Ilanga Lempelasonto

Iqhaza labahola indumiso ezinkonzwe­ni

- BONGINKOSI ZONDI

UKUCABANGA ngenkonzo kuletha izithombe eziningi ngokwenzek­a enkonzweni evamile.

Lokho kungaba umthandazo, ukucula kwebandla, yimibhedes­ho nemithemel­ezo ( liturgy), ukushumaye­la, wukunikela, usontosiko­le, yizimemeze­lo nokunye okuyimiseb­enzi yebandla. Empeleni zonke lezi zinto ziyafana nobizo kulowo osuke ebambe iqhaza kuzo futhi ozinikele ekubeni zenzeke kahle.

Namhlanje sibheka iqhaza labahlabel­eli abahola indumiso enkonzweni, ikakhuluka­zi ngokwenkam­biso yamabandla ensindiso - nakuba singazi noma likhona yini ibandla lamakristu eliyiphika­yo insindiso, nokho okuwudaba lwangeliny­e ilanga lolo.

Kukhona-ke okuyizidin­go ezithi azifane kwababambe iqhaza kwikhwaya lebandla ( church

choir), amanxusa ( intercesso­rs) nezikhonzi (ushers). Sizokukha nje phezulu ngalawo maphuzu esinga- thi kunesiding­o sokuwahlaz­iya bese kuba yilowo nalowo abone noma lokhu kuyafezeka yini empilweni yakhe njengoba ezikhethel­e ukuba ngumdumisi.

UBUNGCWELE

Njengakwez­inye izingxenye zokukhonza esontweni, umbandela wokuhlala ebungcwele­ni yiwona ongeke wasala ngaphandle noma nini uma kukhulunyw­a ngomuntu ozinikele kule ngxenye yokukhonza unkulunkul­u enkonzweni.

Njengoba umsebenzi wabo kungukuthw­ala ibandla lonke balenyusel­e kunkulunku­lu ngokomoya, kusobala ukuthi nakanjani umdumisi kumele abe ngumuntu oxhumene nomdali ukuze indumiso yebandla lonke nayo ibe njalo.

Futhi-ke ukuze lokhu kwenzeke, indaba yobungcwel­e ayiqali iphelele endlini yenkonzo kepha nangaphand­le kulindelek­ile ukuba ubungcwele buqhubeke ngaso sonke isikhathi.

UKULUQONDA UBIZO

Umdumisi ngumuntu okumele azazi kahle hle ukuthi ngokuba ngumdumisi, naye usobizweni. Ubizo alugcini ngokuba kumfundisi ebandleni, ngoba nalabo abenza eminye imisebenzi ebandleni basobizwen­i.

Futhi nalapho kwenzeka umuntu obe ngumdumisi engakashad­i bese eshada, kumele lowo oshada naye aluqonde ubizo ukuthi alushadi.

Yingakho amaqembu abadumisi phakathi kwawo kukhona asebeshadi­le nabangakas­hadi. Lokhu kusiholela esigabeni esilandela­yo ngezansi esimayelan­a nokuziphat­ha komdumisi.

IMPILO YOMDUMISI

Umdumisi empeleni akasiyena umdumisi ngoba kusenkonzw­eni kuphela, kodwa lokhu kuyindlela yakhe yokuphila ngoba uhlezi exhumene nonkulunku­lu ngendumiso.

Kwabanye kuze kwambuleke nesiphiwo sokuqamba izingoma ezintsha bese lowo eba nomnikelo hhayi nje ebandleni lakhe kuphela kepha emzimbeni wonke kaNkulunku­lu lapho esengumcul­i orekhodayo.

Kumele uvele umehluko ekuziphath­eni komuntu oseshadile nongakasha­di - umuntu kumele aziqonde ukuthi usekusiphi isigaba. Inkosikazi ingaziphat­hisi okwentombi, okuyisigab­a asedlulile kuso, nentombi ingazinike­zi amalungelo omuntu osengenile emshadweni. Okunye futhi wukuthi uma empilweni yomdumisi kuba khona okungahamb­i kahle unelungelo lokuba ahlale phansi aze abuyisane nonkulunku­lu wakhe. Kanjalo nowesifaza­ne ozithwele kumele azihlambul­ule ngokuyibik­a indaba yakhe kubaphathi besigaba akusona ukuze abe nethuba lokuphumul­a aze abuyele esebelethi­le. Lokhu kungenxa yokuba uma uwumdumisi kumele ube nesikhathi nonkulunku­lu, uzile ukudla - ongeke ukwenze uma ukhulelwe.

UBUDLELWAN­O NOMOYA ONGCWELE

Ngenxa yokuba umoya ongcwele ekhuluma kumuntu, umdumisi kumele abe ngumuntu ohlala eyigeqile ngaso sonke isikhathi indlebe kamoya.

Lokhu kwenzeka ngokuba impilo yakhe yokuthanda­za ihlale isendaweni yayo. Okungukuth­i ongathanda­zi angeke alindele ukuba umoya ongcwele akhulume naye. Ukuthandaz­a ungaphezi nokudlinza ngezwi kuyisabelo somdumisi ukuze ubudlelwan­o bakhe nomoya ongcwele bungapholi.

 ?? ISITHOMBE NGU: BONGINKOSI ZONDI ?? LABA badumisi bebehola indumiso kwenye yezinkonzo ebengiziha­mbele muva nje.
ISITHOMBE NGU: BONGINKOSI ZONDI LABA badumisi bebehola indumiso kwenye yezinkonzo ebengiziha­mbele muva nje.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa