WOZA NAZO MZALA
LEKELELANI bakwethi! Owazi umndeni walo baba okuthiwa umajayvane ngicela awuqoqe wonke, kuzodingidwa udaba lwakhe. Angimazi ubaba omdala kangaka othanda izinto mina. Udaba lwakho seludinga umndeni, kukhuzwe lo mhlolo. Mhlawumbe lo baba uzitshela ukuthi wenza into engcono ngoba nakhu abantu bemthanda kanti lutho, uphazamisa i-youth - phela umjuxuzo yinto ye-youth, akekho ongakwazi lokho. Uma wena uhamba izindawo zokujuxuza, uthi izingane zakho azijuxuze kuphi?
NGINGAKAPHUMI nje ezidudleni, ngisafuna ukucaciseleka ngalesi sdudla okuthiwa ngudj Oros. Wenzani ngempela empilweni we-oros? Uyazi ukuthi iminyaka yakho iyahamba njengoba ungakathathi nje? Kahle hle yini oyifunayo ngempilo yakho?
Ngelinye ilanga ungudj, ngelinye ungumculi wekwaito ongaphumeleli, ngelinye ungumphathi wohlelo!
Uyazi ukuthi njengoba uzidida wena nje uzoshona ungazi ukuthi uyini. Sengidabukela oyobe ephethe uhlelo emngcwabeni wakho ukuthi uyokubiza ngani.
NGIPHOXEKE ngacishe ngawa pha-nsi ngolwesibili ntambama ngizibuyela emhlanganweni osezingeni eliphezulu, ngihamba ngomgwaqo u-anton Lembede (Smith Street) ngabona umculi wami engimhlonipha kakhulu, udumi Mkokstad, eligadula ngezinyawo phambi kwabalandeli bakhe, ehamba ethalaza kungathi ubheka ibhasi afike ngalo. Angiphoxwanga-ke yilokho kakhulu, kodwa into engiqede amandla ukuthi abantu bebengenandaba nawe, bekungathi ubaba nje ozisebenzila efemini. Uze wangena phakathi komgwaqo ezitshela ukuthi bazombuka, kodwa lutho, kwacaca nje ukuthi abamazi. Dumi, kusamele usebenze kanzima mfana wami, abantu bekwazi. Le nto yakho yokwaziwa ematendeni kuphela iyabheda. Usemncane kabi. WE-BHEKA Mchunu, awuvuke ema-qandeni phela nawe manje, ngeke siyimele le nto yakho. Sesingaze sikhumbule utshatha nongizwe? Hhay ngeke BK, phaphama ndoda, uhambele imicimbi yezinsizwa, uzazi zithanda ini. Le nto yokusakaza umaskandi kube sengathi usakaza ezemingcwabo iyamphoxa umzala ngoba phela ubekuthwele ngeqoma. Kufanele uzazi izibongo zezinsizwa, uzibongele emsakazweni. Yazi izinduna zezinsizwa, uzibize kusgiya ngengoma - kuzokusiza kakhulu lokho. Wena Mshengu angifuni nokuyikhuluma eyakho ngoba uyazifikela kodwa nawe phaphama. Nginibhekile!