihambela izikole ngomdlalo obizwa ngemara Why,” esho echaza ngalo mdlalo ukuthi ukhuluma ngezidakamizwa nangezinkinga ezithinta abantu abasha.
Uthi kuyimanje ungaphansi kwenkampani katzozo, itzozo Projects, futhi banezinhlelo abanazo zokuthuthukisa intsha emkhakheni wezokulingisa.
“Sizosebenzisana nabantu abasha sibakhuthaze, sibaqeqeshe abanye size sibafunele nezindawo abazozidlala emidlalweni kamabonakude eyahlukene,” esho.
Kuke kwaba namahlebezi athi usebenzisa izidakamizwa futhi ucwila kakhulu ezinkambeni zikafaro.
Ukhuze ibhadi ebuzwa ngalezi zinsolo ngaye.
“Uyabona uma ukhula elokishini uyahlangana nabantu ababi abafuna ukungcolisa umqondo wakho kodwa okubalulekile wukuba wazi ukuthi ufunani empilweni,” esho ephika ukuthi uke wadla izidakamizwa.
“Kangizihlanganisi nezidakamizwa yingakho ngiqwashisa nabantu abasha ukuba bazihlangule kulezi zinto futhi baqhelelane nabangani abazisebenzisayo ngoba kuzothikameza ikusasa labo,” esho eshintsha nasebusweni.
Uthi nakuba engumuntu okhululekile kodwa izindawo azidlalayo zihluke kakhulu kuye.
“U-amos ngumuntu odlala ngamantombazane futhi olimaza nekusasa lawo - mina ngiyabahlonipha abantu besifazane futhi ngiyabanakekela,” echaza.
Ukhuluma nje kuyangicacela ukuthi uyazifela ngokukhuluma. Udalule nokuthi ungumfowabo omncane kazakhele
Msibi odlala indawo kasunday
Nkabinde emdlalweni owuchungengechunge Isibaya okhonjiswa kwimzansi Magic.
“Sihlukene ngomama kodwa sinobaba oyedwa. Siyaxhumana naye kakhulu,” kulanda yena.
Uthi okwamanje useyimpohlo kodwa unazo izingane, nokho akazimisele ukudalula ukuthi zingaki. Uphinde waveza ukuthi usaphila unina, uqueen, kanti uyise akasekho.
Kungicacele ukuthi ukukhuluma isitsotsi yinto yakhe untokozo njengoba yonke imisho engxoxweni yakhe ibiba negama lesitsotsi. Unawo namancoko njengoba ebebuye afake ihlaya ngesikhathi kuqhubeka ingxoxo.