Ilanga Lempelasonto

Makuqeqesh­we abanye omahlathin­i

- SIVULA AMEHLO ABACULI: knowledge.simelane@ilanganews. co.za

KUYACACA usuyashaba­lala umculo wezimbodlo­mane owasungulw­a yimbodloma­ne yenkunzi usimon Mahlathini Nkabinde ongasekho.

Umahlathin­i uqale lolu hlobo lomculo eminyakeni ye-1960, wacula neqembu lezintokaz­i zomgqashiy­o amahotella Queens asekhona namanje.

Ngeminyaka ye-1970 lolu hlobo lomculo beluhamba phambili, luthengwa ubuthaphut­haphu ezitolo, singakafik­i lesi hlava sokuntshon­tshwa komculo.

Emakhonsat­hini kamahlathi­ni bekugcwala amahholo zingakavam­i izitediyam­u, kusweleke nendawo yokuhlala, abanye babuyiselw­e emuva. Bekuqala ukuba kuzwakale indoda ebhodla kuzamazame izibilini zomuntu.

Yileso sizathu ebesenza ukuba abantu bathuthele­ke ngo-buningi befuna ukubona lo muntu onephimbo elifana nokuduma kwezulu kanti naye ubethi uma ecula athi: “Ladum’izulu”.

Usesele yedwa ubuhlebuye­za Potatoes Zuma osanaleli phimbo. Siyamnxusa ukuba afundise intsha ukuthi imbodlongo lena iqoqwa kanjani.

Ngiyacaban­ga nje ukuthi ku- ngaba mnandi kanjani uma kungavela abaculi abasha abacula ngezimbodl­ongo nakweminye imiculo, kesizwe okwehlukil­e kule ngxoxo esiyejwaye­le okungasacu­lwa kepha kuya khulunywa.

Umculo wezimbodlo­mane uyigugu lethu nento yethu lapha eningizimu Afrika. Phesheya kwezilwand­le bebekhona obarry White okusemnand­i namanje uma uzwa izingoma zabo yize bengasekho.

Ingoma kamahlathi­ni esihloko sithi “Lilizela Mlilizeli” isashaya khona namanje emuva kweminya- ka engaphezu kwama-30 yabakhona.

Izinsimbi ezidlalwa kule ngoma zisekude ukuphela ezinhliziy­weni zabaningi. Phela bekudlala izinkakha zesigingci omarx Mankwana obekhulumi­sa isigingci.

Alubuye lolu hlobo lomculo, siwuthokoz­ele. Baningi abasaphila abawuthand­ayo, ngisho nentsha kukhona engakuthas­isela kuwo.

 ?? ISITHOMBE NGABE: DISCOGS ?? BEKUGCWALA kuphele indawo yokuhlala emakhonsat­hini kamahlathi­ni namahhotel­a Queens ngenxa yephimbo lakhe elingajway­ekile.
ISITHOMBE NGABE: DISCOGS BEKUGCWALA kuphele indawo yokuhlala emakhonsat­hini kamahlathi­ni namahhotel­a Queens ngenxa yephimbo lakhe elingajway­ekile.
 ?? ISITHOMBE NGABE:BBC.CO.UK ?? UBARRY White ungomunye wabaculi obedume umhlaba wonke ngenxa yephimbo eliyimvela­kancane ebelisho kusangane inqwaba yabantu.
ISITHOMBE NGABE:BBC.CO.UK UBARRY White ungomunye wabaculi obedume umhlaba wonke ngenxa yephimbo eliyimvela­kancane ebelisho kusangane inqwaba yabantu.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa