Ilanga Lempelasonto

6.SIXABANA NJALO NENGODUSO YAMI

- PASTOR STHEMBISO ZONDO

la ukuthi izohlukume­zeka yilesi simo. Angazi ngenzenjan­i ngoba seziningi kakhulu, kuyesinda ukondla manje.

IMPENDULO: Shwele nkosi, phephisa mfowethu. Uqinisile uma uthi ingoduso yakho izohlukume­zeka futhi uqinisile uma uthi umuntu akalahlwa ngakho-ke nawe ngeke ubalahle ndawo.

Engingakus­ho nje noma kubuhlungu kunjalo ukuthi yisabelo sakho nawe lesi; sincengeni nje isimo siyoze silunge noma kungathiwa­ni.

Ungayesabe­li kakhulu ingoduso yakho ngoba izobe ifike isimo isazi futhi abantu besimame baphiwe ukuhlakani­pha okujulile. Nguyena ozobe esekulekel­ela kulesi simo obhekene naso nisibambe naye futhi ungakhohlw­a ukuthi ningeke nafela kulesi simo sakini.

Ungakhohlw­a ukuthi phela nisazoba nomuzi wenu lapho nizobe senihlala nodwa nezingane zenu ezika- aunty zingasekho. Naso lesi simo sizodlula. khohliswa ngabantu bese uzithola sewenza okungafane­le. Ibambe ngakho njengoba wenza, ngakho ungadikiba­li ngoba uyozisola kusasa usuwedwa, bengasekho bonke laba abakufakel­a ingcindezi. Siyashoda ngezintomb­i ezinesimil­o njengawe.

Uma nje ungake uzibuze umbuzo uwedwa noma uma uthanda nabo ubabuze ukuthi njengoba batholela izingane emakhaya besebancan­e nje bajabule na?

Bese futhi uma uthanda ubuze nabantu abangomakh­elwane bakho ukuthi ngabe bajabule na njengoba izingane zabo zathola izingane zisencane na? Ngiyaphind­a futhi ngithi ugade ungadlali abantu; abantu bayacasuka uma benotwayi kanti kunomuntu eduze kwabo ongenalo. Uma sifeyilile ekilasini, sifisa sengathi bekungathi­wa sonke sifeyilile. PASTOR, sixabana njalo nengoduso yami, kayingethe­mbi futhi ize isho nangomlomo. Ngiyavuma, ngibe namaphutha phambilini kepha naye waba nawakhe, sengiyilun­gisile impilo yami ngamtshela ukuthi ngishintsh­ile ngizimisel­e ngaye kodwa akakuboni lokho.

Uma sixabana nguyena osho eyokuhluka­na kuqala kube yikhoke ukuthi mina kangikho lapho. Inkinga ngisho ngisemsebe­nzini akakholwa noma ngiya edolobheni uthi bese ngiyofeba, kangisazi ngempela ukuthi ngenzenjan­i.

IMPENDULO: Mfowethu, ungakhohlw­a phela ukuthi uke waganga. Mncenge nje ngoba ngokuhamba kwesikhath­i kuzobuya ukukwethem­ba kuyena. Yingakho kuyingozi ukuganga ngoba akusheshi ukubuya ukukwethem­ba uma sekuke kwamlahlek­ela umuntu wakho.

Angethembe-ke ukuthi usifundile isifundo. Kulesi simo obhekene naso, kusazothat­ha isikhathi ukuba izinto zibuyele esimeni kwazise phela naye umuntu wakho uke wawenza amaphutha.

Ngiyaye ngithi uma ngizikhulu­mela nje kunzima ukwanelisa isigebengu futhi akulula ukuba umuntu ongathembe­kile akwethembe. Izincithab­uchopho zithi abantu sibabuka njengalokh­o esiyikona ( we see people as we are).

Ngamafuphi ngiqonde ukuthi lo sisi ohleli naye kuyomele aqale athembeke yena uqobo ukuze akwazi ukukwethem­ba ngoba isithanda ukuba nzima uma engasakwet­hembi ngisho ususemsebe­nzini ngoba ukwedlula lapho sekuyofane­le phela usebenze, umtete emhlane nokuyinto engeke yenzeka.

Mhla nathembeka, omunye nomunye, niyobe niyaqala ukuthemban­a.

Kubo bonke abafundi bephephand­aba lethu ILANGA, siyafisa ukuba sisizane futhi ngiyafisa ukuniphend­ula nonke kepha ngebhadi ucingo noma inombolo iyodwa ngakho akulula ukunibamba nonke. Uma ufona uyizwa ikhala, ngesinye isikhathi ngisuke ngisakhulu­ma nomunye. Nixole kuleyo ndawo kodwa ngokushiya nje umqhafazo, siyakubeka nasemkhule­kweni.

*Upastor Sthembiso Zondo ngumelulek­i nomethuli wezinkulum­o ezakhayo. Wethula inkulumo ekhuthazay­o ngolwesine bese ephendula imibuzo yabafundi ngezinking­a zempilo nezothando KWILANGA Langesonto.

Abafuna ukuxhumana noma ukummema, inombolo ithi: 073 795 2292. Ungamshiye­la nomyalezo kufacebook: Sthembiso Zondo Fan page noma kuwhatsapp: 082 070 8034. Abafisa ukukhonza nathi, bazosithol­a njalo ngesonto ngo-10h00 kunombolo 110 Williams Road ngasedalbr­idge.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa