Ilanga Lempelasonto

WOZA NAZO MZALA

-

LEKELELANI bakwethi! Owazi umndeni walo baba okuthiwa umajayvane ngicela awuqoqe wonke, kuzodingid­wa udaba lwakhe. Angimazi ubaba omdala kangaka othanda izinto mina. Udaba lwakho seludinga umndeni, kukhuzwe lo mhlolo. Mhlawumbe lo baba uzitshela ukuthi wenza into engcono ngoba nakhu abantu bemthanda kanti lutho, uphazamisa i-youth - phela umjuxuzo yinto ye-youth, akekho ongakwazi lokho. Uma wena uhamba izindawo zokujuxuza, uthi izingane zakho azijuxuze kuphi?

NGINGAKAPH­UMI nje ezidudleni, ngisafuna ukucacisel­eka ngalesi sdudla okuthiwa ngudj Oros. Wenzani ngempela empilweni we-oros? Uyazi ukuthi iminyaka yakho iyahamba njengoba ungakathat­hi nje? Kahle hle yini oyifunayo ngempilo yakho?

Ngelinye ilanga ungudj, ngelinye ungumculi wekwaito ongaphumel­eli, ngelinye ungumphath­i wohlelo!

Uyazi ukuthi njengoba uzidida wena nje uzoshona ungazi ukuthi uyini. Sengidabuk­ela oyobe ephethe uhlelo emngcwaben­i wakho ukuthi uyokubiza ngani.

NGIPHOXEKE ngacishe ngawa pha-nsi ngolwesibi­li ntambama ngizibuyel­a emhlanganw­eni osezingeni eliphezulu, ngihamba ngomgwaqo u-anton Lembede (Smith Street) ngabona umculi wami engimhloni­pha kakhulu, udumi Mkokstad, eligadula ngezinyawo phambi kwabalande­li bakhe, ehamba ethalaza kungathi ubheka ibhasi afike ngalo. Angiphoxwa­nga-ke yilokho kakhulu, kodwa into engiqede amandla ukuthi abantu bebengenan­daba nawe, bekungathi ubaba nje ozisebenzi­la efemini. Uze wangena phakathi komgwaqo ezitshela ukuthi bazombuka, kodwa lutho, kwacaca nje ukuthi abamazi. Dumi, kusamele usebenze kanzima mfana wami, abantu bekwazi. Le nto yakho yokwaziwa ematendeni kuphela iyabheda. Usemncane kabi. WE-BHEKA Mchunu, awuvuke ema-qandeni phela nawe manje, ngeke siyimele le nto yakho. Sesingaze sikhumbule utshatha nongizwe? Hhay ngeke BK, phaphama ndoda, uhambele imicimbi yezinsizwa, uzazi zithanda ini. Le nto yokusakaza umaskandi kube sengathi usakaza ezemingcwa­bo iyamphoxa umzala ngoba phela ubekuthwel­e ngeqoma. Kufanele uzazi izibongo zezinsizwa, uzibongele emsakazwen­i. Yazi izinduna zezinsizwa, uzibize kusgiya ngengoma - kuzokusiza kakhulu lokho. Wena Mshengu angifuni nokuyikhul­uma eyakho ngoba uyazifikel­a kodwa nawe phaphama. Nginibheki­le!

 ??  ?? BHEKA Mchunu OROS DUMI Mkokstad
BHEKA Mchunu OROS DUMI Mkokstad

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa