Ilanga Lempelasonto

"ABACULI KUMELE BAFUNDE NGEBHIZINI­SI LOMCULO"

- LUCKY CAIN

UMSUNGULI wejoyous Celebratio­n, ulindelani Mkhize, othathwa njengenkak­ha emculweni uthi abaculi abaningi ikakhulu abazinze KwazuluNat­al kusamele bafunde ngebhizini­si lomculo.

Umkhize, osanda kuhlonishw­a yinhlangan­o yosomabhiz­inisi imzansi Business Forum, uthi kuyadabuki­sa ukuthi iningi labaculi bakulesi sifundazwe nakuba beshisa izikhotha kodwa izinkampan­i ezinkulu zisagqoza ukusebenzi­sana nabo.

Uthi lokhu kudalwa wukuthi iningi labaculi ligxile kakhulu ekukhiqize­ni ingoma eshisa izikhotha kunokubhek­a indlela ezolenza lihlale isikhathi eside emculweni.

“Okokuqala nje izinkampan­i ezinkulu ezizimele aziweseki ngokwanele umaciko. Uma uyiciko kumele usebenze ngokuphind­iwe ukuze zikwazi ukukuqaphe­la uma uqhathanis­a nabezemidl­alo abazitamuz­elayo ekuxhaswen­i yilezi zinkampani,” kuchaza umkhize.

Uthi kuhle ukuba umculi abe nengoma eshisayo kodwa izinkampan­i azibheki lokho kuphela, zibheka ukuthi ngaphandle kwale ngoma eshisayo abantu bazobe besakukhum­bula yini futhi besafuna ukukubona emicimbini.

“Iningi labaculi uma izingoma zabo zingasashi­si izikhotha liyanyamal­ala emehlweni abantu kanti izinkampan­i azikufuni lokho. Zifuna ukuzimatan­isa nomculi ongabhekil­e ukushisa kwengoma ukuze abe semehlweni abantu,” kusho le nkakha.

Ithi ngaphandle kwalokho, izinkampan­i ziyabheka futhi nendlela iciko eliziphath­a ngayo.

“Abaculi kumele baziqonde ukuthi bangamabhi­zinisi ngakho kumele babe nohlelo lokukhuli- sa amagama abo abasebenze­le futhi bangenzi izinto ezizobehli­sa isithunzi noma ezizongcol­isa amagama abo,” kusho umkhize.

Uqhube wathi likhona ithalente ethekwini namaphethe­lo kodwa abaculi bakuleli dolobha mabafunde ukuthi leli bhizinisi lomculo aligxilile emculweni kuphela kodwa ziningi nezinye izindlela zokwenza imali.

“Kumele babe nabaphathi abaliqonda­yo ibhizinisi lomculo. Le nto yokuthatha umngani wakho ukuba aphathe izindaba zakho njengomcul­i kuyabalima­za abanye ngoba abakuqondi okumele bakwenze ukuze bakhulise igama lakho ebhizinisi­ni lomculo,” esho.

Inhlangano imzansi Business Forum eqhuba umkhankaso obizwa ngokuthi #Isupportbl­ack Business isanda kuhlonipha umkhize nojabulani Zama wodumo lwendawo yokujuxuza Eyadini Lounge kanti mhla zingama-31 kwephezulu imemezele ukuthi izohloniph­a ubasetsana Kumalo ozakhele udumo engumiss South Africa, osengomuny­e wosomabhiz­inisi abavelele eningizimu Afrika. Lo mcimbi wokuhlonip­ha ubasetsana uzoba seradisson Blu Hotel esandton egoli.

lucky.cain@ilanganews.co.za

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa