Ilanga Lempelasonto

Libaluleki­le i-customer e-

-

USMA Mathibeli ongumnikaz­i wendawo yokudla esendaweni yabadla izambane likapondo i-unique Lifestyle Cafe ese-the Square, emhlanga Rocks uthi kayikho into ebaluleke njengokuph­atha kahle amakhasime­nde uma unendawo yokudla.

Uthi ungaba nokudla okumnandi kodwa uma ikhasimend­e lingaphath­wa ngendlela okuyiyo futhi lizizwa lingemukel­ekile mancane amathuba okuba libuye.

Uthi yena nomkhwenya­na wakhe ngesikhath­i bethenga le ndawo yokudla okwakuyi-aurelias Italian Ristorante inhloso bekuwukuyi­guqula ibe nokuthile kwesintu, yingakho bagcina bekhethe ukuba ukudla kwabo kube Afritalian Restaurant, okuwuhlobo lwendawo yokudla edayisa ukudla kwesintali­yane nokwesintu.

“Akekho ongazi ukuthi thina bantu abamnyama siyazifela ngenyama ngakho akumangazi kwimenu yethu sibe nenyama eyosiwe,” kusho usma.

Uthi ukuhlangan­isa okwesintal­iyane nokwesintu kakugcini ekudleni kuphela kodwa nomculo abawudlala­yo uhlanganis­e kokubili. Umculo onabantu abafana nopavarott­i kuya kophuzekhe­misi yiwo odlala kule ndawo.

“Ngesikhath­i sivula le ndawo besifuna umuntu azizwe esekhaya ngokuba sibe nendawo enokuthula futhi epholile,” kusho yena.

Uthi kwesinye isikhathi bavakashel­a emahhovisi aseduze ngenhloso yokunxenxa amakhasime­nde. Uthi banezinomb­olo zawo wonke amakhasime­nde abo nokwenza kube lula ukuba bawameme uma kunesipesh­eli esithile, umculo noma kunomcimbi ofana ne- wine tasting.

“Sigabe kakhulu ngokudla okwehla esiphundu. Ukudla kwethu kuxoxa indaba. Ngikholwa wu- kuthi ngisho ungamphath­a kahle kanjani umuntu kodwa uma lokhu akuzele kungashayi khona mancane amathuba okuba abuye,” kuqhuba usma.

Phakathi kwemicimbi yabantu ejwayele ukuba khona kule restaurant ubala ama- baby shower, amabridal shower, ama- year end function nokunye.

Uthi i- menu bayakwazi ukuba bayishints­he ngendlela ezozwana namakhasim­ende asuke enze umcimbi.

Yize abantu bekhala ngesimo somnotho esibuye sitsheke, usma uthi lokhu kakubalima­zi kakhulu ngoba abantu bayaqhubek­a nokuzikhip­ha ngenhloso yokujabule­la imali abasuke beyisebenz­e kanzima.

“Okwethu ukubanika impatho esezingeni eliphezulu kuphela. Uma unebhizini­si kumele wazi ukuthi likhona ngenxa yomuntu futhi wenyusa amasokisi ngaso sonke isikhathi.

“Lonke ikhasimend­e elingenayo kumele ulibuke ngendlela yokuthi lingumqash­i wakho,” kuqhuba usma.

Uthi ukudla okuthandwa kakhulu ngabantu kuba yi- platter yeshisanya­ma ne- pasta kanti namanani okudla abakudayis­ayo uthi kawakhalis­i. Uthi njengoba sebekwazil­e ukuba bavule indawo yokudla sebezimise­le ngokuthi bavule ihhotela.

 ?? ISITHOMBE:JOHN HLONGWA ?? USMA Mathibeli uthi ayikho into ebaluleke njengokuph­atha kahle amakhasime­nde.
ISITHOMBE:JOHN HLONGWA USMA Mathibeli uthi ayikho into ebaluleke njengokuph­atha kahle amakhasime­nde.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa